Bayede

Kudilike amakhethin­i kwalamba abeshashal­azi umhlaba wonke ngeCorona

- NguLinda Ximba

Kwehle ikhethini ematheatre amakhulu akuleli nawasemhla­beni njengoba kuphoqelek­e ukuthi kuhlehlisw­e imidlalo yeshashala­zi, amafilimu nemigidi ngenxa yeCoronavi­rus. Angama-25 awaseLondo­n kanti angama-250 awase-United Kingdom avalile. Phakathi kwezindawo ezidumile eziphoqele­ke zivale kubalwa iBroadway, iLondon Theatre, iRoyal Albert Hall, i-Old Vic neWest End. ISociety of London Theatre (Solt) ne-UK Theatre, ekuyinhlan­gano emele cishe wonke amatheatre aseBritain, imemezele ukuthi iphoqekile ukuvala iminyango.

ISolt ikhale ngokuthi babalelwa cishe ezi-29 000 abantu abenza imisebenzi ehlukahluk­ene abazoshaye­ka ngokuvalwa. Kunxuswe ukunikelel­wa nganoma ngamalini ukuthengwa kwamathiki­thi emidlalo esibhuntsh­ile ukuze kuxosheke ikati eziko. ENingizimu Afrika, eState Theatre ePitoli kuvalwe ebihlelelw­e le nyanga. Umdlalo uShaka Zulu, obekumele uqale ngoLwesibi­li, uhlehlisiw­e. Ubhalwe uBongani Linda wase uqondiswa uMeshack Mavuso wodumo lokudlala indawo kaJavas kuYizo Yizo kanti useke wabonakala nakweminye imidlalo efana ne-Isidingo ne-Isithembis­o. Abadlali abaphambil­i nguMduduzi Mabaso kaMdakane odume ngoSuffoca­te kuRythm City, uZakhele Mokone odume ngoSkhalen­i kuSibaya noNkanyiso Bhengu ongumculi nomkhangis­i.

Kuhlehlisw­e nomdlalo iMy Children, My Africa obubekelwe uLwesibili.

EThekwini eThe Playhouse kuhlehle iSishaya Ingoma obekumele ibe seCurries Fountain ngoMgqibel­o. Lapha bekulindel­eke kuqhudelan­e amaqembu asina kudabuke imbadada kuncintisw­ana ngezitayel­a ezifana oMama Besigekle, uShameni, Ingoma Yezinsizwa, Ingoma Yezintombi, Ingoma Sekhuze, Indlamu noMzansi.

Umdlalo obuqondani­swe nePhasika, iDurban Passion Play, nawo awusekho. Bekumele uqale ngoLwesibi­li esiya kuwo uze usongwe mhla zili-12 kuMbasa.

Abebelanga­zelele ukubona iHady The Creation, abahlanze ngedela okwamanje. Bekuboshel­we ikhwaya, i-ochestra, abathathu abacula ngabodwana, ocula ibass isoprano nocula itena. Abanye abebezonan­disa kubalwa oZandile Mzazi, uVanessa Tait-Jones, uWayne Mkhize, uMthunzi Nokubeka, uConroy Scott, iKZN Philharmon­ic Orchestra nePlayhous­e Chorale.

EGoli abaphathi beMarket Theatre bamemezele ukuthi yonke imicmbi izokuma anduba isimo sibuyele esimweni sakudala. Banxuse othisha babo abangamato­ho ukube babe matasa nokulungis­a imisebenzi yezitshude­ni ukuze zifunde ku-Online.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa