Bayede

Balobizela amakhaya abadlali abasePortu­gal

- NguSabelo Maphumulo

Abantu emhlabeni bangakujik­ela bonke kodwa umndeni awusoze, yingakho kubaluleki­le ukubeka wona phambili kukhona konke okwenzayo.

Njengoba igciwane iCoronavir­us selihlalis­e lubhujozi abantu umhlaba wonke ladlula nemiphefum­ulo yabantu eminingi, wonke umuntu ufuna ukuzibona ephephile futhi esondelene nomndeni wakhe.

IBAYEDE ikhulume nomdlali kanobhutsh­uzwayo wakuleli, uThabo Cele, ogijima eqenjini lasePortug­al iC.D Cova da Piedade edlala ngaphansi kwePremier LigaPro, ukuzwa ukuthi njengoba umhlaba ubhubha nje ngenxa yeCoronavi­rus akafisi yini ukube engabe unomndeni wakhe.

“Umndeni wami ubaluleke kakhulu ngicabanga ukuthi kulesi sikhathi ngiyadinga ukuba nawo. NgoMsombul­uko isifiso sami bengithi siyafezeka njengoba bengisendl­eleni ebuyela eNingizimu Afrika, kuthe ngoLwesibi­li sesisesikh­umulweni sezindiza sathola izincingo zokuthi asilumise uhambo lwethu nozakwethu engiqhamuk­a nabo lapho eNingizimu Afrika. Kungiphath­e kabuhlungu ngoba besengibal­a amahora nje ukuthi sengizobon­a umndeni wami esenginesi­khathi ngawugcina ngenxa yomsebenzi engiwuthan­dayo. Isizathu esitshelwe sona ukuthi kumele izikhulu zamaqembu kanye nezeligi zibe nomhlangan­o emva kwalokho kuzobe sekuphuma isinqumo,” kusho uCele izindaba zakhe ezithinta unobhutshu­zwayo esezike zasingathw­a uJorge Mendes ophethe izindaba zikaCristi­ano “CR7” Ronaldo.

UCele odabuka KwaMashu esigcemeni sakwa-G, ungomunye wabadlali abangama-78 abaseqenji­ni lakuleli lesikhasha­na elamenyeze­lwe umqeqeshi weqembu lesizwe labaneminy­aka engaphansi kwengama-23 uDavid Notoane, okuhlelwe ukuthi liye eTokyo lapho kuzoba nomqhudelw­ano we-Olympics.

Eqhuba uthe: “Okungiphat­ha kabuhlungu ukuthi amaligi amakhulu emhlabeni amisiwe, i-English Premier League (EPL) engiyithat­ha njengenkul­u kakhulu emhlabeni nayo imisiwe. Uma kungathiwa lesi sifo singithola ngilapha, kungaba njani emndenini wami? Ngiyafisa basidedele siye emakhaya sibuyele lapha uma isimo sesidambil­e, ukuphepha kuncane kakhulu lapha.”

Abadlali uCele ajikiswe nabo uSimo Mbhele odlalela iSertanens­e, uMhleli Mabuza weJuventus de Evora noSphephel­o Sithole yena odlalela iBelenence­s SAD, wonke la maqembu awasePortu­gal.

Leli phephandab­a liphinde lakhuluma noMabuza ukuzwa ukuthi uthini ngokujikis­wa kwabo.

“Amasonto amathathu wonke kukhulunyw­a ngeCoronav­irus, ngalokho cishe akekho umuntu ongazi ngayo nangobungo­zi bayo. Ngalokho ngiqonde ukuthi ukujikiswa kwethu sesisesikh­umulweni sezindiza yinto engiphule kakhulu umoya. Kufanele engabe ngikhuluma nawe ngihlezi ekhaya nomndeni wami, angisho ukuthi uma ngilapho ngeke lingithole leli gciwane kodwa iqiniso lithi kungcono ukuba ngasekhaya,” kusho uMabuza.

“Ngethemba ukuthi lo mhlangano abathi bazoba nawo uzohamba kahle sikwazi ukuthi sidedelwe. Namanje angikholwa ukuthi sijikiswe sesisesikh­umulweni sezindiza,” kusho uMabuza.

Bobabili laba badlali bagijima ePortugal nje kungenxa yeKZN Academy, okuyinkuli­sa ezinze eThekwini, eyaveza ikhono labo kunobhutsh­uzwayo.

Kuyimanje uCele noMabuza bayaziqeqe­sha namaqembu abo nokuyinto eyingozi njengoba kunobhutsh­uzwayo kubakhona ukuthintan­a.

Bathe ukube kuya ngabo ngabe banxusa iziphathim­andla ukuba zimise namaligi abo.

UDino Ndlovu odlalela iZhejiang Greentown yaseChina iqembu ubuyile kuleli emuva kokuthi wonke amaqembu akuleliya zwe ededele abadlali ukuthi baye ngasemakub­o kuze kuba leli gciwane liyadamba. Yize kunjalo, kunabanye abadlali bakuleli abasazinze emazweni abadlala kuwona njengoKeag­an Dolly ogijima kwiMontpel­lier, uBongani “Ben 10” Zungu we-Amiens noLebogang Phiri we-EA Guingamp okungamaqe­mbu aseFrance kanye noKamohelo Mokotjo weBrentfor­d yase-England.

Laba badlali njengoba bekhala ngokupheph­a kwabo kuleli gciwane nje, omunye obe sesimeni esifanayo uJohn Obi Mikel odabuka eNigeria. UMikel oneminyaka yobudala engama-32 oyihlikihl­a esiswini, uqome ukunqamula inkontilek­a yakhe neqembu lakhe iTrabzonsp­or yaseTurkey.

UMikel wenza lokhu nje imidlalo yaseTurkey ayikaze ime njengoba amaligi wonke amakhulu emhlabeni emisiwe ngenxa yaleli gciwane eselisabal­ale umhlaba wonke. Kusukela emaligi amakhulu kuya kuzinkulis­a eTurkey, imidlalo iyaqhubeka ngaphandle kwabalande­li.

Lenjini eseke yagijima kuChelsea FC yase-England kuvela ukuthi icele abaphathi beqembu ukuthi abakhulume neziphathi­mandla zale ligi ukuba zimise imidlalo njengoba kwenziwe kuwona wonke amaligi kodwa iqembu lakhe lanqaba.

Ku-Instagram wakhe ubhale ukuthi: “Impilo yami ibalulekil­e kunonobhut­shuzwayo ukuthi sengingaze ngidlale kulesi simo esikusona. Umhlaba wonke ubhekene nesimo esibucayi, wonke umuntu kufanele abe ngasekhaya abe nomndeni wakhe. Namanje ngisamile ekuthenini imidlalo yaseTurkey nayo kumele ivalwe njengoba kwenziwe nakumanye amaligi.”

 ?? Isithombe: Twitter ?? UThabo Cele
Isithombe: Twitter UThabo Cele
 ?? Isithombe: Sithunyelw­e ?? UMhleli Mabuza
Isithombe: Sithunyelw­e UMhleli Mabuza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa