Bayede

UMokoena nekhasi elisha kuChippa, kodwa….

- NguLinda Ximba

Uma itekisi ligingqika kuvame ukuthi kulimale umshayeli noma abagibeli. Isenzo somqeqeshi uRhulani Mokoena sokuxosha abadlali abahlanu abayizinsi­ka kuChippa United, singafanis­wa nalesi sibonelo.

Kuchwaze izinkundla zokuxhuman­a ntambama izolo ngesikhath­i kuputshuka umbiko othi iChippa isikhulule uKurt Lentjies, u-Andile Mbenyane, uThabo Rakhale, uLehlogono­lo Masalesa noDiamond Thopola.

Laba badlali bathathwa njengabada­la kule kilabhu yasePort Elizabeth kanti ukuchithwa kwabo sekusele imidlalo emihlanu kusongwe isizini, kwenyuse izinhlozi kwabaningi.

Abalandeli bokuqina bamaChilli Boys bangenwe ingebhe kwazise iqembu labo lingelaman­ye avika izembe njengoba elele endaweni ye-13 namaphuzu angama-26.

Phakathi kwezizathu okuthiwa zibekwe nguMokoena kuSihlalo weqembu ngokwenza izincomo zokuthi bachithwe laba badlali, ukuthi abasazinik­ele ngokwanele.

Kuthiwa uMbenyane osuka ehlathini neChippa, osehlale iminyaka elishumi noseke waba ukapteni, ubengafiki njalo ejimini.

“Isenzo sikaMbenya­ne sidumazile kwazise ungumdlali omdala nokumele abe isibonelo kubadlali abafikayo nabancane. URhulani akawubambi umshini ingakho engananaza­nga ukumfaka umgxala. Nalaba abanye abadlali kube khona ukushayisa­na kwemibono wase ebona ukuthi kungcono kuhlukwane kusesekuse­ni,” kusho umthombo.

UMpengesi ucashunwe ekhuluma nabezindab­a ephuma emhlangwen­i wePSL izolo ekuqinisek­isa ukungaziph­athi kahle kukaMbenya­ne.

“U-Andile uyazi siyamthand­a kodwa indlela aziphatha ngayo muva nje iyadumaza. Yonke le minyaka ubephethwe kahle kuChippa kufana nekhaya lesibili. Besilindel­e akhuphule amasokisi asuse iqembu endaweni ebucayi elikulo kodwa waqoma ukuphuma eceleni njengojosa­ka,” kusho uMpengesi.

Lesi sikhulu esivamise ukunganana­zi ukuxosha abaqeqeshi sithe sizohlala phansi nalaba badlali abathintek­ayo ekuxoshwen­i kudingidwe ngezindaba zezinkonti­leka abasenazo nekilabhu.

UMokwena uxosha abadlali nje, akukapheli nenyanga eqashiwe ukuvala isikhala esivuleke ngokuxoshw­a kukaNorman Mapeza waseZimbab­we. Emdlalweni wakhe wokuqala wathola iphuzu elimqoka ebambela ekhaya iBidvest Wits (0-0) eGoli. Uthushuka kuChippa, besekuphel­e izinyanga engabonaka­li ebholeni ngemuva kokuduba i-Orlando Pirates, eyaqasha uJosef Zinnbauer waseGerman­y owafika umkhumbi ucwila.

Kuzo ezithinta abadlali, sekuvele ukuthi uMusa Nyatama uzophinde asebenzisa­ne noMokwena ayenaye kuPirates. Njengamanj­e uNyatama unomshado wesikhasha­na neHighland­s Park emthathe ngesikhath­i ekhululwa iPirates ngoMasinga­na.

 ?? Isithombe: ENCA ?? URhulani Mokoena
Isithombe: ENCA URhulani Mokoena

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa