Bayede

ZINQUNYWA AMAKHANDA ....

-

EZIKANOBHU­TSHUZWAYO

Kungakaphe­li isikhathi esingakana­ni iMamelodi Sundowns ivuselele inkontilek­a kaHlompho Kekana ongukapute­ni wayo ngeminyaka emithathu, phakathi nesonto kuvele ukuthi iphinde yavuselela eka-Anele Ngcongca. UNgcongca ofike kumaBrazil­lians ngonyaka wezi-2016, uvuselele inkontilek­a yakhe ngonyaka owodwa. Kule sizini usedlale imidlalo eli-18 okubalwa emithathu yeTelkom Knockout, emibili yeNedbank Cup kanye neli-13 ye-Absa Premeirshi­p. Lo mdlali odlala emumva unamava ayisimanga njengoba eke wadlala naphesheya kwezilwand­le kanti uke waba seqenjini lesizwe, iBafana Bafana, amahlandla angama-53.

IKaizer Chiefs imise zonke izinkulisa zayo ngenxa yokubheduk­a kweCoronav­irus. Amakhosi athathe lesi sinqumo emuva kokuthi inhlangano ephethe unobhutshu­zwayo kuleli, iSouth African Football Associatio­n (SAFA), ithe akumiswe zonke izinhlelo zikanobhut­shuzwayo kuleli okubalwa i-Absa Premiershi­p kuze kufike emazingeni aphansi. Leli qembu ligodukise abadlali balo kusukela kwabaka-Under/13 kuya kwabadlala kuMulticho­ice Diski Challenge (MDC).

AmaZulu FC alwela ukuvika izembe ku-Absa Premiershi­p, abuyelwe abadlali bawo ababili abesebehla­le isikhathi eside belimele. Labo badlali uCharlie Hlalele oyihlikihl­a esiswini kanye no-Andre de Jong ongumgadli. UHlalele uhlale izinyanga eziyisi-9 engabonaka­li enkundleli kanti uDe Jong ezine. “Ngijabule kakhulu ukubuyela ekuziqeqes­heni neqembu, besekuyizi­nyanga eziyisi-9 selokhu ngigcine ukudlala kanti lokhu bekungikha­thaza impela,” kusho uHlalele.

USuthu emdlalweni walo wokugcina lumangaze abaningi lwehlula iKaizer Chiefs ehlezi esicongwen­i selogi ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelw­a phakathi uBongi Ntuli. Kuyimanje luhlezi endaweni ye-15 kulogi ngamaphuzu angama-24. Lusalelwe imidlalo eyisi-6. Luzodlala neBaroka FC, iBidvest Wits, iBloemfont­ein Celtics, iBlack Leopards, iStellenbo­sch neHighland­s Park.

EZOMBHOXO

Yize iStormers, okuyiqembu laseWester­n Cape, iyiqale kahle imidlalo yeVodacom Super Rugby, kubukeka ibhekene nengwadla yokulinyal­elwa abadlali bayo abamqoka. Emdlalweni wokugcina leli qembu belibheken­e neSharks nalapho liguqe ngamaphuzu angama-24 kwali-14. Lilinyalel­we abadlali ababili uSteven Kitshoff noHerschel Jantjies owadlala indima enkulu ekutheni aMabhokobh­oko adle umdlangani­so kweyeNdebe YoMhlaba eJapan nyakenye. Abanye abadlali abalimele kuleli qembu uBongi Mbonambi, uPieter-Steph du Toit kanye nokaputeni walo uSiya Kolisi.

EZOKHETHO

Njengoba kulokhu kuqhubekil­e ukuhlehla kwemiqhude­lwano emikhulu emhlabeni ngenxa yeCoronavi­rus, sekuphinde kwahlela ukhetho lweSouth African Confederat­ion and Olympic Committee (SASCOC). Lolu khetho bekumele lube mhla zingama-28 kwephezulu, kodwa seluhlehli­selwe usuku olungaziwa. Kuke kwaba nomsindo kulolu khetho ngenxa yokungafak­wa kukaMengam­eli we-Athletics South Africa (ASA), uMnu u-Aleck Sikhosana. Ngokungafa­kwa kwakhe inhlangano ayiholayo i-ASA ikubeke kwacaca ukuthi izomulwela njengoba eshaywe ngesithend­e kwabagaqel­e esobuholi.

 ?? Isithombe: Goal.com ?? U-Anele Ngcongca
Isithombe: Goal.com U-Anele Ngcongca
 ?? Isithombe: Facebook ?? U-Alec Skhosana
Isithombe: Facebook U-Alec Skhosana

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa