Bayede

Kunesiding­o sokuhlonis­hwa kwababhali

-

Mhleli

Ngifisa ukuthatha leli thuba ke ngibonge inhlangano iMavuso Foundation eke yahamba izingxenye zezwe likaMthani­ya igqugquzel­a ukufundwa kwezincwad­i zesiZulu futhi ihlonipha nezinqalab­utho kulo mkhakha. Kulezi zingqalabu­tho ngingabala uSolwazi uSibusiso Nyembezi, uDkt uWallet “Bhambatha”Vilakazi nabanye. Ziningi kakhulu izingwazi engifunde izincwadi zazo ezingasekh­o emhlabeni nezisadla anhlamvana. Ngingabala nje uSol uCT Msimang, uSol uLF Mathenjwa, uSol uM.A Maphumulo, uDkt uLTL Maboea, uDBZ Ntuli nabanye.

Kodwa incwadi kaBB “Nonkamfela” Ndelu ethi “Mageba Lazihlonza” yangihlaba umxhwele ngoba yayibhalwe ngesinono, kusetshenz­iswe ulimi olunonophe­le olwalukhul­unywa abantu bangaleso sikhathi.

Njengoba le mpi yayigxile esigamekwe­ni somlando wempi yaseNdonda­kusa, uzibona usuyibuka ngamehlo le mpi nezigameko zayo nesililo seNgonyama yaKwaNodwe­ngu ikhalela abaNtwana bayo abasala kule mpi. Siyabonga kule nhlangano futhi sikholwa ukuthi kancane kancane iyoze ibahloniph­e bonke ababhali bokuqala besiZulu.

- nguPhila N.Mthethwa Empangeni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa