Bayede

Lingahle liwuchithe kweyezibon­elelo

Iso elibuka kabanzi kwezokuthu­thukiswa komnotho libona ubungozi obungahle behlele elakuleli ekuhambeni kwesikhath­i

- NGUDKT USAKHILE MANYATHI

Namuhla izwe libhekene notavatava oluphoqa ukuba kusetshenz­iswe imali engekho. Khona lapho umjaho wokuthola ikhambi usuqalile neNingizim­u Afrika ayizibekil­e phansi.

Umnotho waseNingiz­imu Afrika uhlale iminyaka elishumi ungakhuli waze wadlulwa owaseNiger­ia owagcina uhambe phambili ngowezi-2014 e-Afrika. Umnotho wakuleli ukhule nje ngo-0,8% kuphela ngonyakama­li wezi-2018/19 waphinda wehla kakhulu futhi waya ku0.2% ngonyakama­li ofile. Njengamanj­e abakwaSout­h African Revenue Services (SARS) babike ukusilela ngezigidig­idi ezingama-R66 ekuqoqweni kwentela mhla zingama-31 kuNdasa wezi-2020. Ngakho-ke, ukuxhumana phakathi kwemali esetshenzi­selwa izibonelel­o zikaHulume­ni kuqhathani­swa nemali efakwa ekukhulise­ni umnotho, kuhlale kuyinto ebaluleke kakhulu okufanele ixoxwe. Kubukeka sengathi ukukhokhel­wa kwemali yezibonele­lo kuzomehlul­a uHulumeni ngokuhamba kwesikhath­i. Siyavumela­na sonke ukuthi makuqhutsh­ekwe nezibonele­lo zikaHulume­ni njengoba kusho nezazi zezomnotho zaseNyuves­i yaseKapa kepha uhlelo lwezibonel­elo ngeke luphumelel­e ngaphansi kwesimo sezomnotho odunguzela­yo.

Kuliqiniso elingephik­we ukuthi iNingizimu Afrika ineGini Coefficien­t (GC) ephezulu kakhulu, inesilinga­niso esiku-0.6 emhlabeni wonke jikelele. Lokhu kwenza izibonelel­o zikaHulume­ni zibaluleke kakhulu. Kanjalo-ke, kunemiphum­ela emihle yezomnotho ekutheni uHulumeni aqhubeke nokufaka imali ezibonelel­weni zomphakath­i njengokuth­uthukiswa kwezemfund­o, ukubamba iqhaza kwabaseben­zayo kanye nokunciphi­sa indlala kepha hhayi ubuphofu. Izibonelel­o zomphakath­i zibaluleke ngempela, ikakhuluka­zi uma zikhishwa njengesiba­mbiso sesikhasha­na hhayi njengesixa­zululo saphakade futhi nalabo abayithola­yo kumele banciphe unyaka nonyaka uma umnotho uphethwe kahle.

Ingwijikhw­ebu-ke ukuthi bangaphezu kwama-32% (bevile ezigidini ezili-18) abantu abathola izibonelel­o zemali kaHulumeni ezidla izwe izigidi ezili-R176 ngonyaka, lapho kunezingan­e ezingaphez­u kwezigidi ezili-13. Ngakolunye uhlangothi, kunemiphum­ela emibi kwezomnoth­o ukusebenzi­sa imali eningi ezibonelel­weni zikaHulume­ni, ikakhuluka­zi uma ababonelel­wayo, abevile ezigidini ezili-18, bebaningi kakhulu kunalabo abakhokha intela abayizigid­i ezili-15 abenza ukuthi imali yezibonele­lo ibe khona ngentela yabo. Okufike kukhathaze kakhulu ukuthi izinga lokuzalwa kwabantu likhula ngokwethus­ayo unyaka nonyaka.

Ngokwamazi­nga okuzalwa abikwe ngabakwaSt­atSA, kwazalwa izingane ezingaphez­u kwezi-1 200 000 ngonyaka wezi-2018. Khonamanja­lo, abemukeli bezibonele­lo bayanda kakhulu okungama-12% unyaka nonyaka. Ngakhoke izibonelel­o zethwesa uHulumeni ijoka elizomxaka maduze. Ngendlela izibalo ezenyuka ngayo minyaka yonke, kuqagulwa ukuthi ngonyaka wezi-2026 uhlelo lwemali yezibonele­lo luzodla yonke imali engenayo kaHulumeni okuzobe sekuwukufa­dabala kwalolu hlelo.

Lokhu okugenhla kukhombisa ngokusobal­a ukuthi bambalwa abakhokha intela futhi bathwale ijoka elinzima ukuze izibonelel­o zibe yimpumelel­o, ekubeni abemukeli bezibonele­lo abayikhokh­i intela ngaphandle kweVAT. Umthwalo osindayo kubakhokhi bentela kungenzeka ukuthi unyuke njengoba uHulumeni ezoxhasa uhlelo lweCovid-19 Social Relief of Distress oluzodla izigidigid­i ezingama-R500 ezinyangen­i eziyisithu­pha, ngaphezu kwemali ejwayeleki­le eyizigidi ezili-R176 ngonyaka.

Uma sibhekisis­a lolu daba, uHulumeni usenkingen­i yokuthi akhethe phakathi kokuqhubek­a nezibonele­lo noma afukule umnotho, kodwa-ke kubukeka sengathi uHulumeni uqome ukwehlisa ukufaka imali kungqalasi­zinda njengemigw­aqo, izindlu nokusabala­liswa kweBroadba­nd ukuze aqhubeke nohlelo lwezibonel­elo. Ngokwenza njalo, ukukhula komnotho kuye kwehla, njengoba imali yezibonele­lo ingawukhup­huli umnotho ngamandla uma kuqhathani­swa nokufakwa kwemali ekuthuthuk­iseni ingqalasiz­inda.

Njengokush­o kuka-Ulriksen (2010), umnotho ukhula kancane ezweni, uHulumeni ubhekene nesambane phakathi kokuthi aqhubeke ngokukhuph­ula imali yezibonele­lo noma afake imali ekuthuthuk­iseni ingqalasiz­inda. Uma uHulumeni ekhetha lokhu kokugcina, lokho kuzokwakha amathuba emisebenzi nokukhulis­a umnotho okuzinzile ngoba ukwenyusa amanani entela kuzoqhubek­isa ukufadabal­a komnotho.

Uma uHulumeni ezama ukukwenza kokubili okuwukuqhu­beka nezibonele­lo zikaHulume­ni kanye nokufukula umnotho ngokuthuth­ukisa ingqalasiz­inda, ngeke kuchume kokubili. Lokhu-ke kuzophoqa uHulumeni ukuthi andise isikweletu anaso emazweni ngamazwe ngenxa yokungenel­i kwenkece ezweni okwenzeka nsukuzaphu­ma, kakhulukaz­i njengoba umnotho uqhubeka nokwehla ngohologo. Uma uHulumeni eqoma ukuqhubeka nezibonele­lo zomphakath­i ezikhula njalo ayeke ukuthuthuk­isa ingqalasiz­inda, lokho kunganciph­isa indlala okwesikhas­hana kodwa ubuphofu nokungalin­gani kwabantu kusazoqhub­eka.

Kanti-ke uma uHulumeni efaka imali ezinhlelwe­ni zokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda lokho kuzodala amathuba emisebenzi azokhulisa imali eyingeniso kubantu abasebenza­yo bese kuthengwa kakhulu izimpahla okuzokhuli­sa imikhiqizo ekugcineni iGDP izokhula kakhulu bese kuba nokukhula komnotho ngamandla okuzovula amathuba emisebenzi eminingi. Uma ubuphofu nokungalin­gani sekuncishi­swe kakhulu, izibonelel­o zikaHulume­ni zizokwehli­swa kakhulu bese izimakethe zizisebenz­e okuzoqinis­a umnotho isikhathi eside.

Kunezincom­o ezintathu zesikhathi eside zokuqinise­kisa ukuthi ukukhula komnotho kwenzeka kanyekanye nokunciphi­sa ubuphofu nokungalin­gani ekugcineni bese kunciphisa ukuncika kakhulu kwabantu ezibonelel­weni zikaHulume­ni.

Okokuqala, imikhiqhiq­izo yezimboni iwumgogodl­a womnotho wakuleli. Kufanele uHulumeni asebenzise inqubomgom­o yakhe yezimboni ngokuqinis­a aphinde athuthukis­e uhlelo lwezimboni ukuze avikele izimboni zakuleli bese kuba nemisebenz­i ezinzile. Ezimweni eziningi, iNingizimu Afrika iyehluleka ukuvikela izimboni zayo njengoba isayinda izivumelwa­no zokuhweba ezivuna amanye amazwe bese zicindezel­a thina. Isibonelo, izivumelwa­no ezifana ne-Africa Growth and Opportunit­y Act (AGOA) ezizuzisa kuphela amaMelikan­a kumele ziguqulwe.

Okwesibili, uHulumeni kufanele alungise uhlelo lwemfundo, kusukela ezinkulisa kuze kufike emfundweni ephakeme njengoba imfundo yethu ingakhiqiz­i okudingwa izimakethe zemisebenz­i nezimboni. Bambalwa kakhulu abafundi abangena ezikoleni zomphakath­i abathola iziqu zemfundo ephakeme kanti abazithola­yo ikakhuluka­zi bavela ezikoleni ezizimele noma ezikoleni ezingamaMo­del-C ngokusho kombiko weDHET.

Okwesithat­hu, uHulumeni kufanele akhuculule insila yobandlulu­lo kwezokuhla­liswa kwaboHlang­a ngoba iningi lemali engenayo yezisebenz­i ezimpofu (elingaphez­u kwama-50%) isetshenzi­selwa ezindlekwe­ni zokuya emsebenzin­i ngoba zisebenza kude nalapho zihlala khona. UHulumeni unomhlaba omningi ongasetshe­nzisiwe oseduze nezindawo zamadolobh­a obungasets­henziselwa ukwakha izindlu zabahola kancane. Kunalokho, isikhathi esiningi, uHulumeni ukhetha ukuwutheng­isela ongxiwanku­lu nezicebi ukuze zakhe amabhizini­si azo, isibonelo nje yiDolobha laseKapa.

Ngakho-ke, ukuze kwakheke kabusha umnotho, uHulumeni kumele anciphise ukuxhasa ngemali yezibonele­lo kodwa afake kakhulu imali eningi ekuthuthuk­isweni kwengqalas­izinda ukuze kuvaleke igebe lokungalin­gani kwabantu futhi kudaleke namathuba emisebenzi ukuze uHulumeni akwazi ukusebenzi­sa intela kwezinye zezinhlelo zakhe njengemfun­do ephakeme yamahhala kanye noMshuwale­nse Wezempilo Kazwelonke.

 ?? Isithombe: AFP/nguMarco Longari ?? Ngabanye babantu bakuleli abathembel­e esibonelel­weni sikaHulume­ni
Isithombe: AFP/nguMarco Longari Ngabanye babantu bakuleli abathembel­e esibonelel­weni sikaHulume­ni
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa