Inkankane nenkankane alidle ngakubo
Kukhona abathi isithebe sanele abegceke ngakho abokufuka ngalesi sikhathi somkhuhlane kabagoduke. Lapha umbhali ubika ngosizi lwabokufika eMsunduzi.
Ngokwemibiko yakwaStatistics South Africa (StatSA) zingama-70% izindawo sasemakhaya KwaZulu-Natal okusho ukuthi ingxenye enkulu yalesi sifundazwe ngamakhaya okwenza kube nesibalo esikhulu sabantu abahlala kulezi zindawo.
IBAYEDE ibuze abantu asebekhulile nabasemigwaqeni eMgungundlovu ngamagama esilungu asetshenziswa mihla namalanga selokhu kuqubuke uKhuvethe (Covid-19) njengelithi isolation, quarantine, sanitizing, social distancing, lockdown nemask ukuthi ngabe bayawaqonda yini, kuthiwa abenzeni nokuthi abathinta kanjani.
Ngokwezibalo zabatheleleka ngeCovid-19 KwaZulu-Natal eziguquka nsukuzonke, uMgungundlovu usalokhu ulele isibili ngezibalo eziphezulu ulandela iTheku.
Le mibuzo iBAYEDE iyibuze emva kokuhambela kukaMengameli uCyril Ramaphosa eRoyal Showground, eMgungundlovu eyohlola ukuthi ngabe lesi sifunda sinazo yini izindawo zokugcina abantu abanaleli gciwane.
Ilungu lomphakathi uNkk uMagwaza (78) lithe: “Isocial distancing ukuvula isikhala esingangemitha phakathi kwakho nomunye umuntu, iquarantine angiyazi, i-isolation ithi hlala wedwa, ilockdown ukuvala yonke indawo, ukuthi kuhlukana kanjani-ke angazi, isimfonyo sifakwa ngoba kuthiwa igciwane siyalihogela ngakho kugwenywa ukuthi singalihogeli.”
Esinye isakhamuzi uNkk uNokuthula Ngcobo (55) sithe: “Isocial distancing ukuqhelelana, iquarantine ukuhlolwa amehlo ngale nto abasibheka ngayo, isolation angiyazi, ilockdown ukuhlala ekhaya angazi ukuthi ihlukene kanjani, isanitizer ukufutha izandla ngensipho nangesibulalimagciwane. Isimfonyo esokuthi singalihogeli leli gciwane.”
Impunga uMnu uSJ Kunene yaseNhlazatshe ethe ibuzwa iminyaka yayo yobudala yavele yathi yazalwa ngowe-1944, ibuzwa ngala magama ithe:
“Angiwazi mfana wami wonke la magama, angifundanga siwezwa emsakazweni nje. Ngazi ukuthi sayekiswa ukudayisa mhla zingama-21 kuNdasa ngoba bethi bayasivikela kulesi sifo.”
UMtimande (Kunene) uthe uyinyanga, udayisa ngamakhambi esintu eMatsheni.
UNkosikhona Magwenyana (40) waseCamperdown yena uthe:“Isocial distancing, iquarantine ne-isolation angikwazi, ilockdown ukuhlala ekhaya, ngikuqabuka ngawe ukuthi kunezigaba. Ngiyazi ukuthi kunegama elisho ukufutha izandla kodwa angazi ukuthi iliphi. Izimfonyo kwathiwa asizisebenzise ukungathelelani.”
USilindile Khumalo (35) uthe: “Isocial distancing ukugcina ibanga elingangemitha, iquarantine ukugcinwa komuntu yedwa uma sekutholakele ukuthi unalesi sifo lapho abezempilo bezomelapha khona, i-isolation ilapho uhleli wedwa ungafuni ukuthi utheleleke ngalesi sifo noma uthelele abanye abantu.”
USilindile ubehamba edolobheni engasifakile isimfonyo okuthe uma echaza ukuthi kungani wathi: “Angikwazi ukuphefumula kahle uma ngifake isimfonyo ngoba nginezifo ezihambisana nokuphefumula kodwa angiphikisani nomqondo wokufaka isimfonyo futhi ngiyasifaka uma ngiphakathi kwabantu noma ngingena esitolo ngoba ngiyakuqonda ukubaluleka kwaso.”
Leli phephandaba libe selenza ucwaningo ngala magama asematheni selokhu kuqale ubhubhane iCovid-19 lathola ukuthi i-isolation isho ukuhlala komuntu yedwa egumbini lakhe uma ezisola ukuthi usethelelekile ngaleli gciwane noma esalinde imiphumela ngenxa yokuthi unezinkomba zokuthi unaleli gciwane, iquarantine ilapho sekuqinisekisiwe ukuthi unaleli gciwane esesuswa emphakathini ahlale lapho abezempilo abazomulaphela khona.
Ukusanitizer ukubulala amagciwane kungaba ngokugeza izandla ngesibulalimagciwane noma ukufutha indawo ngaso.
Itesting and screening, lawa ngamagama amabili ahlukene asejwayele ukuhambisana ngenxa yohlelo uHulumeni alwenzayo lokuhlolela lesi sifo. Itest ilapho kusuke kuhlolwa ukuthi ngabe umuntu unaso yini lesi sifo, iscreening ilapho abezempilo bengena umuzi ngomuzi bebuza imibuzo ngalesi sifo nokuthi ngabe zikhona yini izimpawu zaso kothile emndenini nokuthi ngabe sebeke bahlangana yini nomuntu osekutholwe ukuthi unaleli gciwane.
Ilockdown ilapho kumiswa khona ukusebenza ngokwejwayelekile ezweni kusebenza kuphela labo abahlonzwe njengabenza imisebenzi emqoka. Nayo ihlukene ngezigaba ezinhlanu.
Kusuka zingama-26 kuNdasa kuya zingama-30 kuMbasa iNingizimu Afrika ibiseZingeni Lesihlanu selockdown. Kusukela lulunye kuNhlaba ibe isingena eZingeni Lesine.