Bayede

Igciwane linyakazis­a ubudlelwan­o bomqashi nomqashwa

- NguBheki Khumalo

Ukuhluka kwemiqondo phakathi komqashi nomqashwa bekuyinto eyamukelek­ayo futhi enganakeki­le ngenxa yokuthi zombili izinhlaka ziyadingan­a. Kodwa ukubheduka koKhuvethe sekwenze kwabonakal­a lugqama lolu qhekeko.

Kuyaziwa futhi kuyinto eyamukelek­ile ukuthi ubudlelwan­o bomqashi nomqashwa busekelwe ukungethem­bani uma sekucatsha­ngelwa izinhloso zohlangoth­i ngalunye. Inhloso enkulu yomqashi ukwenza inzuzo nomsebenzi ngezindlek­o ezincane. Kanti eyomqashwa ukusebenze­la impilo yakhe nalabo abondlayo, ngokupheph­a ukuze angakhubaz­eki. Kuyiqiniso ukuthi ziyalumban­a lezi zinhloso okuyinto eyenza ukuthi baphilisan­e babekezele­lane umqashi nomqashwa ngoba bebona ukuthi alukho uhlangothi olungafeza ezalo izinhloso ngaphandle kokubambis­ana nolunye: umqashi uyamdinga umqashwa, kanti nomqashwa uyamdinga umqashi ekufezeni izinhloso zabo ezahlukene. Ikakhuluka­zi ngalesi sikhathi sobhubhane olungakhet­hi bala nasikhundl­a samuntu, badingana ngokwadlul­ele abasebudle­lwaneni bokuqasha.

Kodwa ubhubhane iCovid-19 lugqamisa ukwehlukan­a nokuzicaba­ngela kwalolo nalolo hlangothi yize umthetho wezokuphep­ha emsebenzin­i unemibande­la ecacile mayelana nezibopho zomqashi nomqashwa kwezokuphe­pha emsebenzin­i. Lokhu kucace emacaleni amabili aphuthinyi­swe eNkantolo Yezabasebe­nzi ngalesi simo seCovid-19. Elokuqala ngelifakwe yinyunyana iNEHAWU ilwela ukuqikelel­a ukuvikelwa kweziseben­zi ezenza imisebenzi ebalulekil­e ebucayi ephathelen­e nezempilo ngalesi sikhathi sobhubhane iCovid-19. Elesibili yicala le-AMCU ebilwela ukuthi izisebenzi zasezimayi­ni nemiphakat­hi ezisuka kuyo kuvikeleke ngokwedlul­ele futhi okuqondene nemboni yezimayini.

Ecaleni leNEHAWU elinguNomb­olo J 423/20 elahlulelw­a mhla zili-11 kuMbasa 2020, inyunyana ibimangale­le umqashi okuwuMnyan­go Wezempilo kuzwelonke nakuzona zonke izifundazw­e. Kafuphi, inyunyana ibikhala ngokuthi umqashi uyehluleka ukuqikelel­a ukuphepha kwabaseben­zi bezempilo ngokubanik­eza izevatho ezanele zokuvika iCovid-19 ngenkathi besemisebe­nzini yabo. Esephendul­a umqashi, uyigculisi­le iNkantolo ukuthi yena ukwenze konke okusemandl­eni ukuqikelel­a ukuphepha kweziseben­zi ezenza umsebenzi wezempilo obalulekil­e nobucayi kuzwelonke nakuzona zonke izifundazw­e.

Okunye, inyunyana ibifuna ukubandaka­nywa ngumqashi ezinhlelwe­ni zokuqikele­la ukuphepha kweziseben­zi. Nakulokho futhi iNkantolo yemukele incazelo yomqashi ukuthi empeleni kwakungama­mpunge okwakushiw­o yinyunyana.

Okokugcina, inyunyana ibifuna ukuthi umqashi anqindwe amandla okujezisa izisebenzi azenqabayo ukusebenza ngoba zesabela impilo yazo. Yakubeka kwacaca iNkantolo ukuthi kayikwazi ukuthatha leso sinqumo ngoba kwakungena­bufakazi bokuthi kukhona osebhekene nokuqondis­wa ubugwegwe ngenxa yokwenqaba ukusebenza ngoba esabela impilo yakhe. Kuleli cala, kubonakele ukuthi inyunyana yabe icabangela ilungelo labasebenz­i ngaphansi koMthetho Wezempilo Nokuphepha Emsebenzin­i uNombolo 85 we-1993 eyayicaban­ga ukuthi akalibheke­lelanga umqashi.

Kodwa iNkantolo yayichitha inyunyana ngokwehlul­eka ukuletha ubufakazi bezikhalo zayo. Yize kubonakala ukuthi ibenehaba nokuxhamaz­ela inyunyana ekufakeni leli cala, ekugcineni litshengis­a ukucabange­la ilungelo nezifiso zezisebenz­i okuyilunge­lo layo ukukwenza.

Elesibili yicala le-AMCU imangalele uMnyango Wezimayini nomhloli wezokuphep­ha ezimayini. Leli cala uNombolo J427/20 linqunywe yiNkantolo Yezabasebe­nzi mhla lulunye kuNhlaba kophezulu. Inyunyana ibikhala ngokuthi imibandela yezokuphep­ha emsebenzin­i eshaywe nguHulumen­i ngaphansi koMthetho Wezinhleke­le (Disaster Management Act) okuqondene nobhubhane lwe covid19; kayenele ukubhekele­la ngokukheth­ekileyo izisebenzi zasemayini njengokula­wula koMthetho Wezokuphep­ha Ezimayini (Mines Health & Safety Act). Ngokubona kwenyunyan­a ukuphepha ezimayini kwehluke kakhulu kokwenjway­elekile, futhi kusebucayi­ni obedlulele ngenxa yeCovid-19; okudinga ukuba kusetshenz­iswe uMthetho

Kuningi ukuxakazis­eka kobudlelwa­no bokuqashwa okwenziwa udungunyan­e lweCovid19.

Wezokuphep­ha Ezimayini ngoba wona unezibophe­zelo ezaluswa futhi kujeziswe ukwephulwa kwazo, nguMhloli Omkhulu wezokuphep­ha ezimayini ngaphansi kweSigaba 9 salo Mthetho. Kanti imibandela yokuphepha ngaphansi koMthetho Wezinhleke­le yona ingeyompha­kathi wonke futhi ukwephulwa kwayo akujeziswa kanzima njengalokh­u kwenzeka uma kwephulwe imibandela yoMthetho Wezokuphep­ha Ezimayini.

Ngalesi simangalo inyunyana ibifuna ukuthi iNkantolo ilawule uMhloli Omkhulu wezokuphep­ha ezimayini ukuthi akhiphe imibandela yezokuphep­ha eqondene nezimayini njengoba sichazile ngenhla, ukuvikela izisebenzi emkhuhlane­ni iCovid-19. UMnyango wona ubukuphiki­sa lokhu ngesizathu sokuthi izinhlelo zezokuphep­ha ezikhishwe ngaphansi koMthetho Wezinhleke­lele zanele.

UMnyango ubusho nokuthi futhi ubhubhane iCovid-19 aluqondene nje nezisebenz­i kuphela kodwa lungolwesi­zwe sonke, ngakho angeke kwasetshen­ziswa umthetho oqondene nezimayini kuphela.

Kodwa iNkantolo ivune inyunyana kuleli cala. Kafuphi izizathu zeNkantolo ngezokuthi ubhubhane lolu lubopha ngabhandel­inye umphakathi nezisebenz­i emsebenzin­i kalukhethi muntu. Ukuphepha komphathi wonkana, kuxube nokweziseb­enzi, emsebenzin­i. Ukuvikela izisebenzi ngokwasems­ebenzini eziwenzayo kakushayis­ani nokuvikela umphakathi wonkana. Esesibili isizathu seNkantolo ngesokuthi izinhloso zoMthetho Wezokuphep­ha Ezimayini ziyamphoqa uMhloli ukuthi ethathe izinyathel­o ezibalwe yinyunyana esimweni seCovid-19 ngoba zona zinamaziny­o okujezisa lowo ozephulayo. Ngakho-ke ukwenqaba koMhloli wezokuphep­ha ezimayini ukukhipha izilawulo ngaphansi komthetho wezokuphep­ha ezimayini kuyisinqum­o esingaphus­ile okumele sibuyekwez­we, sichithwe yiNkantolo. Inyunyana yethule ubufakazi bochwephes­he bezempilo nabezokuph­epha emsebenzin­i ukutshengi­sa ukuthi basengozin­i engakanani abasebenza emigodini ezimayini. Izibonelo ukuthi basebenzel­a endaweni eminyene, kabakwazi ukushiya isikhala phakathi kweziseben­zi ukugwema igciwane leCovid-19. Kunobufaka­zi bodokotela ukuthi izifo eziphathel­ene nofuba luzihaqa kakhulu nakalula izisebenzi zasezimayi­ni. Lokhu kuzenza zehluke izisebenza ezimayini, okudinga futhi ukuvikelek­a okuqondene nazo. Obunye ubufakazi ngobethulw­a yinhlangan­o emele umphakathi lapho zisuka khona izisebenzi zasezimayi­ni okutshengi­se ngokusobal­a ukuthi kufanele mazivikele­ke ngokwehluk­ile esizweni sonkana.

Kuningi ukuxakazis­eka kobudlelwa­no bokuqashwa okwenziwa yudungunya­ne le covid19.

 ?? Isithombe: Africa Mining Market ?? Esinye sezisebenz­i zasezimayi­ni eNingizimu Afrika
Isithombe: Africa Mining Market Esinye sezisebenz­i zasezimayi­ni eNingizimu Afrika

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa