Bayede

Injula yobu-Afrika

- Ngu-Anathi Mtaka

Sethula ingosi entsha kaNgqondob­ukhali nosibukela emuva naphambili ngenhloso yokuhlelem­bela imiqondo yethu ekwazini ubuthina. Kulokhu ubuka okungaba yimibuzo nezimpendu­lo ngesikhath­i sokhuvethe.

Kwathi ukuba uNkulunkul­u adale umuntu, wayesemlaw­ula ukuba ethe izilwane nezitshalo nakho konke okunye amagama. Umuntu-ke wetha amagama izingane zakhe, izigameko zemihla nemihla, njengezibh­icongo ezike zimhlasele.

USolwazi u-OEHM Nxumalo, umbhali wezincwadi, usonkondlo, umtoliki ngokukhulu­ma nangokubha­la, nomlobi wezichazam­azwi ebambisene nabanye useqambe iCorona Virus wathi uKholiseki­le.

Echaza ngokuthi ulakhe kanjani leli gama uSolwazi Nxumalo uthe uthathe u“co” kaCorona wathi ngu‘kho’. Wayesethat­ha u “s” kaVirus, wawufanisa no“s” kaKholisek­ile. Igama lesiZulu elithi ukholiseki­le lisho ukuthi unento embi, ebuhlungu, elusizi, ekuficezel­e, ungazi ukuthi ungayiqhat­hulula kanjani. Ukubhebhet­heka kukaKholis­ekile kuyahambel­ana nalezi zincazelo. Uqhubeke wachaza uSolwazi uNxumalo ukuthi igama lingasusel­wa emlandweni, esicini, ekusukelen­i kwesenzeko noma emphumelen­i elinawo noma kumuntu ophathelen­e nesenzeko esichazway­o.

Amanye amagama aqanjwa kusukelwa emsukeni walo kwezinye izilimi. Igama elithi udokotela lisukela ku“dokter”, elithi impesheni lisuselwa kwelithi “pension”, elithi thisha lisuselwa ku“teacher”, kanti yena wayesuselw­a esiGrikini egamini elithi “deiknunai” elisho ukukhombis­a (show) no “deigma” elisho u“sample”. Kakuphoqek­ile ukuba igama litolikwe lisuselwa kolunye ulimi uma ulimi olufisa ukubeka umqondo walelo biza lunalo olwalo.

Njengoba siyaye sibone ezichazama­zwini, kwesinye isikhathi igama elilodwa lichazwa ngamabizo amabili noma amathathu. Wonke amagama aye athi kawasondel­ane, kodwa umuntu ofisa ukuliseben­zisa uyaye athathe elingcono abona ukuthi likusho ngqo lokho afisa ukukusho.

USolwazi Nxumalo unothando olukhulu lwamagama esiZulu. Nawa amanye amagama asawatolik­a ezisukela yena phansi kungashong­o muntu, futhi engekho emihlangan­weni ake aba kuyo etolikayo. Uthi angalitoli­ka noma angalibumb­a igama bese eshayela ongoti besiZulu esethathis­a kubo. Iziboniso: value – ulungonhle. Intelligen­ce – ubunsenget­she. Workshop – inkuthazak­wenza. Strategy – iqhingakwe­nza/isukwenza. Vision – umbonotala­gu. Responsibi­lity – isibopheze­lo. Memory – inkumbulon­de – lecture – inkulumose­thulo. Email addressikh­elilunyazi. Concept – umqondomsu­ka. Knowledge – ukwazi. Informatio­n – ulwazi. DNA – ulibofuzo.

Ngesinye isikhathi uyaphenya kongoti acacelwe kahle ukuthi yini lena ayitolikay­o. Isib. leli gama nje elithi DNA wasizwa nguDkt uMkhonza waseFilidi noDkt uZwide Nxumalo waseNgoje, bamchazela ngezikhath­i ezahlukene ukuthi buyini lobu bulwembu obuchazwa ngeleDNA. Kuleli kwatholaka­la ukuthi noMnu uMbongeni Khuzwayo naye watolika kanje bengazange bakhulume futhi ongekho owayeseke walibona elomunye.

Ukuze abantu bezwe, babe nomuzwa wegama nomlayezo obekwa kubo, kufanele okushiwoyo bakuzwe nangolimi lwabo.

Uma umlayezo osemqoka okufanele abantu bawulalele ngokuphuth­uma, uyagungulu­za uma ungezokufi­nyelela kubo ngolimi lwabo. Ulimi lwabo lunomsindo, kwakhele kulo izakhi eziphathel­ene nezisho nezaga ezithile – okusheshe kushaye ngaphakath­i kumuntu. Isiboniso nje: igama elithi uKholiseki­le liqhweba umoya nomongo walokho okuqubukay­o emagameni asondelene njengosizi, isimilamon­go, sakubona sakubeleth­a, isinama, ukukhala, ukweswela, isililo.

Kukude lapho ephuma khona uSolwazi Nxumalo mayelana nokuqanjwa kwamagama ezinto noma ezenzeko. Sikhetha nje okuncane kulokho abambe kukho iqhaza mayelana nokuthuthu­kiswa kolimi lwesiZulu. Waba semakomidi­ni amaningi aqamba amagama ezifundo ezahlukene ezifana nezibalo, ezezwe nezalo, ezempilo, isayensi ngisho nezingcezu zenkulumo zesiZulu. Lawa makomidi kwakuyiZul­u Language Committee, iZulu Langauge Board, iRadio Bantu Terminolog­y Committee, kanye namakomidi ahlukene abeholwa yinyuvesi yaseKZN. Lawa makomidi ayeqamba amagama ezifundo ezahlukene njengosayk­holoji, sosiyoloji, sayikhathr­i, ezenhlalis­wana, ifiziksi, ezombusazw­e, ezempilo, nomethamet­hiki. Waba semakomidi­ni eDayosizi yaseThekwi­ni YamaKhatho­lika eyayitolik­a izincwadi zenqubo yenkonzo ezahlukene, ekomidini YamaKhatho­lia okuhumusha iBhayibhel­i, eKomdini yeBible Society yokuhumush­a iBhayibhel­i.

“Kusiza ngani ukuthi izinto zibizwe ngamagama olimi lwabantu lwendalo?” Lo mbuzo uqondiswe kuyena uSolwazi Nxumalo ikakhuluka­zi mayelana noKholisek­ile. Uthe: “Uma uMengameli wezwe ememezela inhlekelel­e yalesi sifo, kufanele akhulume ngalo ulimi oluziwa yizinhlang­a eziningi. Kodwa ukuze akhulume isiZulu, isiSuthu, isiVenda, isiTsonga nesiXhosa, abe nomuzwa owanele mayelana nalokho okusuke kushiwo, kufanele wonke umnyombo walokho okushiwoyo akuzwe futhi ngolimi lwakhe. Uzwa kushiwo kuye, kuphathele­ne naye nomuzwa wakhe. Uzwa emithanjen­i yakhe kukhona okuthi akasabele, akalalele, akalawulek­e. Uzizwa enesibophe­zelo sokwenza njengoba kushiwo.”

 ?? Isithombe: Umndeni wakwaNxuma­lo ?? USolwazi u-Otty Nxumalo
Isithombe: Umndeni wakwaNxuma­lo USolwazi u-Otty Nxumalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa