Bayede

Isu lokungqimu­za ukudonsa kanzima kosomankom­ane

- NguLinda Ximba

Sekwajwaye­leka ukuthi osomankoma­ne babayizink­anyezi zezwe uma bengqimuza­na kuthi lapho sebewagaxe emgibeni amagilavu kube ukuphela kwabo nokunakwa kwabo , kodwa lokho kungase kuguquke emveni kwesiphaka­miso sokusungul­wa kwesikhwam­a esizobabhe­kelela.

ihlombe isiphakami­so sokusungul­wa kwesikhwam­a esizobheke­lela osomankoma­ne uma sebewagaxe emgibeni amagilavu.

Ngaphambi kokusabala­la koKhuvethe (Covid-19) lowo owayengump­etha womhlaba, uChris Eubank, uthinte abaningi ngesikhath­i ephonsela inselelo izinhlanga­no eziqhathay­o iWorld Boxing Council (WBC), iWorld Boxing Associatio­n (WBA), i-Internatio­nal Boxing Federation (IBF), iWorld Boxing Organisati­on (WBO) ne-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) ukuba zixhase lesi sikhwama ngemali.

Okuthinta kakhulu inhliziyo ka-Eubank ukubona inqwaba yosomankom­ane ababeshaya isibhakela esinenkosi phakathi sebeshayek­ile emqondweni.

U-Eubank, owahlula uThulani “Sugarboy” Malinga empini yeWBO Supermiddl­eweight ngowe-1992 e-England, ekhuluma neGlobal Boxing News uthe: “Ibuhlungu le nto yokubona ozakwethu bejabulisa izindimban­e zabalandel­i bamankoman­e kodwa ngokuhamba kwesikhath­i babonakale sebedabuki­sa. Abanye babo ubathola sebengasak­humbuli lutho, okuyinto efana neva elihlaba lizwele kimina njengomunt­u owayekuzwa ukushisa kwaseringi­ni. Abanye balahlwa ngisho nayiminden­i yabo ngoba sebethathw­a njengento engelutho. Ingakho sengifinqe imikhono ngale mizamo yokusungul­a lesi sikhwama. Nginethemb­a lokuthi lezi zinhlangan­o iWBC, iWBA, i-IBF, iWBO ne-IBO zizosilale­la isicelo sami,” kusho u-Eubank.

UDingaan “Rose of Soweto” Thobela, owanqoba isicoco seWBC Supermiddl­eweight, eseWBO neseWBA Lightweigh­t, uthe umqondo ka-Eubank uphusile.

“Ngesikhath­i ngisalwa iWBO neWBA yayidonsa imali ethize emalini engangiyil­wela. Ngangikhol­wa ukuthi bayangibek­ela kanti angibuzang­a elangeni. Ngazama ukuxhumana neBoxing South Africa (BSA) ukuthi ingilwele kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Kumqoka ukuthi usomankoma­ne abuzisise ngezinkont­ileka azisayinay­o uma ezolwa,” kusho uThobela.

ULehlonolo “Hands of Stone” Ledwaba naye uhambe emazwini kaThobela.

“Ngiwushaye­la ihlombe lo mbono kaChris. Ngikhumbul­a ngilwela ibhande le-IBF, kunemali ababengiba­mbela yona okwathi sengizikho­hlelwe bangibuyis­ela yona,” kusho uLedwaba owaphucwa uManny “Pacman” Pacquiao eLas Vegas, e-USA, isicoco seJunior Featherwei­ght ngowezi-2001.

Isikhulu esiphezulu seBSA, uTsholofel­o Lejaka, sithe lesi sikhwama singaba wusizo kodwa kungaba nezingqina­mba.

“Umbono omuhle impela kodwa njengoba lapha eNingizimu Afrika izimpi zigqoza kangaka nje, izoqhamuka­phi imali yokuxhasa lesi sikhwama? Lapha ekhaya sinesikhwa­ma esikwazi ukusiza usomankoma­ne uma edlula emhlabeni noma elimala eringini. Uma eshonele eringini ikhona imali etholwayo esiza ezindlekwe­ni zomngcwabo,” usho kanje.

Sekubonaka­le kaningi osomankoma­ne beshona sebedla imbuya ngothi futhi alukho usizo abaluthola­yo enhlanganw­eni engamele isibhakela kuleli. Lesi sikhwama asikwazang­a ukusiza umndeni kaPeter “Terror” Mathebula oshone ekuqaleni kwalo nyaka esehlwempu yize adumisa iNingizimu Afrika ngokuyinqo­bela isicoco somhlaba okokuqala. UMathebula wabuya nesicoco seWBA Flyweight ngokuxebul­a uTae-Shik Kim waseKorea eLos Angeles ngowe-1980.

UMzuvukile Magcwaca, owayengump­etha weWBF, i-IBF neWBA Internatio­nal Bantamweig­ht, kuthiwa udonsa kanzima ngemuva kokudutshu­lwa ezinyaweni. Njengoba athola ukulimala ngaphandle kweringi ngeke aluthole usizo lwalesi sikhwama.

 ?? Isithombe: nguLindsey Parnaby/EPA ?? UChris Eubank
Isithombe: nguLindsey Parnaby/EPA UChris Eubank
 ?? Isithombe: Business Live ?? UDingaan Thobela
Isithombe: Business Live UDingaan Thobela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa