Bayede

Umhlangano oqukethe umhlahland­lela

- NguLinda Ximba

Ukubhebhet­heka kwegciwane iCorona kwaphoqa ukuba ezikanobhu­tshuzwayo zimiswe emhlabeni jikelele. Kepha amanye amazwe asevumile ukuthi ezikanobhu­tshuzwayo zibuye, kuleli sekulindwe umhlangano wabaphathi beligi kanye nabakaHulu­meni ukuthi uphume nomhlahlan­dlela.

Sibhekwe ngabomvu isiphetho somhlangan­o womhlahlan­dlela wesizini yewezi-2019/20 ozobanjwa iPremier Soccer League, uMnyango Wezemidlal­o oholwa uNgqongqos­he uNathi Mthethwa noMnyango Wezempilo ophethwe uDkt uZweli Mkhize.

Okwenza abantu babe magange ngalo mhlangano ukuthi eGermany sekumenyez­elwe ukuthi isizini yeBundesli­ga izoqhubeka mhla zili-15 kwephezulu.

UHulumeni waseGerman­y nezinye iziphathim­andla zakuleliya lizwe zinqume ukuthi amaqembu abuyele ensimini ngoba sekuphilwa ngaphansi kwemigomo yeZinga Lesine (Level 4).

Unobhutshu­zwayo ubumisiwe kulandela ukubheduka koKhuvethe (Covid-19) oselubhubh­isile emhlabeni.

Ubuholi bePSL bulindelek­e ukuthi bethule umbiko wokuthi ocwaningwe­ni abalwenziw­e uHulumeni uzobona kufanele yini ukuthi uvunyelwe unobhutshu­zwayo ukuthi uqhubeke. Kuthiwa amaqembu angama-32 okuhlangan­isa naweGladAf­rica Championsh­ip, ahlanganis­e amakhanda ukuzama ukuqhamuka nomhlahlan­dlela.

Kuhlawumbi­selwa ekutheni phakathi kwezinto ezizophaka­nyiswa ukuthi imidlalo idlalwe ingabukwa yizihlwele. Abadlali bazofakwa izibulalim­agciwane, imidlalo ibanjelwe ezinkundle­ni okungekho qembu elizovunek­a kuzona bese kuthi abadlali bahlaliswe ngabodwana emahhotela ukugwema ukuthelele­ka ngephutha ngaleli gciwane.

Imidlalo yePSL yamiswa mhla zili16 ngenyanga edlule kanti kuningi ukukhuluma osekuvelil­e kubalandel­i abafisa ivalwe isizini ngenxa yezizathu eziningi.

USihlalo wePSL, uDkt u-Irvin Khoza, usanda kumemezela ukuthi bazolandel­a umyalelo Womnyango Wezempilo yize iFifa isikwazile ukukhipha umyalelo wokuthi amasizini kumele asongwe ekupheleni kukaNhlaba.

IFifa ibuye yaqhamuka nesu lokuthi abadlali abebezophe­lelwa yizinkonti­leka zabo ngoNhlangu­lana balulelwe njengoba amasizini engakaphot­hulwa.

Nokuvulwa kwewindi ngeke kube sekuphelen­i kukaNcwaba. Lezi zincomo zenziwa ngemuva kokuhlanga­na kwabantu ababemele abadlali, amakilabhu nososeshin­i bamazwe ngamazwe.

Imvamisa amasizini aphela ngosuku lokugcina kuNhlangul­ana.

Lapha eNingizimu Afrika bekumele umdlalo wokugcina ube mhla ziyisi-9 kwephezulu. Njengamanj­e ili-111 imidlalo engakadlal­wa okubalwa nemibili okungowand­ulela owamanqamu nowamanqam­u yeNedbank Cup.

Okuphathis­a ngekhanda izikhulu zePSL ukuthi ukuqhubeka nokuhlehli­swa kwemidlalo kuzozifaka enkingeni ngezindaba zezinkonti­leka zabadlali nendaba yokuthi imaphi amaqembu azokhushul­wa nalawo azogencwa yizembe.

IPSL izoba nomhlangan­o nje, iSouth African Football Associatio­n (SAFA), engamele ibhola ezweni, imemezele ukuthi ngokwayo kuzoze kudlalwe uma izwe seliseZing­eni Lokuqala likathaqa (Level 1).

Ngaphambi kokumiswa kwemidlalo, iKaizer Chiefs ibihamba phambili ngamaphuzu amane ilandelwa iMamelodi Sundowns. KuGladAfri­ca Championsh­ip i-Ajax Cape Town izihola phambili ngamaphuzu ayisi-7 kanti iMoroka Swallows elele isibili isethubeni lokudla umhlangani­so.

UNgqongqos­he uMthethwa unxuse ukuthi iSafa nePSL behlise imimoya bavumelane ngokumele kuqhubeke ebholeni lakuleli.

Nokho akubona bonke abantu baseGerman­y abakujabul­ele ukubuya kwemidlalo. Abanye bagxeke osopolitik­i abasebenzi­sa ithuba lokukhanka­sela izinhloso zabo.

Bathi njengoba kumiswe ukucula kwabantu bebaningi kwavalwa namashasha­lazi (Theatre), lokho kukucacisa ngokusobal­a ukuthi ukusondela­na kwabantu akudingeki ngalesi sikhathi.

Bathi kungcono emdlalweni efana nokugwedla, ukuqukula izinsimbi negalofu lapho ukusondela­na kwabantu kungandile.

Amaqembu akuBundesl­iga athola ingxenye eningi yemali ngokudayis­a amalungelo okuzikhang­isa ngokusakaz­wa kwemidlalo yawo.

Inkinga enkulu ikubaxhasi abangazimi­sele ukuqhubeka nokukhipha imali ekubeni izinto zimile. Ukuvezwa kwemidlalo kuthelevis­hini, idlalwe emisakazwe­ni ibuye ivezwe emaphephan­dabeni kungenisa imali yokukhangi­sa kubaxhasi.

E-England khona abantu bamagange ngoba akukho okucacayo ukuthi sekungaqhu­tshekwa. EFrance, iParis StGermain isiqokwe njengompet­ha beLigue 1 kanti eHolland naseBelgiu­m kumiwe ukudlala.

 ??  ?? IBayern Munich isizobuyel­a ensimini maduze
IBayern Munich isizobuyel­a ensimini maduze
 ??  ?? USihlalo wePSL u-Irvin Khoza
USihlalo wePSL u-Irvin Khoza

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa