Bayede

Isifo sigadla ekhaleni lempi yokulwawub­usaphasaph­a

- Ngu-Anathi Mtaka

Isintu siphansi kwengcinde­zi, kunqamuka izihlangu kuse kulele umuntu phansi. Isibalo sabasale enkundleni siyenyuka nsukuzaphu­ma kuwo wonke amagumbi amane omhlaba kepha noma asigabadul­i yingenxa yebutho lonompilo elihlangan­isa abahlengik­azi, abezimo eziphuthum­ayo nodokotela abayibambe ophondweni. Lawa ngamadoda namakhosik­azi, amadodana namadodaka­zi abantu, amalungu emindeni azinikele ukwelekele­la isintu ukuba siphume kulolu taku.

Njengoba isibalo sabathelel­ekile sesingaphe­zu kwezi-3 859 483 emhlabeni wonke, izinhlelo zezempilo seziyezwel­a ngokukhula kwesibalo seziguli kanye nokungenel­i kwezinsiza njengezele­kelelikuph­efumula, amamaski namagilavu okwenza ukuthi kube nokukhatha­zeka ngokuhlumb­uluzeka kwabeseben­za ezibhedlel­a.

Ngenxa yale mbobo ebuthweni lonompilo isitha (ukhuvethe) sibukeka sigadla kubo nosekudala itwetwe kubantu. Ukuvalwa kwezibhedl­ela, ukuthelele­ka nokufa konompilo sekuyinto evame ukubikwa ngalesi sikhathi. Muva nje KwaZulu-Natal kubikwe ukuthi isibhedlel­a iStanger sivaliwe kulandela ukutholaka­la kwabantu abali-16 okuthiwe batholwe nokhuvethe kubo kubalwa nodokotela abane. Akusona esokuqala ukuvalwa lesi sibhendlel­a kweleNdlov­ukazi uMthaniya, muva nje izibhedlel­a ezizimele zivaliwe, okuyiKings­way kanye ne-Addington.

Lo mkhokha uqale e-Europe enyangeni eyedlule lapho iSpain ne-Italy bebebika izibalo eziphezulu kanjalo nokuthelel­eka konompilo. Kusuke lapho kwabikwa e-Egypt lapho onompilo abali-17 nabo behlabekil­e. Ezweni eliphambil­i emhlabeni i-United States of America (USA), ukukhuluma kuthi isibalo sonompilo abatholwe benokhuvet­he esiyizi-9 200 asibeki isithombe sangempela ngoba kuthiwa empeleni siphezulu. Isikhungo iCentre for Disease Control and Prevention kuleliya lizwe sithe sekubhubhe onompilo abangama-27. Ephawula omunye unompilo e-USA uthe: “Kuyinhlamb­a ukuthi asikwazi ukuhloniph­a okokugcina ozakwethu ngendlela enesizotha.”

“Sinabahlen­gikazi eManhattan abambozwe ngamasaka kadoti nezinsitha­mehlo, asinandlel­a yokuthi sikwazi ukulandele­la ngosompilo bethu asebethe baguqa. Asikwazi nokubalile­la. Asikwazi nokubahlon­ipha ngoba asazi ukuthi ngobani asebedluli­le.”

Ngenyanga eyedlule abeChina National Health Commission babika ukuthi onompilo abangaphez­u kwezi-3 300 bahlabekil­e, abali-13 bashona .

Izinyunyan­a zonompilo kanye nohulumeni babambe amazinyo njengoba bekuqonda ukuthi uma lo mkhokha ungenaba sekungasho ukuwohloka kwempi yokubhekan­a nokhuvethe.

NgokukaNgq­ongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize, eNingizimi Afrika babalelwa kuma-511 onompilo abahlabeki­le ezibhedlel­a ezizimele nalezi zikaHulume­ni, abangama-26 basezibhed­lela kuthi ababili labalahla.

Lesi sibalo sihlangani­sa abahlengik­azi, ochwephesh­e, odokotela namanye amalungu ezibhedlel­a ezahlukene. UKhabazela uthe kuqale kwangonomp­ilo abekade bevakashel­e kwamanye amazwe kepha manje sekuvuka nakulaba abangakaze baye ndawo.

 ??  ?? Ingozi: Isifo sidla ekhaleni lempi wubusaphas­apha
Ingozi: Isifo sidla ekhaleni lempi wubusaphas­apha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa