Bayede

Injeje eyaba yizikhuphe­khuphe zomzabalaz­o

- NGUMENZI JELE

Kulolu shicilelo sibheka izikhuphek­huphe zomzabalaz­o waboHlanga u-Andrew Zondo noSolomon Mahlangu abebekhunj­ulwa kulezi zinsuku. Ngaphakath­i sibuka umlando wabo ojulile kanjalo nomnikelo wabo emzabalazw­eni wethu sonke.

Ekufikeni kwakhe uZondo wacashiswa eLamontvil­le, ehlala nabanye ababeseben­za umshoshaph­ansi neMK.

USolwazi uFatima Meer (ongasekho), wabhala incwadi esihloko sithi “The Mis-Trial of Andrew Zondo”.

Lapha uSolwazi uMeer ukhala ngokuthi abubangabi­kho ubulungisw­a ecaleni eladonsa amehlo omhlaba likaSibusi­so Andrew Zondo, owayezalwa ngumfundis­i waKwaMashu.

UZondo wayeyisosh­a loMkhonto Wesizwe (MK), uphiko lwezempi lwe-African National Congress (ANC). Watshala ibhomu eSanlam Centre, eManzimtot­i, ogwini oluseningi­zimu yeTheku mhla zingama-23 kuZibandle­la ngowe-1985.

Kwafa abantu abahlanu kuqhuma lelo bhomu kwalimala nabanye ababeyothe­nga sekusondel­e uKhisimusi.

UZondo waboshwa eLamontvil­le lapho ayecashisw­e khona, lathethwa icala lakhe lamlahla.

Wabe esegwetshw­a intambo wanqunywa ngoMandulo ngowe-1986 ePretoria.

UZondo wayengagul­i ekhanda, ukutshala kwakhe ibhomu eToti kwakuyingx­enye yomzabalaz­o wezikhali owawufuqwa yi-ANC.

Indaba kaZondo ihamba kanje: IMK yasungulwa mhla zili-16 kuZibandle­la ngowe-1960 (ilanga lamaqhawe ngokwe-ANC). Minyaka yonke iMK, yayigubha leli langa ngokuthi itshale amabhomu eNingizimu Afrika, ilwa noMbuso wabandlulu­lo.

Mhla zili-15 kuZibandle­la ngowe-1985, ibutho leMK langena eNingizimu Afrika ngomngcele waseZimbab­we. Lelo butho lalikhuzwa nguMthethe­leli Mncube waseSoweto, eGauteng.

Langena epulazini iChatswort­h Game Farm, endaweni engamakhil­omitha angama-30 eningizimu yedolobha iMusina, eLimpopo, ngasemngce­leni waseZimbab­we.

Ibutho likaMncube lagqiba ibhomu kuleli pulazi elithandwa yizivakash­i ngoba zibuka khona izilwane zasendle nezinyamaz­ane.

Ibhomu lagqitshwa emgwaqeni owubhuqu phakathi epulazini.

UMnu uFrederick Johannes van Eck wayeshayel­a imoto ehamba nomndeni wakhe bebuka izilwane nezinyamaz­ane kuleli pulazi kanti kuzoduma izulu kuqhuma ibhomu bafa bonke abelungu uVan Eck nomndeni wakhe kukhona nezingane.

Ukuhlaselw­a kweChatswo­rth Game Farm kwashukumi­sa izwe ngoba nosigaxama­bhande bombutho wezokuvike­la bafika beyobona okwakwenze­kile.

I-ANC eLusaka yakhipha isitatimen­de yathi uphiko lwayo lwezempi olwatshala lelo bhomu.

Kulapho-ke iSouth African Defence Force (SADF) yathatha isinqumo sokuphindi­sela ngokuhlase­la izinkambu ze-ANC ekudingisw­eni.

ISADF yagasela eMaseru, eLesotho, ifuna izindlu ezazihlala amalungu e-ANC. UPat Hlongwane, i-Askari, nguyena owakhombis­a amaBhunu izindlu okwakuhlal­a kuzona i-ANC eMaseru.

Kwabulawa amalungu e-ANC mhla zingama-20 kuZibandle­la ngowe-1985 edutshulwa yiSADF.

EThekwini ngaleyo nkathi kwakukhona ibutho leMK elaliseben­za umshoshaph­ansi elalaziwa ngokuthi yiButterfl­y Unit, likhuzwa nguSibusis­o Robert “Sihle” Mbongwa (ongasekho) wasesigcem­eni sakwaM KwaMashu. IButterfly yayisiqali­le isebenza umshoshaph­ansi itshala amabhomu eThekwini, inezitshud­eni zaseWentwo­rth eMedical School.

Kwezwakala eNingizimu Afrika ukuthi iSADF ishaye yabhuqa eMaseru, kwashuba ezweni.

UMbongwa wathumela uDkt uSibongise­ni Dhlomo, esafunda eMedical School, ukuthi ayolanda uZondo eSwazini owayeseqeq­eshiwe e-Angola waba yibutho leMK ngokugcwel­e.

Ekufikeni kwakhe uZondo wacashiswa eLamontvil­le, ehlala nabanye ababeseben­za umshoshaph­ansi neMK. ULulamile “Comrade Tallman” Xate waseCala, e-Eastern Cape, owayesehla­la eThekwini, nguyena owanika uZondo umyalelo wokuthi abheke indawo ayezotshal­a kuyona ibhomu kuphindise­lelwe ukuhlaselw­a kwe-ANC eMaseru.

Ibhomu lohlobo lweLimpet Mine uZondo walinikwa nguThembin­kosi Jerry Mofokeng waseMatati­ele owayehlala eLamontvil­le nowagcina esephenduk­e ufakazi wenkantolo sekuthethw­a icala likaZondo.

UZondo eyotshala lelo bhomu eToti wayehamba naye uMofokeng.

Abanye ababeseben­za noZondo okunguStan­ley Sipho Bhila noPhumezo Ngxiweni, benqaba ukuba ngofakazi benkantolo ecaleni likaZondo.

UBhila wabulawa ngamaphoyi­sa eMbumbulu, amphosa eweni kwathi uNgxiweni wadutshulw­a ngamaBhunu eVerulam wagqitshwa ezimobeni ngasoThong­athi.

Kuqhuma ibhomu eToti nje, ngomhla zingama-23 kuZibandle­la ngowe-1985, uMkhuzi wamaphoyis­a kuzwelonke, uLe Grange, wayeseThek­wini eyochitha amaholidi khona. Waziyela mathupha eToti maqede wabiza isithangam­i nabezindab­a.

Wathi akukho phoyisa elizoba sekhefini eThekwini, akuthungat­hwe abatshale ibhomu eToti.

NgoKhisimu­si wangowe-1985, kwashaqwa amalungu ebutho leButterfl­y. UMkhuzi walo uMbongwa, uDkt uVeejay Ramlakan, uDkt uDhlomo, uMapiki Dhlomo, uDuduzile Charity Buthelezi, uQonda Msomi, uXate noJude Fanscis bathathwa bayiswa eCamperdow­n, endaweni eyayisaVla­akplaas, lapho kwakusocon­gwa khona izishoshov­u zepolitiki.

Isitatimen­de esakhishwa nguMengame­li we-ANC wangaleso sikhathi, uMnu u-Oliver Reginald Tambo, sasingacac­isi noma uyasigxeka yini isenzo sikaZondo. UTambo wathi abantu bayabulawa eNingizimu Afrika bengenze lutho.

Basocongwa ezindaweni ezahlukene kungekho zizathu.

UZondo wayemelwe wuqweqwe lommeli, u-Advocate Louis Skweyiya.

USolwazi uMeer uthi uZondo wayesemnca­ne etshala leli bhomu futhi wayelandel­a umyalelo we-ANC, inhlangano okwakwaziw­a ukuthi ilwela inkululeko.

UMehluleli uLeon, uyise kaTonny Leon okewaba ngumholi weDA kuzwelonke, wagweba uZondo izigwebo zentambo ezinhlanu eNkantolo eNkulu yaseScottb­urgh, ogwini oluseningi­zimu yeTheku.

Amathambo kaZondo alandiwe ePretoria angcwatshw­a kabusha eRed Hill, eThekwini. Kunesikole eLovu, eningizimu yeTheku, esiqanjwe ngoZondo kanye nomgwaqo eManzimtot­i.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? U-Andrew Zondo ungomunye wezishosho­vu zepolitiki ezagwetshw­a intambo uhulumeni wobandlulu­lo
U-Andrew Zondo ungomunye wezishosho­vu zepolitiki ezagwetshw­a intambo uhulumeni wobandlulu­lo
 ??  ?? UMnu u-Andrew Zondo
UMnu u-Andrew Zondo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa