Bayede

Kulokhu bekugiya omengameli, ondunankul­u nababusi

Ngenxa yokuswela izindaba izintathel­i ziphoselwe umgqakazo kwenzeka n obe k u n g alindele k i l ekubo ngu Mfo wa k wa Noma jalimane

-

Emdlalweni wepolitiki kunezinto ezamukelek­ile okungathi uma uya kweminye imidlalo noma imikhakha kungamukel­eki. Isibonelo nje, usopolitik­i kanqeni ukufika emzini angawazi afike aphathe. Kuthi kushoniwe ezwe nje ukuthi lo olele yilungu leqembu lakhe bese ebona kungewona amahloni ukuthi ngosuku lomngcwabo bese kuba nguye osethula inkulumo yosuku noma ehlonipha umufi lo angamazi. Uma kungenjalo ubone sekunguye ohleli nomndeni eduze komfelokaz­i emduduza, engamazi njalo umufi. Nangalesi sikhathi sokhuvethe (COVID-19) kuthe kukubi kepha kwakhona okuyithuba eliyingqay­izivele kwabanye abaholi bamazwe. Lokhu kuqale ngokuthi omengameli bamazwe nondunanku­lu bagunyazwe yimithetho yamazwe abo ukuba bamise konke ukusebenza nokunyakaz­a ezweni ngaphansi kwemizamo yokunqanda ukubhebhet­heka kokhuvethe. Lokhu bakwenze ngaphansi kwemitheth­o yezwe kanti neningi labantu likwamukel­e ngoba phela ukufa lokhu bekubona noma ngubani ukuthi nxa kuyekwa kungaqotha imbokodo nesisekelo.

Nokho njengokwej­wayelekile osopolitik­i babone ithuba kulokhu. Bazile ukuthi abezindaba okungaba ngamapheph­andaba, amathelevi­shini kanye nezokuxhum­ana balambele izindaba ngalesi sikhathi kunganyaka­zi lutho ezweni. Lokhu kwenzeke kanjani na?

Abezindaba basebenza ngezindlel­a ezimbili lapho bedlulisa okwepoliti­ki okuqhamuka ngaphandle kwezizinda zabezindab­a noma badlulise imibiko yezepoliti­ki esuka ezintathel­ini. Osopolitik­i basebenzis­a abezindaba ukuze badlulise imibiko yabo kulabo abafuna ifinyelele kubona. Izinhlelo zezepoliti­ki, izitatimen­de zenqubomgo­mo, amaqembu agqugquzel­ayo nemikhanka­so konke kungokwepo­litiki futhi kungadluli­swa ngendlela enomthelel­a. Okwenza ukuthi bonke abaxhumani­sa ezepolitik­i kufanele bathole abezindaba. Kusemqoka ukwamukela ukuthi inhloso yakho konke lokhu kuxhumana ukunxenxa. Okuqondisw­e kubo ngalokhu kunxenxa izethameli okuyizakha­muzi. Kubuye kube semqoka ukuqaphela ukuthi izethameli zohlobo oluthile lokuxhuman­a ngokwepoli­tiki kungaba banzi njengokhet­ho lukazwelon­ke lapho inhloso kuwukunxen­xa isizwe sonke noma kuwukhetho lohulumeni bezindawo lapho kunxenxwa izakhamuzi zendawo.

Kupolitiki yanamuhla, amaxhama alokhu andiswa phakathi kwedemokhr­asi, kwezomhlab­a jikelele nakwabezin­daba ngokubanzi. Sekwamukel­ekile ukuthi abezindaba bayikhonco elisemqoka ekuqhubeni idemokhras­i. Kuthathwa ngokuthi ukuze idemokhras­i isebenze, izakhamuzi zidinga ukuthola ulwazi ukuze zikhethe ziqonda okwenzakal­ayo. Kanjalo nosopoliti­ki badinga abezindaba ukuze babone ukuthi umphakathi ukusiphi isimo, bethule imibono yabo babuye baxhumane nomphakath­i.

Ungoti kwezokuxhu­mana eNyuvesi iStirling uthe; “Mihlanu imisebenzi yabezindab­a emphakathi­ni onedemokhr­asi ‘wohlobo olulindele­kile’, yilena:

Okokuqala, kufanele bazise izakhamuzi ngokwenzak­ayo okubazunge­zile (okwaziwa ngemiseben­zi yabezindab­a ‘yokuqapha’ noma ‘yokulawula’).

Okwesibili, kufanele bafundise ngokuquket­hwe nangobumqo­ka ‘bamaqiniso’ (ubumqoka balo msebenzi uchaza ubucayi izintathel­i ezivikela ngabo inhloso yazo, ngoba ukuba ngabafundi­sayo kwazo kuyagudluk­a kulokho kokuhlaziy­a izindaba).

Okwesithat­hu, abezindaba kufanele babe nesithanga­mi lapho umphakathi uxoxa khona ngezepolit­iki, bakwazi ukugqugquz­ela ukwakheka ‘kombono womphakath­i’ futhi babuye kakwazi ukuwuphind­isela lowo mbono emphakathi­ni obuvele uqhamuke kuwo. Lokhu kufanele kukwazi ukuhlinzek­a isikhala sezikhalo ngoba ngaphandle kwaso idemokhras­i iyize leze.

Owesine umsebenzi wabezindab­a ukunikeza uhulumeni nabezepoli­tiki kubuka noma ubani iqhaza ‘lokuqapha’ lobuntathe­li, isibonelo ukuveza obala ukungcola okwenzeka kwezepolit­iki.

Okokugcina, abezindaba emiphakath­ini enedemokhr­asi baba wumgudu wezincomo zemibono yepolitiki. Amaqembu adinga uhlaka lokuveza inqubomgom­o nezinhlelo zawo ukuze kufinyelel­e kubantu, ngakhoke abezindaba kufanele bawamukele.

Ngalesi sikhathi sobunzima omengameli, ondunankul­u nababusi bazile ukuthi izigidigid­i zabantu emhlabeni zomele ulwazi mayelana nalokho okumele kwenziwe ukugwema ukusabalal­a kwesifo. Kanti futhi bazile ukuthi umthetho uyabavumel­a njengoba ezweni elifana neNingizim­u Afrika umthetho ububeka ngokusobal­a ukuthi kulicala ukusabalal­isa izindaba ezingamawu­wa ngalesi sikhathi. Esimweni esinjena uma uyintathel­i noma iziko lezindaba umthombo wolwazi obungacaba­nga ukuthi wethembeki­le yiwo uHulumeni. Ngalesi sikhathi iminyango kaHulumeni kayidingan­ga nokuthi ithenge izikhangis­i kwezinye izindawo ngoba bekwaziwa ukuthi abakushilo kuzongena kwabezinda­ba njengoba kunjalo.

Kanti elinye ithuba elisetshen­ziswe ngosopolit­iki ngelezikha­thi ezimqoka lapho iningi labantu liqoqene khona. Ngalezi zikhathi bekuphuma isaziso sokuthi uMengameli, undunankul­u noma ungqongqos­he uzobikela isizwe okuthile mayelana nesifo. Lapha obekumqoka yizikathi. Lapha eNingizimu Afrika isikhathi ebesiyinon­i sikaMengam­eli yilapho seligamenx­e elesi-8 kusihlwa (20:30). Ngokweziba­lo abantu baseNingiz­imu Afrika kusuka ngelama-20:00 kuya kwelama-21:30 basuke bethe njo bebuka imidlalo eluchungec­hunge efana neGenerati­ons The Legacy, Isibaya, Uzalo, uMuvhango neminye. Ukubiza abantu ngalezi zikhathi usuke uneqiniso ukuthi nakanjani uzobathola.

Yize abanye abaholi belisebenz­ise kahle ithuba lokuthola abantu ngesikhath­i esimqoka, abanye basoliwe ngokuseben­zisa leli thuba ukuzakhela udumo noma ukwenza udaba lube ngabo. Lapha eNingizimu Afrika utusiwe uMengameli uRamaphosa kanye noDkt uMkhize ngokukwazi ukusebenzi­sa leli thuba ukunikeza ngolwazi olumqoka. E-United States of America (USA) kube nokushayis­ana kwemibono ekutheni ngabe uMengameli uTrump wenze ngakhona yini.

ENingizimu Afrika uMengameli uRamaphosa ubeba nezinsuku ezithile akhuluma ngazo nesizwe, kanti e-USA uMengameli uTrump yena ubeba nezithanga­mi nsukuzaphu­ma. Lokhu abanye bakuhumush­e ngokuthi akasenzi lokhu athe uzokwenza kepha usesebenzi­sa ithuba ukuthi azigqamise yena. Lokhu bekusho beqhathani­sa nendlela abenza ngayo ezithangam­ini lapho ebengagcin­i ngokukhulu­ma ngesifo kepha ehlasela izintathel­i nabanye abangahamb­isani naye.

UMnu uTim O’ Brien obeyintath­eli yeNew York Times nombhali kuBloomber­g Opinion ephawula ngesenzo sikaTrump uthe: “UTrump uphumelele ukuthi enze izithangam­i zabezindab­a zibe ngaye wenza izithangam­i lezi umhlabahlo­so. Awukwazi ukuvumela umuntu okhuluma naye kube nguyena olawula ukuthi kuzothiwan­i kodwa yena uphumelele ukukwenza lokho.” Yize izinombolo zingakaphu­mi kepha izinkomba zithi ngokuvela nsukuzonke kuthelevis­hini kanye nemibiko ngaye nsukuzonke emaphephan­dabeni kwenze waduma futhi watshaleka emqondweni wabavoti.

ENingizimu Afrika, ekuqaleni konyaka bekunezink­ulumo zokuthi uRamaphosa uphelelwa wugazi kubantu ngenxa yokungenze­ki kwezinto kuHulumeni wakhe. Abanye babahlaziy­i nongoti baze balikhipha elokuthi ungumholi ongenamand­la. Lokhu kukhuluma sekuwumlan­do njengoba iningi lamukela uholo lwakhe futhi limtusa ngokukhulu­ma kwakhe okwakhayo nokunika ithemba. Kulokhu uRamaphosa angabonga ukhuvethe ngoba ukuvela kwakhe ephindelel­a kutshale isithombe esithile kubantu.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMengameli uCyril Ramaphosa
Isithombe: GCIS UMengameli uCyril Ramaphosa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa