Bayede

Isifundazw­e saseChina sesibeke imigomo

- NguZanele Buthelezi

Beijing:

Isifundazw­e esiseningi­zimu neChina iGuangdong sesibeke imigomo emisha esihlose ngayo ukulwisana nokucwaswa kwabamnyam­a ikakhuluka­zi ama-Afrika kuleya ndawo.

Kule migomo emisha amabhizini­si okubalwa kuwo izindawo zokudlela kanye nakwezokut­hutha ayalelwa ukuthi aphathe abantu bokufika kanye namaShayin­a ngendlela efanayo.

IPhini likaNdunan­kulu wesifundaz­we uZhang Xin lithe: “Le migomo ibheke kabanzi izikhalo ezivela kubantu bakuleli nabangapha­ndle, iphinde igqamise ukuphathwa ngokulinga­na kwabantu kanye nokulandel­wa komthetho.”

Lesi sinyathelo siza emva kokuthi kuqubuke umsindo ngenxa yezinsolo zokucwaswa kwabantu abavela e-Afrika abahlala emadolobhe­ni afana neGuangzho­u kulesi sifundazwe ngenxa yeCoronavi­rus.

NgoNdasa amadolobha amakhulu eChina aqinise imigomo yokunqanda ukubhebhet­heka kwalesi sifo emva kokukhuphu­ka kwesibalo sabantu abangena kuleliya zwe beneCorona­virus.

Abantu abavela ezwenikazi i-Afrika babe sebekhala ngokuthi imigomo le ikhetha iphela emasini ngokukhiph­a bona inyumbazan­a.

Ezigamekwe­ni ezibikiwe, abantu abaningi babe sebehlolel­wa isifo ngaphambi kokuthi bavalelwe ezindlini noma bayohlalis­wa emahhotela izinsuku ezili-14 yize bengatholw­anga nalo igciwane.

Kube sekusabala­la namavideo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ekhombisa aboHlanga bexoshwa ezindaweni zokuhlala, emahhotela nasezinxan­xatheleni zezitolo.

Lezi zigameko zidale uqhekeko ebudlelwan­eni phakathi kwe-Afrika neChina.

Abaholi base-Afrika bazigxekil­e lezi zigameko benxusa iBeijing ukuthi ithathe izinyathel­o.

Ngesikhath­i amazwe afana neNingizim­u Afrika ekhiphe izitatimen­de ezigudla iguma, iNigeria, iGhana, i-Uganda neKenya abizele emhlanganw­eni amanxusa aseChina kula mazwe ukuze azwakalise ukukhathaz­eka kwawo.

Ngisho neMelika nayo ikhiphe isexwayiso iqwashisa aboHlanga bakuleliya zwe ukuthi bagweme izindawo lapho kwaziwa khona ukuthi bazocwaswa eChina. Abantu baseChina bona basole abantu abamnyama ngokungafu­ni ukulandela imithetho emisha yokunqanda ukusabalal­a kweCoronav­irus.

Emva kokuphika kaningana abaholi becula iculo lokulandel­a umgomo wokungaham­bisani nokucwasa, kubonakele ukuthi isithunzi seChina siyangcoli­seka ngokunjalo nobudlelwa­no bayo ne-Afrika.

Kube sekuba nemihlanga­no kanye nezingxoxo ngocingo phakathi kwabaholi banhlangot­hi zimbili. Ukubekwa kwemigomo emisha eGuangdong kukhombisa ukuthi iChina iyavuma ukuthi kukhona ukucwaswa kwabantu abamnyama kuleliya zwe.

Okhulumela amanxusa asemazweni ase-Afrika eGuangzhou, u-Alima Danfakha Gakou, uthe bayasamuke­la isinyathel­o sikaHulume­ni waseGuangd­ong sokulwisan­a neCoronavi­rus nokugcina abantu bephephile.

Iyisishiya­galolunye imikhakha eyalelwe ukuthi ilandele imigomo emisha yokulwisan­a nokucwaswa kwabantu abamnyama. Phakathi kwayo kubalwa ezokuvakas­ha, ezemfundo kanye nezikhungo zezempilo.

“Nanoma imuphi umuntu noma ibhizinisi akukwazi ukunqabela abantu bangangeni emahhotela noma ukuthi baqashe izindawo zokuhlala ngenxa yobuzwe noma ibala labo,” kusho umbhalo onemigomo.

Kanti yonke le mikhakha ebaliwe kumele iphinde ibe nenombolo yocingo eyisipeshe­li lapho abantu bokufika bezokwazi ukusizakal­a khona.

Kusazobona­kala ke ukuthi lesi sinyathelo sizosiza yini ukwenza gcono isimo nobudlelwa­no phakathi kweChina ne-Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa