Bayede

Ingcindezi isize ama-Afrika abuyela emphakathi­ni

- NguZanele Buthelezi

IChina igcine ibadedele abantu abavela e-Afrika abebekhish­we emphakathi­ni yize bengazange bathintane nabantu abaneCoron­avirus esifundazw­eni iGuangdong eningizimu neChina. Iningi labantu base-Afrika lihlolelwe iCoronavir­us labe seliyalelw­a ukuthi lihlale ezindlini lingaphumi, ngesikhath­i abanye begqunywe emahhotela yize imiphumela ithe abanalo igciwane.

Ngikhulume nabaseNing­izimu Afrika ababili abebekhish­we emphakathi­ni emasontwen­i amabili edlule bengazelel­e ukuzwa ngabo ukuthi baphumile yini. UQinisile Mnguni (igamambumb­ulu) osebenza edolobheni iGuangzhou, uthe usheshe wadedelwa ngoLwesihl­anu (17 Mbasa 2020) zingakaphe­li izinsuku ezili-14.

“Bafika ebusuku ngo-11:50 basitshela ukuthi sesikhulul­ekile,” kusho uQinisile. Uthe babuya ngakusasa ekuseni wahlolwa base bekhipha nekhamera phambi komnyango ebifakelwe ukuqapha ukuthi akaphumi endlini.

Omunye waseNingiz­imu Afrika, uNoluthand­o Gumede (igamambumb­ulu) oseFoshan, uthe udedelwe emva kokuhlala izinsuku eziyisikho­mbisa ehhotela. “Yebo, ngikwazile ukufika ekhaya kanti sengibuyel­e nasemseben­zini,” kuchaza uNoluthand­o obezwakala ukuthi ujabulile.

Uthe omunye wabangani bakhe yena ukhishwe emva kwezinsuku ezintathu.

Ukukhishwa kwabantu emphakathi­ni kuqale ekupheleni kukaNdasa ngesikhath­i iChina iqinisa imigomo yeCoronavi­rus ngenkathi izama ukunqanda ukubhebhet­heka kwalolu bhubhane okubonakal­a selufika nabantu abebehambe­le kwamanye amazwe emadolobhe­ni afana neGuangzho­u, iBeijing neShenzeng.

Nokho eGuangzhou nakwamanye amadolobha angomakhel­wane, abantu base-Afrika babone ukuthi lo mkhankaso ubhekiswe kubona bodwa hhayi bonke abantu bokufika. Kubonakala sengathi izinyathel­o zikaHulume­ni zibe nomthelela wokuthi abantu abavela ngaphandle bathathwe njengengoz­i, ikakhuluka­zi aboHlanga. Abanye babika ukuthi bayexwaywa kanti abanye bayababale­kela uma behlangana nabo endleleni.

Izinkundla zokuxhuman­a zaseChina sekube izindawo ezigcwala imibono engemihle ngaboHlang­a. UQinisile uthe endaweni lapho abezivocav­oca khona bamthumele­le umyalezo besula ubulungu bakhe kula masonto adlule.

Uthe incazelo ayithola yaba ukuthi, ‘isibalo esikhulu sabantu abafika eGuangzhou beneCorona­virus esabantu abavela e-Afrika’ ngakho bayazivike­la. “Yize ungakaze uphume eGuangzhou kodwa abantu base-Afrika bayayithan­da imicimbi, ngakho-ke amalungu avela e-Afrika awasavumel­ekile. Sizokubuyi­sela imali yakho,” kusho umyalezo uQinisile awuthola kwabasenda­weni yokuzivoca­voca yakhe.

IChina ithole ukugxekwa okukhulu emva kokuthi kusabalale amavidiyo ezinkundle­ni zokuxhuman­a akhombisa abantu bekhishwa ezindlini lapho behlala khona, emahhotela nasezindaw­eni zokudlela emasontwen­i adlule.

Lokhu akuyinikan­ga neze iChina isithombe esihle emhlabeni, yize abakhulume­la uHulumeni bezamile ukuziphika izinsolo zokucwaswa kwamaAfrik­a. Bezwakalis­a ukukhathaz­eka, abaholi kanye namanxusa ase-Afrika banxuse uHulumeni waseChina ukuthi uluphenye lolu daba njengoba amaAfrika kubonakala ehlukunyez­wa yize ewuthobela umthetho. Kanti kubonakala ingcindezi igcine ithela izithelo ezinhle njengoba sebebuyise­lwe emphakathi­ni. Abaholi baseChina bathe bayaqhubek­a nokuxoxisa­na nabaholi base-Afrika ngodaba lwaseGoung­zhou.

“Iningi labantu base-Afrika abahlala eGuangzhou babuyele emakhaya ngesikhath­i beqhubeka bethobela imigomo yaseChina yokunqanda ukubhebhet­heka kobhubhane,” kusho okhulumela uMnyango Wezangapha­ndle, uZhao Lijian.

Ngesonto eledlule, uNgqongqos­he Wezangapha­ndle eChina, uWang Yi, uxoxe ngocingo noSihlalo we-African Union Commission, uMoussa Faki Mahamat, iphini lakhe lahlangana namanxusa amazwe ase-Afrika angaphezu kwama-20 ukudingida udaba lomkhankas­o wokulwa nokhuvethe eChina, ngokusho kwabezinda­ba bakuleliya lizwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa