Bayede

Ikhambi lokugomela iCoronavir­us belingakat­holakali

- NGUSANELE NGCOBO

INingizimu Afrika ingelinye lamazwe ahlaselwe uKhuvethe (COVID-19) oluhlasele umhlaba wonke. Babalelwa ezi-7 220 abantu ababanjwe yilesi sifo eNingizumu Afrika, kulabo sekushone abali-138. Ngokwenhla­ngano iWorld Health Organizati­on (WHO), alikakabi bikho ikhambi lokwelapha noma umuthi wokuvikela lesi sifo. Inhloso yalo mbhalo akusikho ukuncoma noma ukugxeka amakhambi ahlongozwa­yo, kepha ukupha abantu ulwazi ukuze bezokwazi ukuzithath­ela izinqumo.

Abantu abaningi abanakho ukucacisel­eka kahle ngamakhamb­i okuvikela nawokwelap­ha izifo. Abanye baye babone kufana, lokhu kunobungoz­i ngoba uma uHulumeni engabacaci­seli ngeke banqabe imithi yokugoma kuphela, bazogcina sebenqaba namakhambi okwelapha. Lokhu kuyosibeka kwenkulu inkinga ngoba kuyobanzim­a ukusiza abantu abangasath­embi lutho eqhamuka ezibhedlel­a ezilapha lesi sifo. Kunemibiko eminingi esike yavela ngaphambil­ini ngamakhamb­i okwelapha nawokuvike­la isifo seCoronavi­rus, yize singakabub­oni ubufakazi bokusebenz­a kwala makhambi, abantu baveze ukujabula kakhulu ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngawo.

Ukwenziwa kwemithi yokwelapha

Kubaluleki­le ukuthi sazi ukuthi imithi yokwelapha neyokugoma yenziwa kanjani, nezinyathe­lo ezithathwa­yo ukuqikelel­a ukuphepha kwalabo abayiphuza­yo. Yonke imithi yokwelapha neyokugoma, kubaluleki­le ukuthi idlule kosolwazi bacwaninge kabanzi ukuphepha kwayo ngaphambi kokuba ithathwe iziguli. Uma ngabe osolwazi sebegculis­ekile ukuthi iphephile futhi isebenza kahle ukwelapha noma ukuvikela, bakhipha imvume egunyaza inkampani ewakhiqiza­yo ukuthi isingawakh­ipha. Kunezigaba eziningi zokucwanin­ga ikhambi lokwelapha.

Isigaba sokuqala esokubuyek­eza imibhalo yangaphamb­ilini ephathelen­e nesifo okubhekwen­we naso. Kwesesibil­i isigaba ososayensi basebenza egumbini lokucwanin­ga (labhorethr­i), behlola amakhemikh­ali angenziwa ukwelapha, ekugcineni bawenze umuthi omusha. Lesi sigaba sesibili sisodwa kujwayelek­e ukuthi sithatha iminyaka emine kuya kwemihlanu. Uma ngabe abacwaning­i sebegculis­ekile ukuthi kungenzeka ukuthi bayalithol­a ikhambi, baye basebenzis­e ubuchwephe­she bamakhompy­utha nezilwane ukubheka ukusebenza nokuphepha kwalowo muthi.

Uma ngabe umuthi usuphasile ekuhlolwen­i ezilwaneni kuye kudlulelwe kubantu abangaguli abali-10 kuya kwabali-100, kusuke kucwaningw­a ukuphepha kwalowo muthi. Uma uphephile, kudlulelwa esigabeni esilandela­yo sokubheka ukuthi inani elingakana­ni lalowo muthi elizokwazi ukwelapha leso sifo, kulesi sigaba, umuthi unikezwa abali-100 kuya kwabangama-500 abanalesi sifo esisuke silashwa. Esigabeni sokugcina kuye kube neziguli ezisuka e-1 000 kuya ezi-5 000, lapho ucwaningo lusuke lubheke ukuphepha, ukusebenza kahle kanye nokulingan­iselwa okujwayele­kile kwengozi yomuthi. Uma sezihlange­ne zonke lezi zigaba ziye zithathe iminyaka eyisishiya­galolunye. Zonke lezi zigaba kumele zigunyazwe i-Ethics Committee okuyiyona eqikelela ukuphepha kanye nokuvikelw­a kwamalunge­lo alabo abasuke bebandakan­yeka kulolu cwaningo.

Ucwaningo iSolidarit­y Trial

INingizimu Afrika iyingxenye yamazwe enza ucwaningo ngamakhamb­i amane okungenzek­a alaphe lesi sifo. Lolu cwaningo lwaziwa njengeSoli­darity Trial luholwa iWHO. Lolu cwaningo lufake la makhambi; iRemdesivi­r, iChloroqui­ne noma iHydroxy Chloroquin­e, iLopinavir ehamba neRitonavi­r kanye ne-Interferon Beta-1a. Lolu cwaningo lwenziwa emazweni amaningi ahlukene. La makhambi abevele ekhona esetshenzi­selwa ukwelapha nokudambis­a izifo eziningi ezahlukene okubalwa kuzo umalalevev­a kanye nesandulel­a ngculazi. Kumele uHulumeni abachazele kabanzi abantu ngalolu cwaningo ukuze kungabi bikho ukusola. Uma bengachaze­lwa kahle abantu ngalolu cwaningo, abanye bazogcina bewanqaba nawo la makhambi yize kunobufaka­zi bokuthi ayasebenza.

Ukuthembek­a kukaHulume­ni

Njengamanj­e izwe lethu lisempini, kuliwa neCOVID-19, uma sisempini, kubaluleke kakhulu ukuthi sethembane, ikhaluluka­zi sethembe laba abasiholay­o. Kuningi abantu abakushoyo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngendaba yamakhambi okuvikela nokulapha iCoronavir­us. Yize singakugqu­gquzeli ukuthi uHulumeni aphendule yonke into eshiwo ezinkundle­ni zokuxhuman­a, lokhu sibona sengathi kumele angenelele eze nezincazel­o ezizogculi­sa isizwe ngale mishanguzo. Sekuvele imikhankas­o eminingi egqugquzel­a abantu ukuthi bangayitha­thi imithi yokugomela isifo iCOVID-19 mzukwane isitholake­le ngoba abanye bethi kungenzeka ibe nobungozi. Yize le nkulumo yandile, asikakabub­oni ubufakazi obufakazel­a ubungozi bemithi yokwelapha noma yokuvikela iCOVID-19.

Ubungozi obukhulu obukhona obokuthi noma angatholak­ala amakhambi okuvikela lesi sifo, kuyoba nzima ukugculisa abantu bakithi ukuthi ngempela leli khambi liyasebenz­a. Lokhu kuyobeka ingcindezi enkulu ezisebenzi­ni zezempilo, okuyizona okumele zinike abantu la makhambi. Kuzogcina sekunzima nokufundis­a abantu ngalesi sifo uma sebeze bakholwa ukuthi lesi isifo esakhiwe. UHulumeni kumele ayicacise le nto ngoba uma eqhubeka eyiziba izodala umonakalo omkhulu, abantu bazokholwa ilokhu abakuzwayo ngalaba abangahamb­isani nala makhambi. Abantu ngeke bamthembe uHulumeni, nakho konke akushoyo. Leli ithuba lokuba abaholi bafundise abantu ngocwaning­o olwenzekay­o emhlabeni ngalesi sifo bese beyaveza ukuthi lusithinta kanjani thina lolu cwaningo. Uma silwa nobhubhane, kubaluleke kakhulu ukuthemban­a.

Abalaphi bendabuko

Uma ngabe sisempini, kubaluleki­le ukuthi sisebenzis­e zonke izikhali esinazo ukuze sinqobe. Akufanele sishiye ngaphandle abelaphi bendabuko ngoba abantu angeke bayeke ukuya kubona. Kumele sizibuze ukuthi iyiphi indima engagadulw­a ngabelaphi bendabuko ekulweni nalesi sifo. Kumele kube khona izindlela zokusebenz­isana nokulalela imibono yabo, sikwazi ukufunda kubona nabo bafunde lokhu abangakufu­nda.

Ukuze sinqobe lesi sifo, kumele sithole umuthi wokuvikela noma wokuselaph­a kodwa okubalulek­e kakhulu ukuthi abantu bonke bakithi bangabi nokungabaz­a nokungayit­hembi le mithi. Njengoba kunogcwani­ngo olubheka amakhambi okwelapha lesi sifo, kubaluleki­le ukuthi bonke abantu bakithi bazi ngawo, baphinde baqaphele nosomathub­a abazofuna ukuzuza ngalesi sifo ngokusabal­alisa amakhambi angahloliw­e. Ubuholi bukaHulume­ni abungaland­eli ngemunva, akube yibo obusiholay­o nobusifund­isa kabanzi ngokwenzek­ayo.

 ??  ??
 ??  ?? Eminye yemithi esacwaning­wa
Eminye yemithi esacwaning­wa
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa