Inkankane nenkankane alidle ngakubo
Kukhona abathi isithebe sanele abegceke ngakho abokufika kabagoduke
Isisho sesiZulu sithi isishiphi somnumzane sesulelwa kubafokazane. Ukugasela kweCovid-19 kwenze okufanayo uma kunombhedukazwe. Nakulokhu abangabona abegceke, abokufika, yibo abahlehliselwe emuva futhi abasolwa ngokuningi ngamakhosana namakhosazana ezwe. Muva nje eNingizimu Afrika kuvuke inkulumompikiswano mayelana nokuthi ngabe abokufika kumele babuyele emazweni abo yini njengoba izwe lihlaselwe wukhuvethe. Isikhalo kulabo abathi “ayigubhe” ngesokuthi njengoba kuhlushekiwe nje kumele uHulumeni wakuleli kulokhu okuncane anakho abele abegceke, kuthi abanye baye ngasemakubo ukuze noHulumeni babo benze okufanayo.
Kulawo mazwe ami kahle ikakhulukazi asentshonalanga, kwenzekile njengoba abanye belandwe ngamabhanoyi nemikhumbi kwamanye amazwe babuyiselwa ekhaya. INingizimu Afrika nayo ibalandile abayo abebevaleleke emazweni. Kanjalo nohulumeni benza okusemandleni ukuthi ekuxhaseni kwabo babhekelele abegceke. Ngalesi sinqumo akuchazi ukuthi banonya kepha abanye baphoqwa yizimo zomnotho.
Kepha amazwe kanjalo nezimo kakufani. Kwabokufika kwamanye amazwe akukho ukubuyela emuva. Isibonelo nje, eBangladesh abesizwe samaRohingya ababalekela ukubhujiswa eMyanmar ababalelwa ezi-860 000 akukho ukunyakaza kubona. Ngokwezibalo ababaleki (labo abasuswe ngendlakadla noma ngodlame thizeni) babalelwa ezigidini ezingama-71. Laba uma bengabekwa ezweni elilodwa bangakha izwe elingelama-20 ngobukhulu emhlabeni.
INingizimu Afrika iyikhaya lezinkulungwane zabokufika iningi labo livela emazweni angomakhelwane nakwenzinye izingxenye zezwekazi i-Afrika. Ingxenye ethize ifike ngenxa yezimo zepolitiki nomnotho emazweni abo. Elinye izwe eliwumakhelwane okuyimanje linabantu abaningi abakuleli yiZimbabwe. Ziningi izakhamuzi zakuleliya lizwe ezikuleli futhi iningi lazo usungafunga ukuthi ngabaseNingizimu Afrika ngoba baganiwe abanye bagana khona lapho.
Kuleli sonto njengoba kuqale isigaba sesine sokuvalwa kwezwe, leli phephandaba likhulume nabanye bokufika abadabuka eZimbabwe, uMnu uStewart Kutsapede owafika kuleli ngowezi-2005 noMnu u-Oliver Mupwapwa owafika ngowezi-2010. Zombili lezi zinsizwa zigobe amadlangala eMsunduzi elokishini iMbali.
Ifika intatheli ithole uKutsapede obeyonana okokugcoba kuMupwapwa othe angamukela abekunana wabe eseyalelwa ukuba naye ayothatha ugwayi endlini yakhe. Izindlu zabo zibhekene, bobabili bahlala nezingane nomasihlalisane babo.
Ngaleso sikhathi emgwaqeni kuyaphithizela cishe isimo sithi asifane nesejwayelekile saselokishini ngaphambi kokuthi uMengameli uRamaphosa amemezele ukumiswa kokusebenza ngokwejwayelekile ezweni ngenxa yeCovid-19.
Belandisa leli phephandaba ngempilo abayiphilayo selokhu kwamiswa ukusebenza ngokwejwayelekile ezweni mhla zingama-26 kuNdasa kophezulu, uKutsapede uchaze ngeminyaka eli-15 aseyiphile kuleli.
Uthe: “Siphila ngokubamba amatoho kubantu, kungaba odinga ukwakhelwa indlu noma umsebenzi wegceke, ukuze sikwazi ukubeka ukudla etafuleni nokukhokha lapho sihlala khona.”
Echaza ngomthelela wokungakwazi ukunyakaza, uthe inkinga imsebenzi ayitholakali nokudla bakuthola ngokuhlanganisa. “Sesiyananelana ngoba ngeke kulalwe kungadliwe futhi asifuni ukuzithola sesiphambene nomthetho sesiyosebenza ekubeni uMengameli ememezele ukuthi akuhlalwe emakhaya,” kulanda uKutsapede.
UMupwapwa yena uthe bayalamba kanti bakweletwa imali ngabantu bakuleli ababakhele izindlu. “Inkinga ukuthi kunabantu okumele engabe bayasikhokhela imali yethu esasikade sibakhele izindlu, sabenzela neminye imisebenzi yasegcekeni kodwa ngeke sikwazi ukuyilanda ngoba asinawo amaphepha asigunyaza ukuthi siphume nokuthi senza imsebenzi emqoka ngesikhathi kade sekuyisigaba sesi-5. Imali esiyitholayo sithenga leso sinkwa sishebe ngamanzi.”
Bobabili laba bathe babhekene nenkinga yokuba nesikweletu sokukhokha lapho behlala khona.
“Inkinga ukuthi sesingene kwenye inyanga singakhokhile, sesicabanga nokuthi siyoboleka imali ezalayo ukuze sizokwazi ukuthi sikhokhe le mali ukugwema ukukhishwa ezindlini zethu. Umasitende uyayifuna imali yakhe ukuthi siyithathaphi akuhlangene naye. Siyethemba ukuthi sizokwazi ukuyikhokha ngoba izitolo ezidayisa izinto zokwakha sezivuliwe,” kusho uKutsapede.
Bathi bafisa ukuthi kuvulwe ukuba basebenze ngoba kwasekuqaleni bebengaziphilisi ngokucela. “Iningi labantu bokufika lisebenza imisebenzi yokwakha izindlu, siyethemba ukuthi njengoba sezivuliwe izitolo sesizokwazi nokuqhuba impilo kancane. Njengoba sekuvuliwe sizokwazi ukuthola umuntu ozosibiza ukuba simufakele isicabha sikwazi ukuthola okungenani ama-R200.00 sibuye naleyo mali izingane zidle,” usho kanje.
Bathe ngenyanga uma kungahambi kahle bayakwazi ukuthi okungenani benze izi-R5 000 kwesinye isikhathi i-R1 000.
UKutsapede echaza ngesimo esigabeni sesihlanu sokuvalwa kwezwe uthe: “Angizange ngenze mali ngesigaba sesihlanu. Ngiqale ukuthola imali sesikwesine engama-R500 nayo esiphelile ngoba sithenge impuphu namazambane ukuze sishebe endlini, ngase nginika abafowethu abangakayitholi imali khona kuzokwazi ukuthi kudle izingane zabo.”
Uthe le mali eyesibonelelo sikaHulumeni etholwa yizingane njengoba enezimbili.
Ebuzwa ukuthi bayithola kanjani le mali uthe: “Imali yesibonelelo sikaHulumeni siyithola ngokuthi omama bazo ngabalapha eNingizimu Afrika, asisukanga nabo eZimbabwe. Inkinga yilabo abafika namakhosikazi abo esingafuni ngisho ukucabanga ukuthi baphila kanjani.”
Uqhube wathi, inkinga abahlangabezana nayo ukuthi akuhambeki, umuntu umsebenzi uwuthola ngalapho ehlala ngakhona.
“Inkinga ngomsebenzi wokwakha ukuthi kuyahanjwa ngoba uyawuthola kude kodwa manje umuntu usebenza ngakubo njengoba uNgqongqoshe echazile ukuthi kunemingcele okungamele yeqiwe. Ngalokho usebenza kamakhelwane.”
UMupwapwa yena uthe: “Nathi nje sinesifiso sokuthi siyithole le mali okuthiwa izotholwa abangasebenzi. Sibambe umoya ukuthi izingane zingabuyeli esikoleni ngoba asinayo imali yokudla ezikuphatha esikoleni neyokukhokhela omalume (abathutha izingane zesikole).”