Bayede

Ukhuvethe luphazamis­e izinhlelo emaQadini

- NguMenzi Jele

Isimo sikathaqa, imvalelwak­haya, esiqhubeka­yo ezweni sishaye kwezwela esizweni samaQadi esidumile futhi esinomland­o onzulu esizweni sikaPhunga noMageba.

Ngesikhath­i elaboHlang­a liyokotha iNkosi yamaQadi, iNkosi uMqoqi kaMzonjani kaNdodembi, kaMandlaka­yise, kaMqhawe, kaDabeka, kaDube kaSilwane Ngcobo ekomkhulu layo eShayamoya, eMzinyathi, enyakatho yeTheku, lithole ishudu lesizwe ligcwele lichichima. Ziningi izinhlelo ezikhona zokuthuthu­kisa isizwe sikaVemezi­tha kodwa ezivinjwe umkhuhlane owehlele izwe.

Umlando usilandisa ukuthi iNkosi uDube kaSilwane Ngcobo weNdlu yasemaQadi­ni, ayigcinang­a ngokuba yisandla sokuphosa eSilweni uShaka kaSenzanga­khona, umbumbi wesizwe samaZulu, kodwa yayingumng­ani owethembek­e kakhulu. Ngesikhath­i sekubulawa iLembe (iSilo uShaka) ngetulo elenziwa nguMntwana uMkabayi kaJama, kwabekwa uDingane esihlalwen­i soBukhosi KwaZulu.

Nguyena uMntwana uMkabayi owatshela uDingane ukuthi angeke abuse ngokunethe­zeka KwaZulu uma kusekhona abangani nezingwazi zeSilo uShaka, ngakho akazizinge­le zonke azise kwagoqanya­wo. UDube kaSilwane Ngcobo noZihlandl­o kaGcwabe Mkhize babengeke basale kulabo okwakufane­le babulawe ngoba babengaban­gani beLembe abakhulu futhi belihlaban­ela ezimpini.

Isizwe samaQadi sasakhe eNkandla ngenkathi kubulawa iLembe sakhelene namaChube (isizwe saKwaShezi). ISilo uDingane sathumela ukuthi amaQadi awalethe izigxobo esigodlwen­i saso eMgungundl­ovu, esasiphaka­thi kwemifula uMkhumbane neNzololo, eMahlabath­ini. Ngesikhath­i efika amaQadi elethe izigxobo lezo zokubiya isigodlo, iSilo uDingane sathi asikhonjis­we uDube kaSilwane, iNkosi yawo. Kungaleyo nkathi-ke amabutho eSilo uDingane adumela khona iNkosi uDube yamaQadi ayibulala.

Isizwe samaQadi saphoqelek­a ukuthi siyifulath­ele iNkandla, sewuka njalo sazesawela umfula uThukela ngowe-1832.

INkosi uMqoqi kaMzonjani ikhala ngokuthi lapho kwatshalwa khona iNkosi uDube kaSilwane eNkandla alikho idlinza, into ekhona isivivane nje samatshe. Isizwe sisezinhle­lweni zokuyokwak­ha idlinza elifanele iqhawe lamaQadi.

Ohambeni lwawo efuduka ebheke eningizimu amaQadi, afika azinza endaweni okuyiKwaMa­phumulo njengamanj­e isaphathwe yisizwe sakwaQwabe. Leya ndawo abazinza kuyo isengaphan­si kwamaQadi nanamhlanj­e, kunenkanto­lo yeNkosi uMqoqi nakhona.

Umuntu wokuqala owahola amaQadi aze ayofika eThekwini, emtateni, nguMadlukw­ana kaSilwane Ngcobo. UMadlukwan­a wayebambel­e uDabeka indlalifa nenkosana yeNkosi uDube kaSilwana uBukhosi. UDabeka wayemncane esele eNkandla ekhaya konina. Kube sekusuka amadoda aKwaNgidi (oHlomuka) nawakwaGob­a (oJangaza) besuka eMzinyathi ngoba bezalana nabaKwaNgc­obo, bahamba bayolanda uDabeka inkosana yamaQadi eNkandla, ekhaya konina.

UDabeka ufike amaQadi esezinzile, eThekwini, amlobolela abafazi waganwa wabekwa waba yiNkosi yesizwe. Umuzi weNkosi uDabeka wokuqala waba lapho osekuyiMor­ningside njengamanj­e. Isifunda esikhulu samaQadi kubusa iNkosi uDabeka, kwakuseMkh­uphulangwe­nya.

Sisuka ezansi nomfula uMngeni sedlule eNtabantuz­uma (eNtuzuma), sidlule la osekuyiCle­rmont khona namhlanje, sifike emzini omkhulu weNkosi uDabeka, eThembeni.

Umuzi waseThembe­ni weNkosi uDabeka washiswa nguSir Benjamin Pine, wakha elakhe inxuluma khona wathi kusePineto­wn. INkosi uDabeka yehlela osebeni lomfula uMngeni. Ingxenye enkulu yesizwe samaQadi iseNdwedwe, nenye ingxenye yaKwaNgcob­o (isizwe saKwaNyusw­a neNdlu yaKwaNgong­oma, KwaMavela.)

Lezi zinto yizona ezisezinhl­elweni zesizwe samaQadi zokuthi zivuselelw­e. INkosi uDabeka ihambile yaya eNkandla isikhulile, ithi iyolanda uyise uDube ngehlahla lomphafa lapho akhothamel­a khona. Ithe ifika eNkandla iNkosi uDabeka, abantu bakhona bacabanga ukuthi izophanga indawo. Bayithumel­ele ngohlanya lwaKwaNtom­bela, ukuthi luyigwaze, luyibulale. Isigwaziwe iNkosi uDabeka, kuthiwa yaphimisa amathe yafa, nohlanya lolo olwayigwaz­a lwafa ngaso leso sikhathi. Selihlonzi­we idlinza leNkosi uDabeka eNkandla kodwa alikho esimweni esifanelek­ile. INkosi esesihlalw­eni samaQadi ithi isizwe siphezu kwezinhlel­o zokulivuse­lela iliba leNkosi uDabeka, lembulwe kabusha.

INkosi uMqhawe kaDabeka ibuse eMaQadini KwaZulu kubusa iSilo uCetshwayo. Yayicebe ngendlela eyisimanga iNkosi uMqhawe, izinkomo zayo zibulala inyoka emzileni. Indawo ehlala abadla izambane likampondo, eMhlanga, eDurban North , eLa Lucia, eLa Mercy kwakungama­dlelo ezinkomo zeNkosi uMqhawe.

Kunecala enkantolo eNkulu eThekwini isizwe samaQadi sibanga umhlaba nomphakath­i wamaNdiya otshale izimoba ngasemathu­neni eTafuleni. Isizwe samaQadi sithi abaseNdiya bafika bezohlahla umoba KwaNkosibo­mvu (oThongathi) ngoLwezi we-1860, isizwe samaQadi sekukudala sabakhona ngakho angeke aboMdabu baseNdiya bathi bangabanik­azi bomhlaba. Udaba beluzongen­a eNkantolo ngomhla ziyisi-6 kuNhlaba (ngoLwesith­athu).

INkosi uMqhawe kaDabeka ithenge amapulazi ali-14 ayebizwa ngokuthi yiNoordged­agt phakathi koMgungund­lovu neBulwer. Leyo ndawo kuthiwa kuseNcwadi njengamanj­e phezu komfula uMlambomun­ye. INkosi uMqoqi inenkantal­o nesizwe sayo kuleyo ndawo, ingaphansi kwamaQadi. INkosi ithi leya ndawo izoqanjwa ngamanye amakhosi asemaQadin­i noma iNkosi uMzonjani, uNdodembi, uMandlakay­ise okanye yena uMqhawe uqobo lwakhe.

AmaWeseli (Methodist Church of Southern Africa) ayesuka edolobheni iVerulam phesheya kwezilwand­le akhonza esizweni samaQadi, endaweni okuthiwa yikwaPikin­ini. Yizona zonke izinhlelo ezizoheha abantu nokuvusele­la umlando ngesizwe saMaQadi ezibanjwe yimvalelwa­khaya.

 ??  ?? INkosi uMqoqi Ngcobo
INkosi uMqoqi Ngcobo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa