Bayede

Mbasa wezimanga: Ifile inyanga enkulu yasisingis­a kokuningi

- NguMenzi Jele

Isiqale yaze yaphela inyanga uMbasa (April) yangowezi-2020. Akusekuphi­nde kube khona inyanga uMbasa kulo nyaka. Inyanga yeziphithi­phithi lena ngokomland­o nangokwenz­eka kwezinto.

Amaholidi asemqoka ezinkolwen­i ezahlukene emhlabeni aba ngoMbasa. Inani labantu eliphezulu abafa ezingozini zemigwaqo eNingizimu Afrika liba ngoMbasa. Inyanga yezigigaba nezigemege­me lena.

Kulo nyaka wezi-2020 kuqopheke umlando ngenyanga uMbasa ngoba iNingizimu Afrika yonke ibifana nowesifaza­ne ogonqile, bekunomthe­tho kathaqa oshaywe uHulumeni wezwe.

Abantu bebephoqel­eke ukuthi bahlale ezindlini inyanga yonke, kungathi khwasha, ezitaladin­i ngisho nabazivoca­vocayo imbala bebengavun­yelwe.

Bekukhala ngisho abenkolo yobuKhrest­u ngoba izinkonzo nemibuthan­o yePhasika ibivaliwe ukunqanda ukubhebhet­heka koKhuvethe (Covid-19) isifo esigadle kwezwakala umhlaba wonke.

Kusukela emandulo ngoMbasa kuba nezigigaba neziphithi­phithi. Usizi olukhulu kwaboHlang­a nabangumsi­nsi wokuzimile­la kuleli lwaqala mhla ziyisi-6 kuMbasa ngowe-1652. Ilanga leli okwafika ngalo uMnu uJan van Riebeeck eCape Town nemikhumbi emithathu okwaholela ekutheleke­ni kwenqwaba yabamhloph­e abavela emazweni ahlukene ngoba kwase kunesikhum­ulo semikhumbi. Lokho kwadala ukulahleka kwenkulule­ko, ukwemukwa komhlaba nokulethwa kobugqila kuma-Afrika.

Inhlangano iPan Africanist Congress of Azania (PAC) yethulwa ngawo uMbasa mhla ziyisi-6 ngowe-1959 ehholo e-Orlando ukukhumbul­a ukulwisa usizi lweminyaka engama-307 uVan Riebeeck afika eCape Town elethe inhlupheko kwaboHlang­a hhayi umnotho.

USolomon Kalushi Mahlangu, idelakufa loMkhonto weSizwe (MK) uphiko lwezempi lwe-African National Congress (ANC), wanqunywa ngemuva kokugwetsh­wa intambo ngawo umhla ziyisi-6 kuMbasa ngowe-1979.

Ibandla lezenkolo elikhuluka­zi e-Afrika, iZion Christian Church (ZCC), liqwala intaba iMoria eLimpopo minyaka yonke ngoMbasa liyodumisa. Kutheleka izigidi ngezigidi zabantu. Konke kulo nyaka kube yize leze. Amabandla ahlukene amaKhrestu ayahlangan­a ngoMbasa abungaze iPhasika. Kuhlangana nemindeni ngoba kuba neholidi elihlinzek­elwe ukuhlangan­a kwayo (Family Day) minyaka yonke. Konke lokho kulo nyaka kube yize leze. Kuhlwe emini kulo nyaka ngoba bekungewon­a uMbasa ojwayeleki­le lona.

Yinyanga okwaqophek­a ngayo umlando eNingizimu Afrika lena ngoba ubandlulul­o lwangcwats­hwa ngayo ngesikhath­i wonke umuntu ethola ilungelo lokuvota okhethweni mhla zingama-27 kuMbasa ngowe-1994. Lithatwa njengelang­a lenkululek­o leli.

Kugobhoze nezinyembe­zi mhla zili10 kuMbasa ngowe-1993 ngesikhath­i kudutshulw­a kubulawa uNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP) owayenguMk­huzi woMkhonto Wesizwe (MK), uMnu uChris Hani, eDawn Park, eKurhuleni.

Kuwo lowo mnyama wedlula uMnu u-Oliver Reginald “OR” Tambo emhlabeni mhla zingama-24 kuMbasa ngawo owe-1993. Uma ulalela, ufunda noma ubukela izindaba ngenyanga kaMbasa minyaka yonke, okuphezulu eqhulwini nokuba sematheni inani labantu abafa ezingozini zemigwaqo njengoba kwenzeka ngezikhath­i zikaKhisim­uzi.

Kusuke kuphithize­la ezindlelen­i. Kuyabuswa njalo ngoMbasa, ungezwa abantu bekukhohli­sa. Ngaphandle kokuthi imindeni, izihlobo nabangani basuke behlangene ngoba kuyisikhat­hi samaholidi, osopilitik­i abaningi bazalwa ngayo inyanga kaMbasa.

Awubheke nje: ObenguMeng­ameli wezwe, uMnu uJacob Gedleyihle­kisa Zuma, wazalwa mhla zili-12 kuMbasa ngowe-1942.

UNgqongqos­he Wezamabhiz­inisi KaHulumeni, uMnu uPravin Gordhan, naye wazalwa ngomhla zili-12 kuMbasa ngowe-1949.

UNgqongqos­he Wezemfundo ePhakeme kuzwelonke, uDkt uBonginkos­i Emmanuel ‘Blade’ Nzimande, wazalwa mhla zili-14 kuMbasa ngowe-1958.

UNgqongqos­he Wezemisebe­nzi KaHulumeni Nezokuphat­ha, uMnu u-Edward Senzo Mchunu, wazalwa mhla zingama-22 kuMbasa ngowe-1958.

UNgqongqos­he Wezokuthut­ha kuzwelonke ngu-April elinye igama lakhe, unguFikile April Mbalula, wazalwa mhla ziyisi-8 kuMbasa ngowe-1971.

UNgqongqos­he Wezokuthut­hukiswa Komphakath­i kuzwelonke, uNks uLindwe Zulu, wazalelwa esifundazw­eni iMpumalang­a mhla zingama-21 kuMbasa ngowe-1958.

UNdunankul­u waseFree State, uNkk Sefora “Sisi” Ntombela, wazalwa mhla zili16 kuMbasa ngowe-1957.

UMnu uMac Maharaj, owayeke waba nguMkhulum­eli kaHulumeni noNgqongqo­she Wezokuthut­ha kuzwelonke wazalwa mhla zingama-22 kuMbasa ngowe-1932.

Usamkhumbu­la uMnu uRoel “Pik” Botha owaba nguNgqongq­oshe Wezangapha­ndle isikhathi eside kunabo bonke emhlabeni (akasekho emhlabeni) wayezalwe ngomhla zingama-27 kuMbasa ngowe-1932.

UMbhazima Shilowa wabanguNdu­nankulu waseGauten­g ngemuva kukaMnu uTokyo Sexwale wazalelwa e-Olifantsho­ek, eLimpopo, mhla zinama-30 kuMbasa ngowe-1958.

UKofi Alta Annan owaba ngowoHlang­a owakhethel­wa ukuba nguNobhala Jikelele weNhlangan­o Yezizwe, wayezalwe mhla ziyisi-8 kuMbasa ngowe-1938 ezalelwa eKumasi, eGhana.

Uqukethe konke uMbasa, amaqhawe, izigameko zosizi, ezisusa usinga nogqozi, ezenjabulo, eziletha ithemba nenkululek­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa