Mbasa wezimanga: Ifile inyanga enkulu yasisingisa kokuningi
Isiqale yaze yaphela inyanga uMbasa (April) yangowezi-2020. Akusekuphinde kube khona inyanga uMbasa kulo nyaka. Inyanga yeziphithiphithi lena ngokomlando nangokwenzeka kwezinto.
Amaholidi asemqoka ezinkolweni ezahlukene emhlabeni aba ngoMbasa. Inani labantu eliphezulu abafa ezingozini zemigwaqo eNingizimu Afrika liba ngoMbasa. Inyanga yezigigaba nezigemegeme lena.
Kulo nyaka wezi-2020 kuqopheke umlando ngenyanga uMbasa ngoba iNingizimu Afrika yonke ibifana nowesifazane ogonqile, bekunomthetho kathaqa oshaywe uHulumeni wezwe.
Abantu bebephoqeleke ukuthi bahlale ezindlini inyanga yonke, kungathi khwasha, ezitaladini ngisho nabazivocavocayo imbala bebengavunyelwe.
Bekukhala ngisho abenkolo yobuKhrestu ngoba izinkonzo nemibuthano yePhasika ibivaliwe ukunqanda ukubhebhetheka koKhuvethe (Covid-19) isifo esigadle kwezwakala umhlaba wonke.
Kusukela emandulo ngoMbasa kuba nezigigaba neziphithiphithi. Usizi olukhulu kwaboHlanga nabangumsinsi wokuzimilela kuleli lwaqala mhla ziyisi-6 kuMbasa ngowe-1652. Ilanga leli okwafika ngalo uMnu uJan van Riebeeck eCape Town nemikhumbi emithathu okwaholela ekuthelekeni kwenqwaba yabamhlophe abavela emazweni ahlukene ngoba kwase kunesikhumulo semikhumbi. Lokho kwadala ukulahleka kwenkululeko, ukwemukwa komhlaba nokulethwa kobugqila kuma-Afrika.
Inhlangano iPan Africanist Congress of Azania (PAC) yethulwa ngawo uMbasa mhla ziyisi-6 ngowe-1959 ehholo e-Orlando ukukhumbula ukulwisa usizi lweminyaka engama-307 uVan Riebeeck afika eCape Town elethe inhlupheko kwaboHlanga hhayi umnotho.
USolomon Kalushi Mahlangu, idelakufa loMkhonto weSizwe (MK) uphiko lwezempi lwe-African National Congress (ANC), wanqunywa ngemuva kokugwetshwa intambo ngawo umhla ziyisi-6 kuMbasa ngowe-1979.
Ibandla lezenkolo elikhulukazi e-Afrika, iZion Christian Church (ZCC), liqwala intaba iMoria eLimpopo minyaka yonke ngoMbasa liyodumisa. Kutheleka izigidi ngezigidi zabantu. Konke kulo nyaka kube yize leze. Amabandla ahlukene amaKhrestu ayahlangana ngoMbasa abungaze iPhasika. Kuhlangana nemindeni ngoba kuba neholidi elihlinzekelwe ukuhlangana kwayo (Family Day) minyaka yonke. Konke lokho kulo nyaka kube yize leze. Kuhlwe emini kulo nyaka ngoba bekungewona uMbasa ojwayelekile lona.
Yinyanga okwaqopheka ngayo umlando eNingizimu Afrika lena ngoba ubandlululo lwangcwatshwa ngayo ngesikhathi wonke umuntu ethola ilungelo lokuvota okhethweni mhla zingama-27 kuMbasa ngowe-1994. Lithatwa njengelanga lenkululeko leli.
Kugobhoze nezinyembezi mhla zili10 kuMbasa ngowe-1993 ngesikhathi kudutshulwa kubulawa uNobhala Jikelele weSouth African Communist Party (SACP) owayenguMkhuzi woMkhonto Wesizwe (MK), uMnu uChris Hani, eDawn Park, eKurhuleni.
Kuwo lowo mnyama wedlula uMnu u-Oliver Reginald “OR” Tambo emhlabeni mhla zingama-24 kuMbasa ngawo owe-1993. Uma ulalela, ufunda noma ubukela izindaba ngenyanga kaMbasa minyaka yonke, okuphezulu eqhulwini nokuba sematheni inani labantu abafa ezingozini zemigwaqo njengoba kwenzeka ngezikhathi zikaKhisimuzi.
Kusuke kuphithizela ezindleleni. Kuyabuswa njalo ngoMbasa, ungezwa abantu bekukhohlisa. Ngaphandle kokuthi imindeni, izihlobo nabangani basuke behlangene ngoba kuyisikhathi samaholidi, osopilitiki abaningi bazalwa ngayo inyanga kaMbasa.
Awubheke nje: ObenguMengameli wezwe, uMnu uJacob Gedleyihlekisa Zuma, wazalwa mhla zili-12 kuMbasa ngowe-1942.
UNgqongqoshe Wezamabhizinisi KaHulumeni, uMnu uPravin Gordhan, naye wazalwa ngomhla zili-12 kuMbasa ngowe-1949.
UNgqongqoshe Wezemfundo ePhakeme kuzwelonke, uDkt uBonginkosi Emmanuel ‘Blade’ Nzimande, wazalwa mhla zili-14 kuMbasa ngowe-1958.
UNgqongqoshe Wezemisebenzi KaHulumeni Nezokuphatha, uMnu u-Edward Senzo Mchunu, wazalwa mhla zingama-22 kuMbasa ngowe-1958.
UNgqongqoshe Wezokuthutha kuzwelonke ngu-April elinye igama lakhe, unguFikile April Mbalula, wazalwa mhla ziyisi-8 kuMbasa ngowe-1971.
UNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komphakathi kuzwelonke, uNks uLindwe Zulu, wazalelwa esifundazweni iMpumalanga mhla zingama-21 kuMbasa ngowe-1958.
UNdunankulu waseFree State, uNkk Sefora “Sisi” Ntombela, wazalwa mhla zili16 kuMbasa ngowe-1957.
UMnu uMac Maharaj, owayeke waba nguMkhulumeli kaHulumeni noNgqongqoshe Wezokuthutha kuzwelonke wazalwa mhla zingama-22 kuMbasa ngowe-1932.
Usamkhumbula uMnu uRoel “Pik” Botha owaba nguNgqongqoshe Wezangaphandle isikhathi eside kunabo bonke emhlabeni (akasekho emhlabeni) wayezalwe ngomhla zingama-27 kuMbasa ngowe-1932.
UMbhazima Shilowa wabanguNdunankulu waseGauteng ngemuva kukaMnu uTokyo Sexwale wazalelwa e-Olifantshoek, eLimpopo, mhla zinama-30 kuMbasa ngowe-1958.
UKofi Alta Annan owaba ngowoHlanga owakhethelwa ukuba nguNobhala Jikelele weNhlangano Yezizwe, wayezalwe mhla ziyisi-8 kuMbasa ngowe-1938 ezalelwa eKumasi, eGhana.
Uqukethe konke uMbasa, amaqhawe, izigameko zosizi, ezisusa usinga nogqozi, ezenjabulo, eziletha ithemba nenkululeko.