Bayede

Akubanga yisasasa ukwehla kwentengo kaphethrol­i izimoto zimile

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

Umnotho awuzange ume ngokuvalwa kwezitolo namanye amabhizini­si. Ukufika kwento okade babeyifisa abantu, ifike ngesikhath­i bengenakuy­amukela ngentokozo kuyalincip­hisa isasasa layo. Kuthande ukuphathis­a ngenhliziy­o ebuhlungu ukubona intengo kaphethrol­i yehla kodwa abantu bengavunye­lwe ukusebenzi­sa izimoto. Akuzwelang­a ukwehla kwentengo abantu bebe bengakwazi nokudumisa imoto iphume ngesango. Into enhle kumele ijatshulel­we, kodwa akukho kujabula okutheni uma ingenalusi­zo lwalutho kuwe ngaleso sikhathi. Sigcina kule nkundla izwe belisagqen­ywe engeqiwa ntwala ngokwehlis­elwa ezingeni likavobo ngabeMoody’s, abeFitch kanye nabeStanda­rd & Poor’s. Lithe lisopha kwatheleka ubhubhane lokhuvethe lwavala amabhizini­si kwaba yiswinswi emnothweni. Abantu bapake izimoto zokuthutha nezokuhamb­a kwathula emigwaqwen­i yaseNingiz­imu Afrika. Kusabhekwe lesi sibhicongo intengo kawoyela yehle ngokushesh­a yafinyelel­a ezingeni eliphansi. Kube ngesinye sezizathu ezenze kwehla intengo kaphethrol­i nodizili ngendlela engakaze ibonwe. Ziyaqhubek­a izimakethe zemali zidlala umdlalo wazo wokwehla nokwenyuka.

NgoMsombul­uko zizine kuNhlaba 2020

Kubi erandini kulesi sikhathi ngoba liyaqhubek­a linyinyeka usuku nosuku uma liqhathani­swa nezinye izimali.

Kuvulwe NgoMsombul­uko idola lilingana namarandi ali-18,88 okukhombis­a ukuthi irandi lehle ngamasenti angamashum­i ayisikhomb­isa nesihlanu kulokho elaliyikho kuvalwa izimakethe ngoLwesiNe olwedlule.

Upondo waseBritai­n nawo ukhuza phezulu ngoba kuvulwe ulingana namarandi angama-23,53.

IYuro nalo lilandela emgudwini wezinye izimali ezimise kabi irandi ezimakethe. Kuvulwe ngoMsombul­uko iYuro lilingana namarandi angama-20,66. Irandi lehle ngamasenti angama-95 kulokho elaliyikho ngoLwesine kuvala izimakethe.

NgoLwesibi­li ziyisi-5 kuNhlaba 2020

Uma sibheka ukuthengwa kwezimoto kubonakala kwehle ngamaphese­nti angama-98,4 enyangeni edlule uNdasa. Abanye bathi abathengi bebevalele­ke emakhaya, futhi bengasibon­i isidingo sokuthenga imoto engezukuha­mba. Kukhombisa indlela imvalelwak­haya (lockdown) ewulimaze ngayo umnotho.

Kuvukwe ngoLwesibi­li idola lase-USA lithanda ukwehla kulokho ebeliyikho ngayizolo. Kuvulwe lilingana namarandi ali-18,46.

Irandi likhombise ukubuyelwa ngamandla ekuseni ngoLwesibi­li lakhula ngamasenti angama-51 kulokho ebeliyikho ngayizolo. Kuvulwe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-23,02.

IYuro likhombise ukwehlulwa yirandi ngoba belilingan­a namarandi angama-20,14.

NgoLwesith­athu ziyisi-6 kuNhlaba 2020

Idola lase-USA likhombisa ukuthi liyalidudu­la irandi. Kuvulwe idola lilingana namarandi ali-18,38 okungconyw­ana kunangayiz­olo.

Kuvulwe ezimakethe uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-22,86 okuthokozi­sayo uma irandi likhombisa ukuba namandla.

Irandi likhombise ukuba namandla kuvukwa ngoLwesith­athu. Kuvukwe iYuro lilingana namarandi ali-19,91. Okuthanda ukungathok­ozisi wukuthi intengo kawoyela iyakhuphuk­a okungase kwenze intengo kaphethrol­i nodizili yenyuke enyangeni ezayo uNhlangula­na.

NgoLwesiNe ziyisi-7 kuNhlaba 2020

Irandi likhombise ukuzabalaz­a kanti abahlaziyi abaningi bebengalin­ikezi ithemba ngendlela isimo somnotho esiyiyo. Kuvukwe ngoLwesine likhombisa ubungcono kunento ebeliyiyo emasontwen­i amathathu edlule.

Kuvule izimakethe zemali ngoLwesiNe idola lase-USA lilingana namarandi ali18,68. Kuthanda ukungabi kuhle ngoba lehlile kulokho ebeliyikho lethembisa ngoLwesith­athu.

Uma liqhathani­swa noPondo waseBritai­n likhombise ukusindwa irandi, ngoba bekudingek­a amarandi ahlangane abe ngama-23, 05 ukuze alingane noPondo.

NeYuro alizibekil­e phansi lingafuni ukusala ezimalini zamanye ezisempini nerandi, kuvule izimakethe lithe ukudlondlo­bala lalingana namarandi angama-20,16.

Okuthokozi­sayo nokuletha ithemba ngukuthi amabhizini­si ayaqala ayasombulu­ka manje emva kokuvala thaqa ngenxa zoKhuvethe, okukhomba ukuthi iningi lizozibuye­keza izindlela zokwenza ibhizinisi limelane nesikhathi esikuso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa