Bayede

Kwenzekani nge-akhawunti yakho yasebhange uma udlula emhlabeni?

- Ngu-Owen Nkomo

Eziqeshini ezedlule siphakamis­e ukuthi indlela ehamba phambili yokuqinise­kisa ukuthi izimpahla zakho zabiwa ngendlela obufuna ngayo ukuthi ubhale incwadi yamafa esemthethw­eni (Valid Will). Uma kwenzeka udlula emhlabeni ungenayo incwadi yamafa, izimpahla zakho zizohlukan­iswa ngokwe-Intestate Succession Act. Lokhu kungaholel­a ekutheni izimpahla zakho zabiwe ngendlela engagculis­i mhlambe kugcine kwabelwa nabantu obungafisi babe nesabelo emafeni akho.

Encwadini yakho yamafa uyakwazi ukuzikheth­ela nokunquma ukuthi ufuna kwenzekeni ngezimpahl­a zakho. Kumele uqoke futhi umuntu ozokwengam­ela (executor) uhlelo lokwabiwa kwamafa akho, kube nguye ozolandela imiyalelo yakho kusuka ekuqaleni kuze kube sesiphethw­eni.

Ukudlula komuntu emhlabeni kumele kubikwe kuMaster eNkantolo Ephakeme kanjalo nencwadi yamafa kamufi kumele lowo owengamele amafa ayidlulise­le kuMaster. UMaster uyena ozobe esembeka ngokusemth­ethweni lowo oqokelwe ukwengamel­a amafa, uzokwenza lokho ngokumthum­elela incwadi yokumbeka kanye nenombolo eyingqayiz­ivele eqondene nezimpahla/ amafa lawa okumele abiwe. Le nombolo iyona esiyosetsh­enziswa kuzo zonke izindaba ezimayelan­a namafa kamufi uma kuxhunyanw­a neHhovisi likaMaster.

Kwenzekani ngama-akhawuti akho asebhange?

I-Administra­tion of Estates Act iyona enqumayo ukuthi wonke ama-akhawunti asebhange asegameni lalowo osedlulile emhlabeni kumele ame ukusebenza, yingakho kubaluleki­le kakhulu ukuthi wenze indlela yokuhlinze­ka abathandiw­eyo bakho, ukuze bakwazi ukuba nemali okulula ukuthi bayithole bakwazi ukuyiseben­zisa uma udlula emhlabeni. Ngokujwaye­lekile amaakhawun­ti ayamiswa ngaleso sikhathi kufika umbiko wokudlula komuntu emhlabeni; imali isuke isakwazi ukufakwa, kodwa kungavumel­ekile ukuthi kube khona ephumayo.

Uma esebekiwe ngokusemth­ethweni ozokwengam­ela amafa, kusuke sekumele avule i-akhawunti yasebhange entsha, ejwayele ukubizwa kanje “Estate Late Mr XYZ” ngokwemigo­mo ebekwe nguMthetho Olawula Amafa (Administra­tion of Estates Act). Lokhu kwenziwa ngoba uma udlula emhlabeni usuke ushiye izimpahla zakho, ezisuke sezizophen­duka amafa. I-akhawunti entsha yasebhange ivulwa yilowo owengamele amafa alowo osedlulile emhlabeni, zonke izimali zakhe zibe sezifakwa kuleyo akhawunti entsha yamafa.

Yonke imali engena kuleyo akhawunti isuke izoqashwa umengameli wamafa kuze kube uMaster uphasisa iLiquidati­on Account (okuyisitat­imende sezimpahla zikamufi kanye nezikwelet­u zakhe), uma sekuqedwe uphenyo futhi kwatholaka­la ukuthi akekho osenesikha­lo. Umengameli wamafa uzobe esekwazi ukuqhubeke­la phambili abe amafa, asonge wonke umsebenzi.

Ukwesekwa kwalowo oyigazi likamufi

Kuyenzeka kuthathe isikhathi esiphakath­i kwamasonto amathathu kuya ezinyangen­i ezintathu ukuthi uMaster abeke ngokusemth­ethweni umuntu ozokwengam­ela amafa. Njengoba uMthetho Wokwabiwa Kwamafa uyalela ukuthi kumiswe wonke ama-akhawunti omuntu uma sekuke kwezwakala igama lokuthi usedlulile emhlabeni, lokho kusho ukuthi izihlobo okanye abantu abancike kumufi ababe besakwazi ukuthola imali yakhe ngesikhath­i kusalindwe uhlelo lokubekwa kwalowo ozokwengam­ela amafa akhe.

Ngakho-ke siyakhutha­za ukuthi ube nohlelo oluzokwazi ukusiza umndeni noma labo abancike kuwe ngesikhath­i wena uqeda kudlula emhlabeni, ukuze bakwazi ukubhekele­la izidingo eziphuthum­ayo. Kulapho-ke kugqama khona ukubalulek­a komshwalen­se wempilo, ngoba wona imali yawo iyakwazi ukutholaka­la ngokushesh­a futhi iza ngqo kulabo ababhaliwe ukuthi iyoza kubo, lokho kuyokwenza isimo sibe ngcono ngesikhath­i sokulinda uhlelo lweakhawun­ti yakwaMaste­r.

Eziqeshini ezilandela­yo sizobheka izimpahla ezifana nendlu, imoto, amaUnit Trust, amasheya kanye namaakhawu­nti asebhange.

Uma unemibuzo ngokutshal­wa kwezimali, sicela uxhumane neClient Service Centre yethu okanye iwealth manager yakho ku087 160 0018/7.

UMnumzane uNkomo uMqondisi noMsunguli we-Inkunzi Wealth Group. Utholakala ku: 011 047 6500, email: invest@iwgsa.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa