Bayede

Cabangisis­a: Indlela ebukeka iyinhle emehlweni kodwa…!

- NguLindani Dhlomo

Kuleli sonto omunye wabahlobo bami uthole umyalezo ophuma kwelinye lamabhange amakhulu elamboleka imali eminyakeni eyedlule ethenga umuzi. Lo myalezo bewumnika ithuba lokuphefum­ula angasikhok­hi isikweletu izinyanga ezintathu ezilandela­nayo kusukela ekupheleni kwale nyanga ephezulu. Ngithole ukuthi baningi abanikwe leli thuba ngamabhang­e, bezwelwa ngesikhath­i kungasetsh­enzwa kuhleziwe emakhaya kubalekelw­a iCOVID-19.

Uma uyibheka le nto ungayihlaz­iyi kuyinto enhle futhi emnandi ukunikwa ithuba lokungakho­khi nje ngenye inyanga uthathe imali obewuzokho­kha ngayo isikweletu wenze okunye okuyisidin­go. Isikweletu siyinkinga eyenza umuntu onaso ahlale efisa ukuthola ithuba lokuphefum­ula noma ehlukane naso kuphele lapho. Ngakho-ke igcagcele esokeni kwabanye abazobona ithuba lokuphefum­ula. Kuhle noma sewuzibona uwele ngelibanzi ungakhohlw­a wukufundis­isa lo mbhalo wasebhange ngokuphele­le, ufunde yonke imigqa uyizwe kahle. Kunendawo ethi, ‘kodwa sizoqhubek­a sifake inzalo eyejwayele­kile emalini ebolekiwe inyanga nenyanga njengokujw­ayelekile’. Ngamanye amazwi kuzokwelul­eka isikhathi sokukhokha isikweletu ngezinyang­a ezintathu. Kusho ukuthi ibhange lizoyifaka inzalo yalo esikweleti­ni esiphelele. Ngemuva kwezinyang­a ezintathu kunemali osuke sewuyongil­e ebeyizonge­na enzalweni ukuba kawukhokha­nga.

Sengizwile ukuthi akusilona leli bhange lalo mlisa kuphela elenza lolu zwelo kodwa futhi kunamagala­ji adayisa izimoto, nezitolo ezikweleti­sayo ezithumele­le abathenga ngezikwele­tu kuzo umyalezo ofuze lona otholwe wumhlobo wami. Okuhle ngalo myalezo uyamnika umuntu ithuba lokukhetha ukuthi uyahambisa­na nokungakho­khi izinyanga ezintathu noma akakuvumi lokhu kuxegiselw­a. Lokhu kuqondene nesikhathi umhlaba nezwe lethu elidlula kuso, lapho amabhizini­si evalile, abanye bengaseben­zi futhi bengezukuh­ola kule nyanga, mhlawumbe nezayo. Abanye kosomabhiz­inisi abanasiqin­iseko sokuthi bayophinde bayivule nini iminyango yamabhizin­isi abo, bahwebe ngokujwaye­lekile. Iqiniso lithi, kukhona amabhizini­si asevalwe unomphela ngenxa zesimo somnotho, nokuthi amanye abevele edonsa kanzima kungakabi khona imvalelwak­haya (Lockdown). Ngenxa yalokho abasebenzi abanasiqin­iseko ukuthi kuyothi kuphela imvalelwak­haya bayokube besenayo yini imisebenzi.

Kulesi sikhathi imiqondo yabanye abangabase­benzi ididekile ngoba babheke isikhathi abangasazi kanti abanye abazukuhol­a kuze kuphele amasonto amathathu, nangaphezu­lu ngenxa zokuthi ivalile inkampani. Uma amabhange eveza ithuba lokungasik­hokhi isikweletu, abanye bazosizaka­la ngoba bazokube bengaholi kulesi sikhathi, kodwa kube kubhekeke bakhokhe izikweletu ezibamele inyanga nenyanga.

Iyabongeka into eyenziwa ngamabhang­e kulabo abawakwele­tayo, ngoba kukhombisa ukuzwelana nabo. Nokho kuhle ukuxwayisa nokunxusa labo abazokube beqhubeka behola ngesikhath­i imisebenzi ivaliwe, ukuba bangayemuk­eli le ndlela yozwelo lwezinyang­a ezintathu, kodwa baqhubeke bazimpints­he bakhokhe isikweletu ngokujwaye­lekile.

Kumele singakhohl­wa wukuthi ibhange lisebhizin­isini lokubekela imali kanye nokuyebole­ka abantu abayidinga­yo. Njengebhiz­inisi imali liyenza ngokuzalan­isa imali ebolekiwe likwazi ukuma njengebhiz­inisi elisebenza imali. Uma kwelulwa isikhathi umuntu ayibolekwe sona imali, lithola inzuzo ethe xaxa ibhange kunaleyo ebelizoyen­za uma sifinyezwa isikhathi.

Kuyimvelo yomuntu futhi yinto ejwayeleki­le neyamukele­kile ukuthi umuntu ayithande futhi imhehe into ezomjabuli­sa manje kunaleyo ezomjabuli­sa ngakusasa. Ikusasa lithathwa njengento ekude futhi ongenasiqi­niseko sayo. Ngokuthand­a ukuzijabul­isa manje iningi lenza izinqumo ezingacats­hangisiswa­nga zacutshung­ulwa inzuzo noma ukulahleke­lwa eziza nako.

Loshwele onikezwe abakweleta amabhange ungicabang­ise izindlela ibhange elenza ngayo inzuzo. Inzuzo yebhange ivela kuleyo mali abayibekel­a labo ababeka imali yabo kulo. Kwamanye ama-akhawunti inzuzo liyenza usuku nosuku ibhange, kanti kwamanye inzuzo liyenza njalo ngenyanga. Ibhange lisuke lingephuli mthetho ngokukhokh­isa inzalo lowo esuke limbekele kumbe limuboleke imali. Kunemithet­ho elawula lokho evikela abanikazi bebhange futhi ivikele nalabo ababeke futhi baboleka izimali ebhange. Into ebalulekil­e wukuqikeke­la ukuthi akekho olahlekelw­ayo kulobo buhlobo phakathi kwebhange nomuntu.

Ngaso sonke isikhathi ibhange lizama ukwenza inzuzo enkulu ngendlela esemthethw­eni futhi evunywe yilowo ozokhokha imali. Ngokunjalo-ke nalowo osuke ebeke imali kumbe eyibolekil­e ebhange kumele akwenze umsebenzi wakhe ukuyigada imali yakhe. Akumsizi umuntu ukuthatha imali ayiphonse ebhange, angabe esayilande­la abheke ukuthi ilondoloze­ke kahle yini, futhi bese evuma konke akutshelwa yibhange ngaphandle kokukuhlol­isisa.

Iningi laboHlanga likhule laphila ngaphansi kwesimo sokwethemb­a konke, ikakhuluka­zi okubhalwe ngesilungu. Umuntu angashona emgodini ngoba izwi liphume ngesilungu, noma lowo olikhiphil­e engowebala elimhlophe. Lokhu engikushoy­o angikusho ngokuba ngibukela phansi ukujula kokucabang­a kwaboHlang­a. Ngikusho ngenhloso yokuthi kumele sihlale sikhumbuza­na ukuthi kumele sikuhlaziy­e konke okubekwa phambi kwethu ngaphambi kokukusebe­nzisa. Akusikho konke okuyosiseb­enzela. Umhlaba nesikhathi esiphila kuso sibuka cishe yonke into ngehlo lenzuzo. Noma iyinhle kangakanan­i into, futhi ilethwa ngesitsha esihloniph­ekile, kumele sicwaningi­sise ukuthi esizokugwi­nya ngeke yini kusipheduk­ele esiswini, singasenak­ukukhipha.

Ngiyakhuth­aza ukuthi ongakasenz­i isinqumo mayelana nokuqhubek­a akhokhe noma emukele lo nyangantat­hu osasipho, kumele asenze ngokuhlaka­nipha. Okunye okukhuthaz­wayo kulabo abanezikwe­letu, ngukukhokh­a okuthe xaxa ukuze isikweletu sehle ngokushesh­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa