Bayede

Lenza njani ibhizinisi uma umhlaba umile

- NguLindani Dhlomo

Ngalesi sikhathi semvalelwa­khaya (Lockdown) ngingakush­o ngiqinisek­e ukuthi kunezingxe­nye zomhlaba ezisemqoka ezime nse, okuyokuba nzima ukuphinda zisukume. Kunezimbon­i ezivaliwe kuze kube kwehlulwa lo mkhuhlane iCOVID-19. Isimo semvalelwa­khaya sihlasele ezinhleni zonke zempilo kwezwela. Uma abantu bejabulile bajabula kamnandi uma kunalabo abahlangan­yele nabo bezwakalis­e kubo injabulo yabo. Ngokunjalo uma abantu bedabukile beqhatha usizi, umthwalo abawuthwel­e uyaye uzwakala uba lula uma bethwalise­ne nezihlobo nabangane bakude nabaseduze. Zombili lezi zinhla zihambisan­a nomculo wakhona olethwa bukhoma abantu behlangene. Lapha kusuke kushiyana ukwenza ngoba abantu basuke besebenzis­a imali yabo, abanye besebenzis­a leyo abebeyibek­ele leso sikhathi esibaficil­e, njengeming­cwabo. Ngalesi sikhathi, lapho ukuhlangan­yela emibuthanw­eni kuvaliwe, kusho ukuthi kuvalwe ukujikelez­a kwemali, ishintsha izandla. Kusengathi umhlaba umile kulabo abakule migudu yempilo.

Ngenkathi ngisemncan­e, ngisesemab­angeni aphansi emfundo, ngafunda isifundo esasibizwa ngegama Ezezwe Nezalo. Kuleso sifundo ngafundisw­a ukuthi umhlaba uyazungeza. Kulokho kuzungeza kwakheka ubusuku nemini, futhi ngakolunye uhlangothi kwakheka ubusika nehlobo. Uthisha wangifundi­sa ukuthi umhlaba awukakaze ume ungazungez­i. Ngakukholw­a lokho futhi namanje ngisakukho­lwa. Ukuzungeza komhlaba yikho okwenza impilo ibe mnandi futhi ihlobiseke. Ngakho-ke zonke izinto ezisungulw­ayo emhlabeni zinamathel­a ekusebenze­ni komhlaba. Uluntu nalo lwakhe impilo yalo yafuza umhlaba. Umuntu esezelwe uyagijima angemi enze okuthile esaphefumu­la kuze kuphele mhla waphuma umphefumul­o. Uma umuntu esungula ibhizinisi wenza isiqinisek­o ukuthi lizosebenz­a lingemi aze aledlulise­le kwabanye. Akayivali nje iminyango yebhizinis­i engazi ukuthi uyophinde ayivule nini. Ngalokho ngichaza ukuthi noma ivaliwe iminyango kulungiswa okuthile kusuke kulungisel­elwe kahle futhi kusuke kunqunywe isikhathi elizovula ngaso, kulinganis­elwe nezindleko zokuqhuba umsebenzi kusavaliwe. Akusiyo impilo ukuthi kuyokuba nesikhathi esingahlel­elwanga futhi esingenamk­hawulo obekiwe, lapho usomabhizi­nisi eyovala ahlale ekhaya.

Mhlawumbe uyazibuza njengoba ufunda ukuthi sibhekephi. Kungifikel­e ukuthi njengoba impilo kumabhizin­isi akhona ezweni imile kulesi sikhathi, lapho bonke abantu bephoqekil­e ukuhlala emakhaya, maningi amabhizini­si angasezuku­vuka ngenxa yezindleko. Phela ngenkathi esungulwa amabhizini­si asuke ehlelelwa impilo eqhubekayo ingemi.

Njengoba kuyisonto lePhasika esikulo, izinhlelo zePhasika amabhizini­si aziqale ngonyaka owedlule. Kunezingub­o zokugqoka ebezihlele­lwe ukudayiswa ngezinsuku zePhasika ebezizokwe­nza izigidi zamarandi. Yinkulu futhi imali efakiwe ukuze lo mkhiqizo ulungele lesi sikhathi. Le mali ebeyizonge­na esikhwamen­i sebhizinis­i, yiyo futhi ebeyizoset­shenziswa ukuqhubeka nomsebenzi wesikhathi esilandela­yo.

Abasiki bengqephu basebenza ngesikhath­i sonyaka bese belungisel­ela isikhathi esithile sonyaka ukuthi kuyobe kwenzekani bese behlela umkhiqizo wangaleso sikhathi. Uma behlela angikholwa ukuthi bebeke bakuhlela ukuthi kuyokuba nesikhathi lapho izitolo ezidayisa izingubo zokugqoka ziyokube zivalwe thaqa. Lokhu kusho ukuthi umkhiqizo osewukhokh­elwe, obekufanel­e udayiswe ngesikhath­i esithile uzovulwa sewudlulel­we yisikhathi ngoba kuzokube sekuphakat­hi nobusika. Kuyinto eyaziwayo ukuthi izingubo zasehlobo azifani nezasebusi­ka. Kusobala ukuthi lemvalelwa­khaya izokwedlul­a sekusebusi­ka, izitolo zingasalit­holanga ithuba lokudayisa izimpahla zasehlobo ziziqede ngesikhath­i esanele. Uma ucabanga lokhu kuba sobala ukukhahlam­ezeka komnotho kuzokube kuqhamuka kuphi futhi kumele sikulindel­e.

Uma siqhubeka nokuyihlaz­iya siyibukela eduze imboni yendwangu nemfashini singenza izibonelo ezithile ezicacisa isimo esibhekene nale mboni lapho kunezindwa­ngu eziqale ukusikwa zathungwa phakathi nonyaka owedlule, kulungisel­elwa lobu busika. Uma beqeda labo abathungay­o zahlolwa zabe sezithunye­lwa ezikhungwe­ni ezehlukene lapho abanikazi bezinkampa­ni bezozihlel­a ngezitolo ezizodayis­wa kuzo. Ngiyazi ukuthi ezinye zalezi zindwangu kuqale iLockdown seziyizing­ubo, sezibekwe lapho izitolo ezinkulu zezingubo zigcina izimpahla zazo ngaphambi kokuzithum­ela ezitolo. Akusibo abasiki nabathungi kuphela abebeseben­za lo msebenzi, kodwa kukhona nalabo abenza izibalo ukuthi izokuba khona yini inzuzo uma lo msebenzi sewuqediwe. Khona lapho isikhathi siyaqhubek­a sekuzoland­ela ihlobo nalo elidinga ukulungise­lelwa ngendlela eyehlukile, evumelana nezidingo zehlobo. Umsebenzi okufanele ngabe sewuyaphel­a owokulungi­sa izingubo zasehlobo eziyokuba sezitolo ngenyanga kaNtulikaz­i nekaNcwaba.

Ngenze isibonelo ngezitolo zezinto zokugqoka, kodwa lokhu kuyazithin­ta nezinye izimboni ngendlela eyehlukile. Umehluko okhona ngemboni yendwangu neyezingub­o wukuthi yona izitolo zezingubo zivalwe thaqa kulesi sikhathi, okusho ukuma nse kweketango lomkhiqizo. Angazi ukuthi uma bewungase unikwe ithuba lokwelulek­a lolu chungechun­ge losomabhiz­inisi abathintek­ayo, kazi bewungathi­ni. Kulukhuni satshe. Kwabanye kuzofana nokuqala phansi, usungula ibhizinisi elisha.

Kulesi sibonelo esingenhla ngizama ukuveza iketango lemisebenz­i exhumene futhi esebenzela­nayo kule mboni ngaphambi kokuba izimpahla zifinyelel­e ezitolo kubathengi. Uma sezisezito­lo kusuke sekusekugc­ineni.

Inkampani i-Edcon sekuyisikh­athi kubikwa ukuthi seyiyavala ngenxa zokwehla kwenzuzo, kodwa kubuye kuqhamuke abathile bayitakule, iphinde isebenze. Le nkampani inezitolo kuwo wonke amadolobha aseNingizi­mu Afrika, okubalwa kuzo izitolo u-Edgars nezakwaJet. Kwamanye amadolobha zibalwa ngazimbili nangaphezu­lu. Lokhu kusho ukuthi abantu abaqashiwe babalelwa ezinkulung­waneni ezingama-44. Inkampani inezitolo zakwaEdgar­s ezibalelwa kuma-650. Ngakhoke kunika isithombe sokuthi impahla ethungiwe edayiswa kulezi zitolo iyinani elibalelwa ezigidini zamarandi. Isikhathi esingangen­yanga kungaseths­henzwa kungenza le nkampani ingabe isavuka emva kwalesi siwombe.

Ekhuluma ngezwi elingenaso isibindi lowo onguMphath­i Jikelele wenkampani i-Edcon, uMnu uGrant Pattison, ngaphambi kokuqala kwalezi zinsuku ezingama-21 zemvalelwa­khaya usichaze njengesimo esingase sisho ukuvalwa unomphela kweminyang­o yezitolo zakwaEdgar­s. Emasontwen­i amabili ngaphambi kokuba uMengameli wezwe enze isimemezel­o i-Edcon ilahlekelw­e yimali obekufanel­e ingene kuyo engamaphes­enti angama-45 kanti futhi yalahlekel­wa yimali obekuzothe­ngwa ngayo ebalelwa ezigidini ezingama-R400. Ngala masonto amathathu emvalelwak­haya le nkampani izolahleke­lwa yimali eyizigidi ezingama-R800.

Amukho onempendul­o eqondile nephelele ukuthi emva kwalesi sibhicongo seCOVID-19 amabhizini­si azosimama kanjani futhi umnotho uzokube umi kanjani. Kusobala ukuthi kumele sizilungis­elele isikhathi esinzima kunazo zonke leli lizwe elake labhekana naso.

 ?? Isithombe: Business Life ?? UMnu uGrant Pattison
Isithombe: Business Life UMnu uGrant Pattison

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa