Iqiniso lithi abezindaba basenkingeni
Usuku lwangeSonto mhla zi-3 kuNhlaba belumqoka kwabezindaba emhlabeni jikelele. Lolu wusuku lapho kubungazwa ubumqoka kwabezindaba empilweni yaleso naleso sizukulwane naleso sizwe. Kukhona ukuvumelana ukuthi abezindaba bamqoka ekwaziseni nasekufundiseni kokuningi. Kukhona futhi ukuvumelana ukuthi njengoba siphila ezikhathini ezinzima nje zokhuvethe abezindaba bathintekile njengezisebenzi (izintatheli) kanye nemboni. Ukukhala kwezinkampani ezinkulukazi zabashicileli kusho khona ukuthi kunzima. Okukhulu kuseza nokuzoba yisimo lapho ezinye izinkampani zivalwa, izintatheli nabahweba ngephephandaba bephelelwa yisinkwa. Kula masonto edlule i-Association of Independent Publishers (AIP) nemele izinkampani ezingama-200 zabezindaba abasebenza emiphakathini ikhihle isililo ngalokho abakubize ngokungenzi kahle kukaHulumeni abawusole ngokuqhubeka exhasa ngezikhangisi amabhizinisi amakhulu. Kwenze lokhu nje nenkampani endala eshicilela amabhuku i-Associated Media Publishing nayo ivume induku, yamemezela ukuthi isiyaphuma enkundleni ngenxa yezimo zomnotho. Siqhumile isililo nakulabo abasebenza ngetoho kwabezindaba okuvele ukuthi iningi labo lilahlekelwe yimisebenzi. Okubi kakhulu wukuthi umthetho wezwe awubavikeli ukuthi bathole isinxephezelo sokuphelelwa umsebenzi ngohlelo i-Unemployment Insurance Fund (UIF) njengabasebenzi abejwayelekile. Kufika lesi siwombe nje kuvele kunzima ikakhulukazi emaphephandabeni njengoba liya ngokuncipha ibhizinisi lokushicilela kwanda ubuxhakaxhaka.
Ngalesi sikhathi, yize kulukhuni kwabezindaba, kuthatha kungacabangeki ukuthi isimo sabezindaba sesingaba seqhulwini kulabo abenza izinqumo. Lapha sikhuluma ngoHulumeni okumele abhekele imiphakathi eminingi ebhekene nesimo sendlala. Lokhu kusho ukuthi izinkampani kanjalo nezintatheli nabasebenza ngezindaba kumele okokuqala babeke eceleni ukungaboni ngaso linye nokuncintisana baqhamuke neqhingasu elizogwema inhlekelele kulo mkhakha. Lokhu kungenziwe uHulumeni noma abakhangisi kepha abanikazi bale mboni okungabashicileli nezintatheli. Ngeshwa ngeke lo mkhakha ukwenze lokhu ngaphandle kokuba ubuke izinkinga zawo, ezifaka ukucwasa, ukungabi bikho kwabantu besifazane ebuholini, nobugovu. Lokhu kuyoba yinselelo ngoba phela abezindaba bavame ukubika ngobubi uma kwenziwa ngabanye kulokhu kuyosho ukuzinuka amakhwapha nokuyothatha ukukhula. Ingcabha ikubo abezindaba.
Ikhono lakhe ekushayeni umakhweyana, isigubhu, isitolotolo nokuba ngumzwilili kwamdonsela amehlo nedumela emazweni omhlaba uMntwana uMagogo Constance Sibilile Mantithi Ngangezinye kaDinuzulu. UMntwana uMagogo uzalwa yiSilo uDinuzulu eNdlovukazini uS’lomo (okaNtuzwa) Mdlalose. Uzalwe ngonyaka we-1900, elama uMntwana uMshiyeni Arthur Edward kaDinuzulu neSilo uSolomon Phumzuzulu kaDinuzulu. UMntwana uMagogo ukhulele eSigodlweni oSuthu, KwaNongoma, eyigagu elibabazekayo ekukhuleni kwakhe. Ugane iNkosi uMathole kaMkhandumba Buthelezi, eKushumayeleni, eMahlabathini, bazibula ngoMntwana uMangosuthu Buthelezi ngowe-1928. Yize agana ngowe-1926, uMntwana uMagogo uqhubekile wadlala umculo ayedume ngawo. Elinye lamakhono akhe, wayeyinyosi enekhono, ebonga onke aMakhosi oHlanga aKwaZulu nabaNtwana baseNdlunkulu kaZulu, edlula amadoda. Uhlonishwe ngendondo yegolide ye-Order of Ikhamanga ngoZibandlela wezi2003. UMntwana uMagogo ushonele esibhedlela eThekwini ngowe-1986.