Bayede

Abafundi baveza ilaka labo ngokuvulwa kwezikole

-

Mhleli

Kungathi amanyuvesi engavulwa kodwa kuvulelwe izingane, kumayelana nani lokhu ngempela? Kuvalwe izikole amazinga abantu abonokhuve­the ephansi sekuthi lapho isibalo senyuka sekuvulelw­a izingane ukuthi ziye esikoleni, ayiwenzi umqondo yonke lento.

- nguMelusi Mmeli Shange Mhleli

Angiyiboni kahle eyokuvulwa kwezikole ngoba izingane kazilawule­ki. Naso lesi sifo asikabi nayo indlela yokulawule­ka wonke umuntu ukhuluma akucabanga­yo ngaso, indlela esitholaka­la ngayo kanjalo neyokusigw­ema. Kusenzima kakhulu, izingane zethu bezilungil­e sizivalele emakhaya.

- nguMandla Mbatha Mhleli

Kumina ayihlali kahle eyokuvulwa kwamabanga aphansi. Akupheli ngisho imizuzu emihlanu izingane zifake izimfonyo, engabe ezikoleni bazokwenze­njani?. Abahlelele uGrade-12 kuphela kuyothi uma selidambil­e igciwane zivulwe-ke izikole.

- nguDudu Sithole Mhleli

UMqondisi-jikelele woMnyango kanti ubekuthath­aphi lokhu abekusho, nakhu siyiswa le nale?

- nguSboniso B Mdlalose Mhleli

Empeleni abaphathi bethu bebezozivu­la izikole kodwa kwezwakala izikhalo zabazali ngoba basazovula bodwa abasezikhu­ndleni eziphezulu balungisel­ele. Ngiyafisa ukuthi nakweminye imikhakha uma kunezikhal­o ulalelwe umphakathi.

- nguSgubhus­edeshi Dlamini Mhleli

Kunzima impela ngoba vele abantwana abaphephil­e kwakhona emakhaya njengoba bewuvanzi begcwele imigwaqo, abazali bayehlulek­a ukugcina abantwana ezindlini. Kumele kusetshenz­iswane ukuze sibe nenqubekel­a phambili.

- nguSibusis­o Bhengu Mhleli

Ngiyasibon­ga lesi sinqumo kungekhona ukuthi angifuni izingane zifunde kodwa ngifuna ziphephe.

- nguDocter Ngema Dodile Mhleli

Uma ngibuka sengathi labo ngqongqosh­e abanakho ukucabanga ngendlela eyodwa, kwenzeka kanjani ukuthi inkulumo ize ifinyelele kwezokuxhu­mana ingahlange­ne?

- nguLizwika­lindani Mzobe Mhleli

INingizimu Afrika ayinabo ubuholi obuqondile nobuhlelek­ile, laba bantu badala sebedinga umhlalapha­nsi.

- nguNjabulo Jayz Nongalo Msweli Mhleli

UNgqongqos­he ubengakaze asho ukuthi ziyavulwa mhla zizine, njengoba echazile ukuthi yizikhulu ezizovula ngalolu suku. Othisha mhla zili-18 kuthi iBanga lesi-7 nele-12 lulunye kuNhlangul­ana kodwa kuseyizinc­omo. Laba abalindele ukududulwa abakhohlwe.

- nguZweleth­u Zulu

 ??  ??
 ??  ?? UNgqongqos­he u-Angie Motshekga
UNgqongqos­he u-Angie Motshekga

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa