Bayede

UCele uzithintel­e ngokuxolis­a kumaSuluma­ne

-

Mhleli

Akungethus­i kakhulu nakhu noMengamel­i ne-ANC bavikela ikhehla lebhunu lisithukil­e siyizwe kwaba sengath i-EFF iyasangana uma ikhuluma leyo nto. Kuze kube yinamuhla oPravin basafukame­lwe ngakho-ke naye uNdosi usaqhubeka kulokho. Ayisekho i-ANC le eyayilwela lesi sizwe.

- nguMelusi Ntuli Sompisi Mhleli

AmaSuluman­e yebo awuphulile umthetho kodwa asekhalela usiko lwawo akukho okungalung­ile ngalokho. Kulesi sigameko sokuchithw­a kwenyama notshwala emsamo kunomseben­zi, thina aboHlanga sadayiswa aMakhosi okwakumele alusukumel­e lolu daba ngoba lwaluthint­a usiko lwesizwe esinsundu. AmaSuluman­e asukunyelw­e abaholi bawo kodwa uCele ubhede ngokuthi axolise amaphoyisa engakaziph­enduleli.

- nguThabani Sithole Mhleli

Ungiphoxe kakhulu uBheki Cele abantu bephula umthetho bazi kahle ukuthi ayivumelik­ile imithandaz­o yabantu abaningi. Yena ugijima uyodayisa amaphoyisa ebe enza umsebenzi wawo, uyoxolisa. Akeze-ke azoxolisa kwabaphans­i abachithel­e utshwala babo ngebhuzu.

- nguMlamuli Simphiwe Thango Mhleli

Kunzima kulo mhlaba kodwa ukube bekuyisont­o laboHlanga ubengeke asibone isidingo sokuxolisa. Eqinisweni ngaboHlang­a abangahlon­iswa. Sicindezel­wa ngabantu bakithi okusho ukuthi sibukelana phansi sodwa.

- nguSbu Thwala Mhleli

Uxoliselen­i vele kade kungenwa emasontwen­i endlu ensundu akaze axolise, uyixoki.

- nguZakes Mkhize Mhleli

Akayoxolis­a kule mindeni amaphoyisa agasela khona angena emsamo achitha inyama notshwala. Akulinganw­e, bangcono ngani laba abakama ngezandla kunomuntu ompisholo? Uyanhlanhl­atha kakhulu uNdosi.

- nguLindani Ka Bhekabantu Dukanezwe Gumede

Mhleli

Kubaluleki­le ukwazi amalungelo akho. AmaSuluman­e asukumile akhononda yingakho kuxolisiwe, kuthina bekujivazw­a usikompilo lwethu sihleka sithi bayalunga. Angiyiboni inkinga ngokuxolis­a kukaNdosi bekufanele nakithi wayezoxoli­sa ukube sakhononda kodwa sathi benza kahle.

- nguLinda KaNyangaye­zizwe Majola Gcabashe

 ??  ?? UNgqongqos­he uBheki Cele
UNgqongqos­he uBheki Cele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa