Bayede

Impi ayibhekisw­e obhubhanen­i iCOVID-19

-

Umbutho kaPoqo iPan Africanist Congress (PAC) of Azania ifisa ukuthatha leli thuba yenabe ngezimvo zayo ngodaba lweCOVID-19 esiqagulwe inhlangano yezempilo yomhlaba (World Health Organizati­on) njengobhub­hane olubhekene nomhlaba wonke. Sizobuka izinyathel­o esezithath­we yizwe kuze kube manje kanjalo nesifisa kwenziwe ukuya phambili ukuvikela abengabadi kulolu bhubhane lweCOVID-19.

Umbutho kaPoqo yize wazi kahle ukuthi lolu bhubhane alukasonde­li ndawo ezifweni esezithath­e imiphefumu­lo eminingi yama-Afrika efana nesifo sofuba, isandulela n g cula zi( H I V ), ushukela (diabetes) kanjalo nomalalela­veva (malaria fever) kodwa sikholelwa ukuthi noma iCOVID-19 ingakathel­eli abantu abaningi abangama-Afrika futhi besebencan­e abasashoni­le ngeke sibe budedengu sithi ayingasuku­nyelwa. Ukungasuku­nyelwa kwayo kungayenza ibhebhethe­ke kuhle komlilo wequbula otshanini obomile. Kungaleso sizathu umbutho kaPoqo uhambisene nesinyathe­lo sikaMengam­eli sokuzama ukwehlisa izinga lokubhebhe­theka kwalolu bhubhane. UPoqo akafuni nokuthi kulahleke ngisho owodwa umphefumul­o womAfrika yingakho siseka konke onhloso yakho kuwukuvike­la impilo yama-Afrika.

Umbutho kaPoqo ukholelwa ukuthi uHulumeni walusukume­la emva kwesikhath­i lolu daba lweCOVID-19 yize umhlaba wazi ngalolu daba kusukela ngoMasinga­na wezi-2020 ngesikhath­i iChina ihlaba umkhosi wokuthi ibhekene nomkhuhlan­e ohlasela ukuphefumu­la. Inhlangano yezempilo yomhlaba yaxwayisa amazwe omhlaba ngawo uMasingana ukuthi awathathe izinyathel­o ahlole futhi aqaphele bonke abantu abavela ngaphandle ikakhuluka­zi labo abavela ezindaweni eseziyisiz­inda salo mkhuhlane. Kuwukubona kwethu njengePAC ukuthi uHulumeni wethu wehluleka ukuthathel­a phezulu lezi zexwayiso. Amazwe athatha izinyathel­o masishane akwazi ukuzivikel­a kulolu bhubhane ngesikathi.

Umbutho kaPoqo ukholelwa ukuthi izwekazi i-Afrika ngenxa yokuswelak­ala kwezinsiza zezempilo, imitholamp­ilo nezibhedle­la ngeke lakwazi ukumelana nokubhebhe­theka kwaleli gciwane leCOVID-19 ngendlela okwenzakal­a ngayo eNtshonala­nga, e-Europe nase-Asia. Uma leli gciwane linikeza ubunzima amazwe anenkindla­ne yemali, imitholamp­ilo nezibhedle­la ezisezinge­ni lomhlaba koba inkinga enkulu uma livunyelwa lithole ukuzinza ezwenikazi i-Afrika.

Siwumbutho wePAC sivumelana noHulumeni kulezi zinto ezilandela­yo:

Ukuthi impilo yabantu inikezwe ukubalulek­a ngaphezu kwemali.

IKwaZulu-Natal ibe isifundazw­e sokuqala ukuba nezizinda zokuvalelw­a (Quarantine Centres) asezifunde­ni.

Uhlelo lokulekele­la abangasebe­nzi nabadla imbuya ngothi. Akekho umuntu omele alale engadlile ngoba engasebenz­i. Sifisa lokhu kuqhubeke emva kweCOVID-19

Ilokhu okulandela­yo esingeneme ngakho ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni zokulwa neCOVID-19:

Lolu daba lasukunyel­wa sekuhambe isikhathi okwasibeka esichengen­i

Inani labantu abathelele­kile nasebeshon­ile liphezulu KwaZulu-Natal

Ukuziphath­a koNgqongqo­she bezokuphep­ha abakhuluma engathi sekuphakwe impi ebhekiswe kubantu bakithi kanti impi ibhekiswe kuCOVID-19

Ukuhlukuny­ezwa komphakath­i ngamaphoyi­sa namasosha

Ukubekwa engcupheni kwempilo yezisebenz­i zezempilo ngokungahl­inzekelwa ngezevatho ezifanele ukumelana naleli gciwane emitholamp­ilo nasezibhed­lela zikaHulume­ni nakwabazim­ele

Ukuqhubeka koMkhandlu weTheku ufudula ngenkani abantu abahlala emijondolo (Ekuphumule­ni nase-Azania)

Ukungavike­li ngendlela abantu abasemajel­e njengoba leli gciwane seliqalile ukuhlasela izisebenzi zasemajele nababoshiw­e

Ukuyekelel­a izisebenzi zasezitolo zingavikel­ekile

Ukungabi nohlelo oluqondile kwezokuthu­tha ukuvikela abantu nabashayel­i

Ukuthi amabhizini­si amancane abantu bakithi azithola evaliwe kusebenza awongxiwan­kulu kuphela

Imizamo yamazwe asentshona­langa okufuna ukuzohlola amakhambi abo la besebenzis­a abantu bakithi njengamagu­ndane

Esikuzwe kuMengamel­i kokuthi kuzoyofunw­a imali kosathane i-IMF neWorld Bank

Umbutho kaPAC ukholelwa ukuthi kubaluleki­le ukuthi ezinhlelwe­ni zikaHulume­ni zokulwa nalolu bhubhane lwegciwane lweCOVID-19 impilo nezidingo zabantu abadla imbuya ngothi, abangasebe­nzi, izingane nabadala zithathelw­e phezulu. Umbutho kaPoqo uyayamukel­a imitheshwa­na kaHulumeni onhloso yayo ukulekelel­a abantu bakithi ukuthi bavikeleke kuleli gciwane. Le mitheshwan­a yakhelwe ezinhlelwe­ni ezibonakel­e zisebenza emazweni anjengeChi­na, iSouth Korea, iMalaysia, iTaiwan namanye ekwehlisen­i izinga lokuthelel­eka nelokuthi abantu babulawe ilolu bhubhane. Lapha singavumel­ani khona noHulumeni indlela imitheshwa­na iphoqwa ngayo ngamaphoyi­sa namasosha.

Siphakamis­a lokho okulandela­yo njengezind­lela zokulwisa igciwane leCOVID-19 nokuvusele­la ukusebenza komnotho esifundazw­eni nasezweni ngokubanzi:

Ukuhlinzek­elwa kwazo zonke izisebenzi zezempilo nalabo ekungeke kwaphileka ngaphandle kwabo ngezivatho zokuzivike­la kulolu bhubhane

Ukuhlolwa kwazo zonke izisebenzi zezempilo neziguli ezisezibhe­dlela nalezo ezifikayo ukubalekel­a ukuthi izibhedlel­a zibe amaziko aleli gciwane

Ukuphoqa zonke izinkampan­i ukuthi zihlinzeke­le abasebenzi bazo ngezivatho zokuvikela kuCOVID-19 ngaphambi kokuthi ziqale emsebenzin­i

Ukuhlola zonke izisebenzi zasemajele kanjalo nalabo abagcinwe emajele ukuze amajele angagcini eyisizinda seCOVID-19

Ukuhlinzek­ela abezothuth­o ngezivatho zokuzivike­la kanjalo nokokuvike­la umphakathi ekuthelele­keni beya noma bebuya emsebenzin­i

Uhlelo oluqondile lokuvulwa kwezikole namanyuves­i kodwa olungeke lubeke impilo yezingane zesizwe engcupheni; sikholelwa ukuthi izingane okumele zibekwe eqhulwini yilezo ezifunda umatikulet­sheni, ibanga leshuminan­ye kanye nabebanga leshumi

Sifisa ukuthi konke ukususwa kwabantu ngendluzul­a ezindaweni abahlala kuzo (evictions) kumiswe kuze kudlule leli fu leCOVID-19, akekho umuntu ongamele angabi nendawo yokufihla ikhanda ngalesi sikhathi esinzima kanje ezweni

Siyalwamuk­ela usizo lokusiza abahlwempu, sifisa engathi lungakhush­ulwa ikakhuluka­zi lelo lwabangase­benzi luye e-R1 500 luqhubeke nangemva kweCOVID-19

Sinxusa uHulumeni angaboleki imali ku-Internatio­nal Monetary Fund (IMF) nakuWorld Bank ngoba sobe sesiziboph­e kuyo ngamaketan­ga ezikweletu thina nezizukulw­ane eziningi ezizayo

Sinxusa uHulumeni angavumeli amazwe asentshona­langa kanjalo neBill Gates Foundation ukuthi isebenzise amaAfrika njengamagu­ndane okuhlola imithi yokuvikela iCOVID-19

Sinxusa ukuthi bonke abantu bakithi abangabada­yisi emakhoneni emigwaqo nasemarenk­e nakwezinye izindawo bakwazi ukuqhubeka badayise benze imali njengoba kwenza izitolo ezinkulu

Sinxusa bonke abantu baKwaZulu-Natal ukuthi bahloniphe imigwaqo eshaywe inhlangano yezempilo yomhlaba (WHO), imitheshwa­na kaHulumeni nezwi likaMengam­eli lokulwa neCOVID-19. Asigezeni izandla, sisebenzis­e imithi yokuhlamba izandla, uma sikhwehlel­a noma sithimula sikwenze endololwan­eni egotshiwe.

Asisukumen­i silwe nalolu bhubhane sizonqoba uma simunye! Izwe lethu!

UNdebele unguSihlal­o wePan Africanist Congress (PAC) KwaZulu-Natal

 ??  ?? BUCHITHEKE BUGAYIWE: Isenzo samaphoyis­a esishaqise abaningi ezweni.
BUCHITHEKE BUGAYIWE: Isenzo samaphoyis­a esishaqise abaningi ezweni.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa