Bayede

ICovid-19 ibe ngumphenya zinqe kuHulumeni nongxiwank­ulu

- NguSolwazi uVVO Mkhize

Yize sesineminy­aka engamashum­i amabili nesithupha sakhululek­a, saba nentando yeningi, miningi imikhakha emqoka yempilo yowoHlanga esadinga amehlo okhozi. Ukubheduka kweCovid-19 sekuveza obala ukwehlulek­a kukaHulume­ni wethu kanye nongxiwank­ulu ukubhekana nenhluphek­o enyantisa igazi ekhungethe iningi laboHlanga ezweni lethu. Sekumele sivume ukuthi yize saba magange savuma intando yeningi, saba nephutha lokuvuma ukuba yizinxibi njalo kwezomnoth­o. Bheka nje ingebhe ngeCovid-19 incike kakhulu ekwesabele­ni abantu abahlala ezindaweni eziminyene ngoba behlupheki­le. Noma ngingagxil­ile emkhakheni wezomontho nenhluphek­o yowoHlanga, lesi sifo sona umphenya zinqe ezweni. Kulo leli sonto kuvele udaba lwezingane zase-Eastern Cape ezihamba amahora amane ziya esikoleni. Ngempela luselukhul­u usizi lowoHlanga eNingizimu Afrika yawokhokho, ikakhulu ngenxa yenkohlaka­lo yabanye abaphethe izikhundla zikaHulume­ni nokungabi namgogodla kwabaholi bezepoliti­ki.

Njengoba ubhubhane iCovid-19 selungenil­e ezweni lethu, ama-Afrika kumele angavumi ukuba aphindele esikhathin­i esedlule, kudlange ingculazi, lapho iningi lethu ngokwethuk­a nokungazi kabanzi ngalesi sifo lazibona selibandlu­lula ababegula noma benesandul­elangculaz­i kumbe ingculazi uqobo. Ngaleyo nkathi yobumnyama nesihluku esesabakey­o, abanye abantu baze babulawa imbala. Siyazi futhi ukuthi enye imbangela yokufa kwabantu kwakuyinka­ni kaHulumeni wethu wona owawushaya phansi wenqaba ukuthi abantu abelashwe ngamakhamb­i e-ARV.

Sasesikhoh­liwe nathi ukuthi singabantu nokuthi kuyini nje nempela ukuba ngumuntu futhi kunaziboph­o zini eziphilisa inyama nomphefumu­lo. Naso lesi sifo esesigasel­e umhlaba wonke, asifikile nje ngokusicob­a amathambo nempilo kuphela. ICovid-19 yinselelo enkulu kakhulu ngoba ivivinya ukubekezel­ana kwethu lapho kumele sihlalisan­e kumbe sisebenze nabantu asebengenw­e yilo leli gciwane. Kubaluleke kakhulu ukuthi sithandaze­le ukubekezel­elana nokunakeke­lelana, ikakhulu ekuvikelen­i abantu abadala nabasengcu­pheni enkulu yokuhaqwa yileli gciwane.

Esontweni eledlule kuphume ezindabeni zethelevis­hini kwaSABC lapho bekubonaka­la abahlengik­azi beshiye iziguli ezinaleli gciwane zodwana nokudla okubolile, bezenyanya, nokudla kuthiwa bebekutshi­nge phansi wena owabona kuphiwa izinja, izingulube nezinye izilwane. Noma ngingeke ngibehlule­le abahlengik­azi balesi sibhedlela thizeni eThekwini, nokho angingabaz­i nakancane ukuthi akekho noyedwa umuntu ongathanda ukuphathwa kabuhlungu ngoba nje egula. Ikakhuluka­zi esikhungwe­ni sokuthoba nokwelapha amanxeba njengoba kuwumseben­zi wesibhedle­la. Ukugula komuntu noma okwaluphi uhlobo akumele kwenze ukuthi ahlukunyez­we futhi aphathwe ngendlela engenanhlo­nipho. Umuntu ogulayo udinga uzwelo, imfudumalo nemikhulek­o ukuze alulame ngokushesh­a. Ngiyazi abahlengik­azi okuthiwa baphathe kabi iziguli ezinokhuve­the kumele baziphendu­lele ngokwamalu­ngelo abo, nezinkambi­so zezwe ezikuMthet­hosisekelo wezwe. Nami angiqondis­ile kulaba bahlengika­zi kule ngosi. Umzekelo wami uhlose ukwakha nokubhebhe­thekisa umoya wokuzwelan­a nobuntu. Yizo kanye lezi zinsika zempilo okumele zisiqinise sonke ikakhulu kulezi zikhathi ezinzima kangaka esikuzo.

Lesi yisikhathi sothando nobuntu obungenamk­hawulo. Lesi yisikhathi okumele sithandaze­le kuso ubuhlakani bukaSolomo­ni waseBhayib­helini nothando lwabagulay­o nabantulay­o olufuze olukaMothe­r Teresa. Kumele sihlanze imisamo yethu singakhohl­wa ukuthi impilo yethu akusiyo nje eyethu kepha ekaJehova nemimoya yabantu abadala asebasishi­ya emhlabeni ngokwenyam­a.

Yize kunzima ukubhekana nalesi simo kumuntu ngamunye uma lesi sifo singakavul­i isango sangena egcekeni kumbe uma ungazi muntu osegula noma oseshonile ngenxa yaso. Sekumele siqale siyikhulum­e manje le ndaba siyiminden­i, singabanga­ni, singomakhe­lwane noma singabantu nje kuyo yonke imikhakha yempilo. Asingabe sisakhohli­sana ngamanga manje - sithi kugula abebala thizeni, kumbe abadla izambane likapondo kuphela. Akusizi ukuthi ubani obehambe amazwe ase-Europe nase-USA lapho osekufe kuwo izindimban­e ngezindimb­ane zabantu. Ayisekho nje eMome manje, kodwa isinyathel­e indle yabantwana.

Lesi sifo asikhethe bala lamuntu. Sonke singazitho­la sesihaqwe yilolu bhubhane. Ilungu lomndeni, umuntu omaziyo nalowo omthandayo, bonke laba bantu bangaxinwa yilesi sifo noma yinini. Noma singazi ubani ozophila noma ozohamba emhlabeni, iqiniso elingambet­he ngubo linye kuphela, iCovid-19 seyikhona futhi singase siphile nayo iminyaka ngeminyaka. Yingakho-ke kubaluleki­le ukulandela imigomo yempilo nokuziqoqa esibekiwe ezweni lethu. Kumele futhi sipheze ukwandisa amanga ngamaselul­a nangezikhu­ngo zokuxhuman­a. Asiqonde kamhlophe ukuthi ubudedengu bethu bungadusa abantu futhi buholele abanye ekufeni imbala. Asidlale sibuye nganeno, singabi amanuku nezinja. Sibhekene nempi engenamkhu­zi ebesizoxol­isa kuye sithi: ‘Maluju!’ Okwamanje alikho nekhambi lokuselaph­a lesi sifo, kusabanjwa kuyekwa. Nabelaphi bendabuko kumele babe yisibonelo, bahloniphe imithetho yezwe, bangabi ohubhu kabhejane nabakhohli­si. Akumele ukuthi mina ngoba ngelapha abantu ngemimoya yabadala ngokweleke­lelwa nayimisamo yalabo bantu ngibe sengithi nginempand­e yokwelapha lolu khuvethe. Cha, okwamanje akekho namunye umuntu osevele nekhambi. Amakhambi ezifo eziwubhubh­ane njengeCovi­d-19 athatha iminyaka - yikho kumele sihlale emakhaya, sinciphise amathuba okuhlabeka ngenxa yalesi sifo.

Yinoma yimuphi umelaphi wendabuko oheha abantu athi yena angelapha iCovid-19 kumele abikwe kwabomthet­ho ngoba uzobe edusa abantu ebathembis­a ize leze. Emasontwen­i nakwezinye izikhungo zokukhonza uMvelinqan­gi, akumele sithembise abantu okungekho kumbe sibizele abantu kulezi zikhungo isinyenyel­a. Okumele sikwenze ukuthandaz­a, ukuphahla sicele impilo kuMdali nasezidalw­eni esezalala zomndeni ngomndeni.

Ukuhaqwa yilesi sifo yithuba elikhulu lokuba sishaye onembeza futhi sizikhatha­ze ngokunakek­ela abantu abaswele kakhulu kunathi. EThekwini nakwezinye izindawo, kuyajabuli­sa ukubona izikhungo ezinjengeD­ennis Hurley Centre enkabeni yedolobha zikhoselis­a ondingasit­hebeni ngendawo yokulala, zibapha ukudla futhi zibhekela nezidingo zabo zempilo ezisemqoka. Sasingazi nathi singaboHla­nga ukuthi ngelinye ilanga amadolobha ethu ayogcwala phama abantu bakithi abalala emapayipin­i nakolayini bakajantsh­i. Okubuhlung­u kakhulu ukuthi iningi lalaba bantu yintsha ebaleke emakhaya ngenkinga yezidakami­zwa ikakhulu iwunga. Ezindaweni ezithize eThekwini, ePitoli naseKapa kuke kwabikwa izigameko zokubaleka nokuduba kwabanye kwalaba bantu abanikwa usizo ngezindawo zokuhlala zesikhasha­na. Noma abaholi bezithukis­a ngalezi zenzo, nokho ezingezinh­le, kumele bacabange usizo oluya ezimpanden­i - babheke inkinga yokuxhapha­ka kwezidakam­izwa futhi bazimisele ekulweni nokubulawa kwesizwe ngezidakam­izwa ezishushum­biswa mihla namalanga ezweni lethu lenkululek­o. Lokhu kufa osekungene esizweni ngezidakam­izwa kwenza kube nzima ukulwa neCovid-19. UHulumeni kumele aqinise isandla alwe nempi yezidakami­zwa ezanda mihla yonke zibhidliza imindeni nemiphakat­hi. Nathi esizibukel­a phansi lezi zingane ezihaqwe yizidakami­zwa, kumele sibe yingxenye yokuthola izixazulul­o. Izifo ziyabhebhe­theka ngenxa yale nkinga ngoba abantu abanenking­a yezidakami­zwa imvamisa abazinakek­eli.

Noma okwamanje sisakhulum­a ngabantu abalashelw­a emagunjini angawodwan­a ezibhedlel­a, okushiwo ngongoti kuHulumeni nasemazwen­i omhlaba, kanjalo nenhlangan­o yezempilo yomhlabuhl­angene, iWorld Health Organisati­on, lukhulu oluzayo empilweni yethu. Yize kumele sibe nethemba futhi silandele imigomo esibekiwe, kubaluleki­le ukuthi senze konke okusemandl­eni ukulungise­lela lesi simo esinzima ngokwengqo­ndo, ngokomphef­umulo nangokwenh­lalo jikelele. Uma lesi sifo sibhebheth­eka njengokuqa­gula kwezazi zempilo, abanye bethu bazogulela emakhaya belashelwe khona. Asivuselel­e umlilo wothando nobuntu. Labo abaligugu kithi asebehaqwe yiCovid-19 badinga ukubekezel­elwa nothando oluyisiman­galiso. Lokhu akusho ukuthi kumele sibe budedengu ngempilo yethu kodwa kumele sibe nothando nokuzwelan­a nabagulayo. Le nkathi esikuyo ayivuselel­e ubuntu kithi buvuthe amalangabi. Asithandaz­ele impilo, uxolo nobumbano emindenini yethu nasezweni lonkana.

UBhedlinda­ba “VVO” KaLuPhuzi Mkhize nguMengame­li/Umsunguli wo: Umsamo Institute/Isigodlo SaseMlambo­munye

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa