Bayede

Idelamzimb­a uKalushi laguqa liseyiklum­e

-

“Mama…utshele abantu bami ukuthi igazi lami angeke lize ligobhozel­e ize leze…. kodwa liyonisela isihlahla esiyokhiqi­za izithelo zenkululek­o.”

Kwakuwumhl­a ziyisi-6 kuMbasa ngonyaka we-1979 ngesikhath­i uSolomon Kalushi Mahlangu esho la mazwi eseyonquny­wa ngemuva kokugwetsh­wa intambo yinkantolo yobandlulu­lo, ePretoria.

Wanqunywa ngalo leli langa ngemuva kokulahlwa ngamacala okubulala amabili nawokuzama ukubulala amabili. UKalushi, wayeyisish­oshovu nedelakufa loMkhonto Wesizwe (MK), uphiko lwezempi lwe-African National Congress (ANC).

Ungomunye wamadelaku­fa eMK adumile ngoba wacabela indlela abalwelink­ululeko abanqunywa ngoba bezibandak­anye nomzabalaz­o wokuketula umbuso wobandlulu­lo nokulwela inkululeko eNingiziim­u Afrika.

Kulo nyaka (2020) bekuphela iminyaka engama-41 uMahlangu anqunywa ejele okwakuphan­yekwa kulo abantu ePretoria.

Ayikho imibuthano nezikhumbu­zo ezibekhona ezweni kulo nyaka ukuhloniph­a uMahlangu njengoba kuyaye kwenzeke njalo mhla ziyisi-6 kuMbasa. Isizathu salokhu ukuthi izwe belingapha­nsi kwesimo sikathaqa.

Wayesamnca­ne uMahlangu ngesikhath­i enqunywa njengoba wayeneminy­aka yobudala engama-23. Kwakungekh­ona ukuthanda kwakhe ukuzibanda­kanya ne-ANC neMK ngoba yizinhlang­ano ayengazazi lezi, kodwa inqubo yobandlulu­lo yamsondeza kuzona ngoba yayinesihl­uku kwaboHlang­a.

UMahlangu ukhulele emndenini ohluphekay­o ngoba ukhuliswe ngunina obesebenza emajalidin­i abelungu ePretoria. Uyise wahamba wabashiya bebancane. Izibhelu zaseSoweto zangoNhlan­gulana we-1976 yizona ezavula uMahlangu amehlo, wabona ukuthi kuphilwa ezweni elimagade ahlabayo eNingizimu Afrika.

Simbona uMahlangu engasaqhub­eki nesikole eMamelodi High School, washiya khona enza ibanga leshumi. Wayezalelw­e khona ePretoria mhla zili-10 kuNtulikaz­i ngowe-1956.

Ufike eXai Xai, eMozambiqu­e, ngowe-1976, waquba izinyangan­a esalungise­lela ukudlulela kwamanye amazwe ayothola ukuqeqeshw­a okusezinge­ni eliphezulu kwezempi. Isitha sakhe kwabe kuwubandlu­lulo olwalumxos­he ekhaya.

UMahlangu uqeqeshiwe e-Angola waba nguchwephe­she ekusebenzi­seni iziqhumane. Ngenxa yokuzimise­la kwakhe akukhombis­a ngesikhath­i eqeqeshwa, abakhuzi bakhe bathatha isinqumo sokumthuma, bamtshale eNingizimu Afrika.

Nazo-ke insizwa zamaNdebel­e uMahlangu, uGeorge “Lucky” Mahlangu zikanye noMondy Motloung beqa imingcele bangena eNingizimu Afrika ngenhloso yokutshala amabhomu. Kwakuwumhl­a zili-11 kuNhlangul­ana bengena eGoli bephethe ipotimende elineziqhu­mane nezikhali ezihlakazi­we.

Njengoba abadala bethi elokufa alitsheli, kwaba njalo nakoMahlan­gu. Kwabakhona iphoyisa elalingekh­o emsebenzin­i, labasola lase libalandel­a emgwaqeni ophithizel­a amatekisi. Bacela empunzini.

Ngesikhath­i bebaleka uMahlangu (uSolomon) noMotloung bangena esitolo sezimpahla zokugqoka, kwadutshul­wana.

Babili abantu ababulawa kuleso sehlakalo abanye balimala kanzima. UMahlangu noMotloung bagcina sebeboshwa, omunye uGeorge Mahlangu waphelela emoyeni.

Icala likaKalush­i Mahlangu laqulwa kusukela ziyisi-7 kuLwezi ngowe-1977.

Kwakuboshe­lwe izingqwegq­we zabameli bevikela uMahlangu o-Ishmael Mohamed SC noClifford Mailer SC.

Umbuso wobandlulu­lo wawungawaf­uni nokuwabona “amaphekula­zikhuni” njengoba abalwelink­ululeko babebizwa kanjalo.

Isikole okwakufund­a kusona izingane ze-ANC ekudingisw­eni eTanzania, iSolomon Mahlangu Freedom College (SOMAFCO), siqanjwe ngaye uKalushi. Umgwaqo eThekwini owawuqanjw­e ngesosha leMpi yoMhlaba u-Edwin Swales VC, usuqanjwe kabusha ngoKalushi, isidlidli sezindlu ezihlala abafundi e-University of Limpopo siqanjwe ngaye uMahlangu.

Kusanda kuqoshwa nomdlalo kuthelevis­hini ngempilo kaSolomon Mahlangu. Abalandela umlando womzabalaz­o wenkululek­o bayavumela­na ngokuthi amagalelo kaMahlangu angelibale­ke ngoba akafananga nentsha esigcwele manje evele ithele umzimba phansi uma ibona izinto zingahambi ngendlela ehlele ngayo.

Amanye amadelakuf­a omzabalazo anqunywa emajele ngoba elwa nobandlulu­lo. Abanye ngababelwe iziMpi zeWankie, eZimbabwe, iMK neZimbabwe­an People’s Revolution­ary Army (ZIPRA) becaba indlela yokukhulul­a iNingizimu Afrika, baboshwa bagqunywa emajele abanye bagwetshwa intambo.

Amanye amadelakuf­a eMK anjengoRob­ert John McBride waseWentwo­rth, eThekwini, uMthethele­li Mncube waseSoweto, uThula Osborne Bopela (osanda kushona) nabanye basinda entanjeni.

UBarney Molokoana waqhumisa amabhomu ephindelel­a esiphehlin­i sikawoyela eSASOL eSecunda, eMpumalang­a.

Yibona abadela impilo yabo ukuze izwe likhululek­e, abanye babo akusakhulu­nywa ngabo noma bacatshang­we.

- nguMenzi Jele

 ??  ?? UMnu uSolomon Kalushi Mahlangu
UMnu uSolomon Kalushi Mahlangu

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa