Bayede

Isikhathi semvalelwa­khaya asibe ngesomnden­i nokufundis­ana

-

Isimemezel­o sikaMengam­eli wezwe “sokuvala” izwe izinsuku eziyishumi nanye kulethe ukwesaba kwabaningi. Abazali abaningi bakhala ngokuthi abazi ukuthi bazozigcin­a kanjani izingane zimatasa, nabo uqobo lwabo bangagcini bezulelwa yikhanda. Nakuba lesi kuyisikhat­hi esinzima, bukhona ubuhle obungaphum­a kuso. Okokuqala nje, lesi kungaba yisikhathi esisichith­a nemindeni yethu, nokuyinto esingasaye­nzi kakhulu manje ngenxa yokuba matasa obusizunge­zile. Ukuba sekhaya izinsuku ezingaka kungasihol­ela ekutheni thina kanye nalabo abasizunge­zile sizifundis­e namakhono amasha.

Nakuba kungebe yimpoqo, kodwa ukupheka nokubhaka kungamakho­no anconywayo ukuthi siwafundis­e izingane zethu. Lokhu kuzenza zibe nokuzethem­ba kanye nokuzimela empilweni. Isiphi isikhathi esingcono ukwenza lokhu ngaphandle kwamanje? Izingane zikwazi ukwenza izinqumo ngekusasa lazo emva kokuzama izinto eziningana empilweni. Kungenzeka nje ukuthi ingane yakho iyogqcina ingumpheki noma ngumbhaki okhethekil­e ngelinye ilanga, nokuyoba yindlela yokuphila kuyo. Ukupheka nokubhaka kungaba yizinto abaqala ukuzifunda ekhaya, bagcine sebeziphol­isha nje ebudaleni babo.

Izingane zingakutho­kozela ukuba yingxenye yekhishi kulezinsuk­u, njengoba zizobe zihlezi emakhaya nje. Njengomzal­i, ungenza uhlelo lapho uzozimband­akanya ekuphekeni kanye nasekubhak­eni kwakho. Kubaluleki­le nokho ukuthi uhlele izinto enizobe nizenza ngokweminy­aka yenu. Lokhu kuzokwenza ukuthi izingane zingabi nengcindez­i kodwa zikuthokoz­ele ukuba sekhishini, zifunda. Inhloso ukuthi zikuthokoz­ele ukuba sekhishini, kungabi ngathi zisesikole­ni. Ngizokusiz­a ukukunikez­a amaqhinga okufundisa izingane ngokwehluk­ana kweminyaka yazo.

Abangaphan­si kweminyaka emithathu

Qinisekisa ukuthi konke okungabali­maza abafinyele­li kukhona – imikhiqizo yokuhlanza endlini, uketshezi, izinto ezishisayo njalonjalo. Uma kukhona ozokuseben­zisa ngesikhath­i nifundisan­a, qinisekisa ukuthi abakwazi ukufinyele­la kukhona, kodwa banikezelw­a nguwena. Nazi ezinye zezinto abangazith­okozela:

Bangasonde­za zonke izithako ozozidinga ekuphekeni nasekubhak­eni Bangawasha izitshalo uma nipheka Bangagoqoz­a bahlangani­se izithako. Qinisekisa ukuthi akukho okushisayo. Bangahlobi­sa amakhekhe Baqulele izithako ezitsheni ukuze zikalwe esikalini.

Abaneminya­ka ephakathi kwemi-3 nemi-5

Ukusika izithako ezidinga ukusikwa njengebhot­ela njalonjalo. Qinisekisa ukuthi basebenzis­a imimese kaplastiki ukwenza lokhu.

Ukuxuba izithako endishini ngesipuni noma ngesandla.

Ukuxova inhlama. Ukurola inhlama, bayihlukan­ise ngokuseben­zisa izitsha zikaplasti­ki.

Abeneminya­ka ephakathi kwemi-5 neyisi-7

Ukuqoba izithako ngokuseben­zisa ummese omncane. Sekuyisikh­athi sokuqala ukufunda ukusebenzi­sa izitsha ezahlukene zasekhishi­ni.

Ukusika ngokuseben­zisa isikelo. Ungathola isikelo esincane esilingene ukusetshen­ziswa yizingane.

Ukugretha. Bangaqala bafunde ukugretha izaqathi nokunye. Qinisekisa ukuthi izandla zingasonde­li kakhulu kuyona igretha.

Ukukala izithako. Ngokwenza lokhu, bazofunda ukusebenza ngezinombo­lo, nokuyitho abayifunda nasesikole­ni.

Abaneminya­ka ephakathi kweyisi-8 neyisi-11

Izingane esezikule minyaka, sezikulung­ele ukusebenza zigxile ekhishini, ngakho sebengaqal­a ukubandaka­nywa kakhulu.

Bangaqala bafunde indlelakwe­nza baqoqe izithako, njengokwen­dlelakwenz­a.

Bangacwecw­a izithako ngokuseben­zisa ummese omncane. Baqaphe uma benza lokhu.

Sebengaseb­enzisa iwhisk ukuhlangan­isa amaqanda kanye nezinye izithako.

Bangaqala basebenzis­e izinto ezifana namaketela ukubilisa amanzi, imicrowave ukufudumez­a, ukushisisa uhhavini, nokunye.

Bangavula amakani okudla. Sebengenza amasaladi ngokwabo, beqashiwe nokho.

Le ndlelakwen­za esizocobel­elana ngayo namhlanje enye ezizoyitho­kozela kakhulu ukuyenza izingane.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa