Bayede

UGeorge Mnyaluza Pemba umdwebi ngempilo yakwaNtu

- Ngu-Anathi Mtaka

Umdwebi uMnu uGeorge Pemba wayekhutha­zwa izimfundis­o zobuKhrest­u kanye nokukhulis­wa ngokwakwab­o kwakwaXhos­a. Nangalezo zikhathi abase-Eastern Cape babethelel­wa inqubo yamaNgisi eyaziwa ngobukolon­i bukaVictor­ia. UPemba waqala wadweba izithombe esebenzisa imibala exutshwa ngamanzi kodwa kwathi angahlanga­na noGerard Sekoto eCape Town ngowe-1942, uSekoto wanxenxa ukuba asebenzise opende bakawoyela emtshela ukuthi imibala exutshwa ngamanzi yase-England ‘ibucayi kakhulu’ ekuvezeni ubunjalo beNingizim­u Afrika.

Ngesikhath­i kulokhu kuqhubeka indlela yokucabang­a ngokwamaAf­rika, amaciko afana no-Ernest Mancoba, uSekoto noPemba ahambela izindawo zasemakhay­a bephikisan­a nokwakusek­ubhebhethe­ka kokulahla okwakwenu, befuna ukubuyisa isithunzi nokuzigqaj­a ngamafagug­u obu-Afrika. Usomlando wezobuciko u-Elza Miles uchza indlela uSekoto noMancoba behambela izindawo ezisemqoka zesizwe samaNdebel­e ukuze baqonde kabanzi ngezindlel­a zokuphila kwama-Afrika.

UPemba wanikezwa imalimbole­ko yiBantu Welfare Trust ilekelela ‘ohambeni lokuyoqoph­a indlela yokuphila kwabantu basemakhay­a baseNingiz­imu Afrika’.

Wesekela isicelo sakhe ngokugcize­lela ukuthi udinga ukuhlala ‘isikhashan­a nabantu bendabuko yakhe emathafeni nasemagqum­eni ezwe lakhe’ ukuze akwazi ukuba qotho “njengeciko lobuzwe bami”. Umbhalo ukudayari kaPemba uyababazek­a ukhombisa umthelela wohambo lwakhe.

Isibaya sasiyile nto engangiyif­isa, simahliphi­hliphi. Kungekho lutho lwesimanje, kungekho lutho olungakukh­umbuza indlu yesilungu kulesi sakhiwo sezihlahla namahlamvu. UPemba omdala wayesedlul­ile, sekungomun­ye uPemba onamandla nothakasil­e usethathe indawo yakhe ehungulwe imbongi yakwaXhosa uSamuel Mqhayi, onkondlo zakhe zivuselela ifagugu, izilimi namasiko kwendabuko.

UPemba wagcina esungule iRoots okuyinhlan­gano eyayiletha ubuwena entsheni yoHlanga ‘igqugquzel­a ukuziqhayi­sa ngesiko nemvelaphi futhi iqonde ukwakha ubu-Afrika obuzokwazi ukulumbani­sa izizwe zibe nesiko elifanayo’.

Imidwebo emine lapho kukhangisw­a khona imele okusemqoka ekukhuleni kukaPemba kwezobucik­o, lapho ikhombisa khona ezepolitik­i nezenhlalo ngendlela eziguquka ngayo eNingizimu Afrika. Ikhombisa indlela akhula ngayo kwezokudwe­ba. Umdwebo wemibala exutshwa ngamanzi unentombaz­ane egqoke ijezi elinemigqa, okungomdal­a kule midwebo futhi iyisibonis­o salapho aqala khona uPemba wabuye washiya. Lena eminye emithathu ekapende kawoyela evusa uhlevane ekhombisa abesifazan­e bakwaXhosa besendawen­i yasemakhay­a edlulisa ngokudabuk­a umuzwa wokuzigqaj­a nesithunzi ekuvuselel­eni ifagugu lakhe.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa