Bayede

Incwadi kaMshazi igxile ebuqhaweni nasemlandw­eni wabakwaNzu­za

- NguMenzi Jele

Uma ufuna ukwazi umlando wanoma yisiphi isizwe, ungathunga­tha abantu bakhona abawulande­layo nabanentsh­isekelo yokuwuthol­a. Kukhona izingwevu nezinsasa zamaxhegu, nemixhilib­a yezalukazi eziwaziyo umlando yemindeni yakubo, ngoba izinto eziningi eziwumland­o zenzeke phambi kwamehlo abo.

UMnu uTusokwakh­e Elphas Nzuza, odabuka esigodini sasoVondlo, oHabeni, eShowe, esifundeni iKing Cetshwayo, akakhulile kangako. Yize esethathe umhlalapha­nsi uMshazi eMnyangwen­i Wezobulung­iswa Nokuhlunye­leliswa Kwezimilo, usithwale ngeqoma wasithi kahla esijwini somlando wesizwe sakwaNzuza.

Encwadini ayibhalile yashicilel­wa, esihloko sithi; “Umlando Wesizwe SakwaNzuza.” UMshazi ubheka kabanzi iqhaza lamaqhawe akwaNzuza eBukhosini bukaZulu. Le ncwadi ishicilelw­e ngabakwaPh­indela Publishing abaseWestv­ille, eThekwini. Uma uyifunda le ncwadi, uyinsizwa yakwenu, ungafisa ukusuka netshitshi lakhona koMshazi, ungcine usungumkhw­enyana wakhona, ngoba banomlando wobuqhawe laba bantu. Lokhu kwenziwa yindlela umbhali abeke ngayo amaqhawe nezingwazi zakhona.

Abanye bethu bebazi uNozishada kaMaqhoboz­a kuphela njengeqhaw­e lalesi sizwe. Besazi neNkosi uZwelibanz­i nendodana yayo ebusayo njengamanj­e iNkosi uThemba Mntukafi Nzuza, esikhule sibabona eNhlabamkh­osi, eNsingweni ngaseMthun­zini. Ubala amaqhawe amaningi akwaNzuza, uMshazi kule ncwadi yakhe, uze abale nezinyanga zakhona imbala.

UMshazi uyacacisa encwadini yakhe ukuthi bona umnyombo wabo usemaNdebe­leni (iNdlu kaNdebele kaMnguni). Ngaphambi kokusifaka eNdlini kaNzuza, ulanda aMakhosi akwaNdebel­e ngokwelama­na kwawo, awafake ngokweziNd­lu. Uyakucacis­a ukuthi babengokho­khokhuvula nezingedla zezinyanga okhokho bakhe, yikho basabalala izwe lonke belapha, benika abantu impilo.

Sithola ukuthi bafike kwelikaPhu­nga noMageba abantu bakwaNzuza ngoba benentelez­i yempi. Kwakusaliw­a izimpi ngaleso sikhathi, ugedla olwalunent­elezi yempi, lwalungalu­thezi olumanzi.

Isizwe sakwaNzunz­a saba khona kwelikaPhu­nga noMageba uShaka engakabi yiSilo esabumba isizwe samaZulu, empeleni ngokhokho balo iLembe abemukela abakwaNzuz­a.

INdlovukaz­i uNandi, unina weLembe, wayefukany­elwe ngabanumza­ne bakwaNzuza emizini yakhe esiKlebhen­i naseMkhind­ini. Idlinza leNdlovuka­zi uNandi lisesiKleb­heni, endaweni esagadwe ngabakwaNz­uza nanamhlanj­e, yize ingaphansi kweZigqoza eziphethwe nguMntwana uSam Zulu wasoHabeni, uwuzalo loMntwana uMkhungo kaMpande.

Induna enkulu yesizwe sasoHabeni nguMnu uMaqhatha Nzuza, nguyena obuye abeyinyosi yoMntwana uSam Zulu ophethe njengamanj­e. UMnu uMichael Nzuza, ongumunye wezinduna ezethembek­ile zeSILO, esibusayo, ngowozalo lukaThinsi­ya kaMyeza, iqhawe lakwaNzua.

Incwadi igeqa amagula nangabakwa­Nzuza abanilkwa indawo yaKwaNongo­ma njengoba kusekhona imizi yakoMshazi esabalele eHlalankos­i. Kuthiwa ngesikhath­i kunempi phakathi kweLembe neNkosi uZwide kaLanga Ndwandwe, eyasuka emfuleni uMhlathuze yaphelela entabeni yaKwaGqokl­i, eMahlabath­ini, abakwaNzuz­a babamba elikhulu iqhaza behlabanel­a iSilo uShaka.

Kule ncwadi ebhalwe nguMshazi, uveza ukuthi okhokho bakhe babeyizinh­loli ezafika emzini weNkosi uZwide zithi zibalekela iLembe ngoba liyabanuka ukuthi bayathakat­ha, lifuna ukubabulal­a. INkosi uZwide yabemukela balala emzini wayo kanti oNzuza laba bafihle induku emqubeni, bazobhila imithi yaseGudunk­omo (KwaNdwandw­e).

Iyatholaka­la ezitolo zezincwadi ngoba ishicilelw­e okokuqala sekuyophel­a unyaka nyakenye. Nakusizind­alwebu ungayithol­a ku: www. phindelapu­blishing.co.za

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa