Incwadi kaMshazi igxile ebuqhaweni nasemlandweni wabakwaNzuza
Uma ufuna ukwazi umlando wanoma yisiphi isizwe, ungathungatha abantu bakhona abawulandelayo nabanentshisekelo yokuwuthola. Kukhona izingwevu nezinsasa zamaxhegu, nemixhiliba yezalukazi eziwaziyo umlando yemindeni yakubo, ngoba izinto eziningi eziwumlando zenzeke phambi kwamehlo abo.
UMnu uTusokwakhe Elphas Nzuza, odabuka esigodini sasoVondlo, oHabeni, eShowe, esifundeni iKing Cetshwayo, akakhulile kangako. Yize esethathe umhlalaphansi uMshazi eMnyangweni Wezobulungiswa Nokuhlunyeleliswa Kwezimilo, usithwale ngeqoma wasithi kahla esijwini somlando wesizwe sakwaNzuza.
Encwadini ayibhalile yashicilelwa, esihloko sithi; “Umlando Wesizwe SakwaNzuza.” UMshazi ubheka kabanzi iqhaza lamaqhawe akwaNzuza eBukhosini bukaZulu. Le ncwadi ishicilelwe ngabakwaPhindela Publishing abaseWestville, eThekwini. Uma uyifunda le ncwadi, uyinsizwa yakwenu, ungafisa ukusuka netshitshi lakhona koMshazi, ungcine usungumkhwenyana wakhona, ngoba banomlando wobuqhawe laba bantu. Lokhu kwenziwa yindlela umbhali abeke ngayo amaqhawe nezingwazi zakhona.
Abanye bethu bebazi uNozishada kaMaqhoboza kuphela njengeqhawe lalesi sizwe. Besazi neNkosi uZwelibanzi nendodana yayo ebusayo njengamanje iNkosi uThemba Mntukafi Nzuza, esikhule sibabona eNhlabamkhosi, eNsingweni ngaseMthunzini. Ubala amaqhawe amaningi akwaNzuza, uMshazi kule ncwadi yakhe, uze abale nezinyanga zakhona imbala.
UMshazi uyacacisa encwadini yakhe ukuthi bona umnyombo wabo usemaNdebeleni (iNdlu kaNdebele kaMnguni). Ngaphambi kokusifaka eNdlini kaNzuza, ulanda aMakhosi akwaNdebele ngokwelamana kwawo, awafake ngokweziNdlu. Uyakucacisa ukuthi babengokhokhokhuvula nezingedla zezinyanga okhokho bakhe, yikho basabalala izwe lonke belapha, benika abantu impilo.
Sithola ukuthi bafike kwelikaPhunga noMageba abantu bakwaNzuza ngoba benentelezi yempi. Kwakusaliwa izimpi ngaleso sikhathi, ugedla olwalunentelezi yempi, lwalungaluthezi olumanzi.
Isizwe sakwaNzunza saba khona kwelikaPhunga noMageba uShaka engakabi yiSilo esabumba isizwe samaZulu, empeleni ngokhokho balo iLembe abemukela abakwaNzuza.
INdlovukazi uNandi, unina weLembe, wayefukanyelwe ngabanumzane bakwaNzuza emizini yakhe esiKlebheni naseMkhindini. Idlinza leNdlovukazi uNandi lisesiKlebheni, endaweni esagadwe ngabakwaNzuza nanamhlanje, yize ingaphansi kweZigqoza eziphethwe nguMntwana uSam Zulu wasoHabeni, uwuzalo loMntwana uMkhungo kaMpande.
Induna enkulu yesizwe sasoHabeni nguMnu uMaqhatha Nzuza, nguyena obuye abeyinyosi yoMntwana uSam Zulu ophethe njengamanje. UMnu uMichael Nzuza, ongumunye wezinduna ezethembekile zeSILO, esibusayo, ngowozalo lukaThinsiya kaMyeza, iqhawe lakwaNzua.
Incwadi igeqa amagula nangabakwaNzuza abanilkwa indawo yaKwaNongoma njengoba kusekhona imizi yakoMshazi esabalele eHlalankosi. Kuthiwa ngesikhathi kunempi phakathi kweLembe neNkosi uZwide kaLanga Ndwandwe, eyasuka emfuleni uMhlathuze yaphelela entabeni yaKwaGqokli, eMahlabathini, abakwaNzuza babamba elikhulu iqhaza behlabanela iSilo uShaka.
Kule ncwadi ebhalwe nguMshazi, uveza ukuthi okhokho bakhe babeyizinhloli ezafika emzini weNkosi uZwide zithi zibalekela iLembe ngoba liyabanuka ukuthi bayathakatha, lifuna ukubabulala. INkosi uZwide yabemukela balala emzini wayo kanti oNzuza laba bafihle induku emqubeni, bazobhila imithi yaseGudunkomo (KwaNdwandwe).
Iyatholakala ezitolo zezincwadi ngoba ishicilelwe okokuqala sekuyophela unyaka nyakenye. Nakusizindalwebu ungayithola ku: www. phindelapublishing.co.za