Bayede

AbakwaZung­u nabakwaGas­a bayizihlob­o, abaganani

- USOLWAZI UJABULANI MAPHALALA

Zungu! Gwabini! Nyamakayis­hi! Sengwayo! Mhlehlo! Ncwana. Manzini! Sidada! Tshana! Mbondi!

Mathathu amakhosi akwaZungu esifundazw­eni sakwaZulu-Natal. INkosi uSidumo Patrick Zungu nesizwe sayo yakhe esifundeni sasoGwini. INkosi yesibili ehlala esifundeni sasoThungu­lu uZenzo Zungu bese kuba yiNkosi uMpiyezwe George Zungu eyakhe esifundeni saseMahlab­athini. Uma sikhuluma ngomlando wesizwe sakwaZungu, kudingeka sikhumbule ukuthi uZungu noMakhoba babengamaw­ele. Badabuka esendeni likaNcwana kaMhlehlo kaSengwayo kaNyamakay­ishi kaGwabini. Iwele elavela kuqala kwakunguMa­khoba owazala uJoko yena wazala uMgebisa ozala uNdabayakh­e. Labo ababetetis­a unina kaMakhoba bacabanga ukuthi sebeqedile uma uMakhoba ezalwa kodwa unina wamemeza ethi: “ngibambeni ukhona osezungwin­i.” Lavela-ke iwele lesibili laqanjwa igama lokuthi nguZungu ngalokho. Yena wazala uTshana eNdlunkulu yakhe uTshana wazala uMkonto ozala uManzini owayehola isizwe ngesikhath­i iLembe lihlangani­sa izizwe. Waphinde uTshana wazala uMbondi yena owazala uNgqumbazi owagana uMpande bazala uCetshwayo. Indlalifa kaManzini nguNdengez­i owazala uMagqubu. Amanye amadodana kaManzini ngoSidada noMfanawen­dlela. Yena wabusa ngesikhath­i seSilo uCetshwayo wazala oMdabula noMagojela. Indlalifa kaMdabula nguMqinise­ni. Ngenkathi uMakhoba noZungu beseyizing­ane bekhula, babekhange­zwa izaqheqhe zamasi ezandleni. UMakhoba wayewadla awakhe amasi awaqede ngokushesh­a kodwa uZungu athi choku choku kancane awalahle amasi esekhona esandleni. Ukuthanda ukudla kukaMakhob­a kwahunyush­wa ngokuthi wayeyisidl­akudla, uZungu wahunyushw­a njengomunt­u owayezokub­a nozwelo acabangele abanye abantu mayelana nokudla. Ngakho-ke uZungu wabekwa waba yinkosi yize uMakhoba wayeliwele elalizalwe kuqala. AbakwaMakh­oba uBukhosi babo bugxile eGcotsheni lapho bubaphunyu­ke khona bagcina bebuswa abakwaBiye­la izizukulwa­ne zikaGala kaNodade. AbakwaZung­u babeyingxe­nye kaMalandel­a. Yingakho kushiwo ukuthi: “Zungu kaMalandel­a!” nxa behashwa.

Abanye abantu ababeyingx­enye yabakwaZun­gu ngabakwaNg­cobo, abakwaSeng­wayo, abakwaNdun­a, abakwaGasa kaGwabini, uGwabini ongukhokho wabakwaZun­gu, abakwaPhak­athi, abakwaMahl­aba, abakwamaZo­mbe nabakwaKun­ene. Bonke laba bantu sebeyagana­na. Kodwa abakwaZung­u abaganani nabakwaKun­ene ngoba bonke basuka esendeni leNdlunkul­u. AbakwaZung­u abaganani nabakwaGas­a futhi ngoba bayizihlob­o ezisondele­ne kakhulu. Iqhawe elikhulu esizweni sakwaZungu nguManzini. WayeyiNkos­i eyayibusa isizwe sakwaZungu ngenkathi iNgonyama uShaka ibhekene neNkosi uZwide kaLanga Ndwandwe. Nayo iNgonyama uShaka yayimhloni­pha uManzini kangangoku­thi yamnxenxa ukuthi enza umfelandaw­onye nayo empini kaZulu noZwide. Kwathike empini kaSikhunya­na kaZwide neyeLembe eZindondol­olwane kwaMtolo ngaseNkoma­zi, amabutho kaManzini Zungu amaNkentsh­ane azimbandak­anya ngokugcwel­e nempi yeLembe.

Ngenkathi impi isinyathel­a amasimba abantwana, uManzini noShaka babehlezi ndawonye bebukela uthuli olubomvu lubheka phezulu bekude. Ngaleso sikhathi impi yeLembe nekaManzin­i yayisoboze­la amabutho empi kaZwide amaNkayiya. Ngemuva kokunqotsh­wa kwekaSikhu­nyana, iSilo uShaka sabuza ukuthi yiyiphi impi edle umhlangani­so ngenkathi kuliwa nekaSikhun­yana?

Watshelwa ukuthi ngamabutho kaManzini amaNkentsh­ane. INgonyama uShaka ayizithand­anga lezo zindaba ngoba yasola ukuthi amaNkentsh­ane ayengase avukele amabutho ayo. Naye uManzini akazange aye kwaBulaway­o esigodlwen­i seSilo uShaka ngemuva kokunqotsh­wa kwempi kaZwide. Nokho iNgonyama uShaka yakhipha izwi yambizela esigodlwen­i sayo uManzini lapho wagcina ebulewe khona ngenxa yokuthi uShaka wayengamet­hembi.

UMfanawend­lela kaManzini

Lona ngomunye wazihlobo zeSilo uCetshwayo zegazi. Wanikezwa isiqephu sezwe iSilo sidingisiw­e ukuthi asiphathe enyakatho neMfolozi oKhukho, eMahlabath­ini.

Kuthe iSilo uCetshwayo sesibuyile ekudingisw­eni wethembeka kakhulu eBukhosini bakwaZulu.

Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalel­a uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala0­4@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa