AbakwaZungu nabakwaGasa bayizihlobo, abaganani
Zungu! Gwabini! Nyamakayishi! Sengwayo! Mhlehlo! Ncwana. Manzini! Sidada! Tshana! Mbondi!
Mathathu amakhosi akwaZungu esifundazweni sakwaZulu-Natal. INkosi uSidumo Patrick Zungu nesizwe sayo yakhe esifundeni sasoGwini. INkosi yesibili ehlala esifundeni sasoThungulu uZenzo Zungu bese kuba yiNkosi uMpiyezwe George Zungu eyakhe esifundeni saseMahlabathini. Uma sikhuluma ngomlando wesizwe sakwaZungu, kudingeka sikhumbule ukuthi uZungu noMakhoba babengamawele. Badabuka esendeni likaNcwana kaMhlehlo kaSengwayo kaNyamakayishi kaGwabini. Iwele elavela kuqala kwakunguMakhoba owazala uJoko yena wazala uMgebisa ozala uNdabayakhe. Labo ababetetisa unina kaMakhoba bacabanga ukuthi sebeqedile uma uMakhoba ezalwa kodwa unina wamemeza ethi: “ngibambeni ukhona osezungwini.” Lavela-ke iwele lesibili laqanjwa igama lokuthi nguZungu ngalokho. Yena wazala uTshana eNdlunkulu yakhe uTshana wazala uMkonto ozala uManzini owayehola isizwe ngesikhathi iLembe lihlanganisa izizwe. Waphinde uTshana wazala uMbondi yena owazala uNgqumbazi owagana uMpande bazala uCetshwayo. Indlalifa kaManzini nguNdengezi owazala uMagqubu. Amanye amadodana kaManzini ngoSidada noMfanawendlela. Yena wabusa ngesikhathi seSilo uCetshwayo wazala oMdabula noMagojela. Indlalifa kaMdabula nguMqiniseni. Ngenkathi uMakhoba noZungu beseyizingane bekhula, babekhangezwa izaqheqhe zamasi ezandleni. UMakhoba wayewadla awakhe amasi awaqede ngokushesha kodwa uZungu athi choku choku kancane awalahle amasi esekhona esandleni. Ukuthanda ukudla kukaMakhoba kwahunyushwa ngokuthi wayeyisidlakudla, uZungu wahunyushwa njengomuntu owayezokuba nozwelo acabangele abanye abantu mayelana nokudla. Ngakho-ke uZungu wabekwa waba yinkosi yize uMakhoba wayeliwele elalizalwe kuqala. AbakwaMakhoba uBukhosi babo bugxile eGcotsheni lapho bubaphunyuke khona bagcina bebuswa abakwaBiyela izizukulwane zikaGala kaNodade. AbakwaZungu babeyingxenye kaMalandela. Yingakho kushiwo ukuthi: “Zungu kaMalandela!” nxa behashwa.
Abanye abantu ababeyingxenye yabakwaZungu ngabakwaNgcobo, abakwaSengwayo, abakwaNduna, abakwaGasa kaGwabini, uGwabini ongukhokho wabakwaZungu, abakwaPhakathi, abakwaMahlaba, abakwamaZombe nabakwaKunene. Bonke laba bantu sebeyaganana. Kodwa abakwaZungu abaganani nabakwaKunene ngoba bonke basuka esendeni leNdlunkulu. AbakwaZungu abaganani nabakwaGasa futhi ngoba bayizihlobo ezisondelene kakhulu. Iqhawe elikhulu esizweni sakwaZungu nguManzini. WayeyiNkosi eyayibusa isizwe sakwaZungu ngenkathi iNgonyama uShaka ibhekene neNkosi uZwide kaLanga Ndwandwe. Nayo iNgonyama uShaka yayimhlonipha uManzini kangangokuthi yamnxenxa ukuthi enza umfelandawonye nayo empini kaZulu noZwide. Kwathike empini kaSikhunyana kaZwide neyeLembe eZindondololwane kwaMtolo ngaseNkomazi, amabutho kaManzini Zungu amaNkentshane azimbandakanya ngokugcwele nempi yeLembe.
Ngenkathi impi isinyathela amasimba abantwana, uManzini noShaka babehlezi ndawonye bebukela uthuli olubomvu lubheka phezulu bekude. Ngaleso sikhathi impi yeLembe nekaManzini yayisobozela amabutho empi kaZwide amaNkayiya. Ngemuva kokunqotshwa kwekaSikhunyana, iSilo uShaka sabuza ukuthi yiyiphi impi edle umhlanganiso ngenkathi kuliwa nekaSikhunyana?
Watshelwa ukuthi ngamabutho kaManzini amaNkentshane. INgonyama uShaka ayizithandanga lezo zindaba ngoba yasola ukuthi amaNkentshane ayengase avukele amabutho ayo. Naye uManzini akazange aye kwaBulawayo esigodlweni seSilo uShaka ngemuva kokunqotshwa kwempi kaZwide. Nokho iNgonyama uShaka yakhipha izwi yambizela esigodlweni sayo uManzini lapho wagcina ebulewe khona ngenxa yokuthi uShaka wayengamethembi.
UMfanawendlela kaManzini
Lona ngomunye wazihlobo zeSilo uCetshwayo zegazi. Wanikezwa isiqephu sezwe iSilo sidingisiwe ukuthi asiphathe enyakatho neMfolozi oKhukho, eMahlabathini.
Kuthe iSilo uCetshwayo sesibuyile ekudingisweni wethembeka kakhulu eBukhosini bakwaZulu.
Lo mlando ucashunwe encwadini: Izizwe ZaMakhosi AkwaZulu, Umqulu 3. Uma ufisa ukuthola le ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi uMaphalala kule email: maphalala04@ gmail.com; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.