AbakwaNtshangase awubenelisi umlando ngendabuko yabo
Kwelakho lomhla zili-13 kuya zili-19 kuZibandlela 2019, kanye nelomhla zingama-20 kuya zingama-26 kuNdasa 2020 kuphume iziqephu zomlando ezishaqisayo ngabantu bakwaNtshangase. EsangoZibandlela wezi-2019 sibhalwe nguSolwazi uJabulani Maphalala ngokudabuka kwabakwaNtshangase, bese kuthi esangoNdasa wezi-2020 sibhalwe nguMntwana uZeblon Zulu ngoNdlunkulu uMaNtshangase athi wagana iSilo uNdaba. Nakuba sithokoza ukubona iphephandaba lakho likhombisa intshisekelo yokwazi ngemvelaphi yethu singabakwaNtshangase, osekuneminyaka bengaziwa lapho bedabuka khona, kepha kuyasidumaza ukufunda umlando ongamampunge futhi olahlekisa izizukulwane zethu ngalolu hlobo.
Ngaleso sizathu siwuBumbano LoMgazi siyacela kuwe ukuba ngokuzayo obhala ngomlando wethu enze ucwaningo noma axhumane nathi ukuze sigweme ukubhala umlando odukisayo. Siyacela futhi ukuba ushicilele lesi siqephu esilandelayo lapho silungisa khona lo mlando osikhalisayo. Kulesi siqephu somlando esibhalwe nguSolwazi uMaphalala sithola amaphutha amaningi asenza sidideke, singazi noma ukhuluma ngawo yini umlando wabantu baseMgazini njengoba sibazi. Ngezansi ngizobalula amaphuzu ayisikhombisa ukukhombisa ubuthaka balo mlando awubhalele isizwe futhi esisho ngawo ukuthi uyasidumaza kakhulu:
Umlando ngokudabuka kwabakwaNtshangase eGazini awuphelele kungashiwongo lutho ngekhohlo leNkosi uNdaba okunguXhoko nokuqanjwa kwesibongo sakwaBiyela kanye nomfowabo uNtshwankeni owaqamba isibongo sakwaNtshangase nokuthi uXhoko noNtshwankeni behlukanaphi. UXhoko yilona sokangqangi leNkosi uNdaba, wayelamana emhlane noNtshwankeni (Ntshangase) benabafowabo abaningi bonke bezalwa uNdaba kaMageba wakwaZulu lapho siphuma khona isibongo sakwaNtshangase.
Awuphelele uma singaveli isizathu esenza uXhoko noNtshwankeni bafulathele umuzi kayise waseGazini nanokuthi yini eyenza baphume ngokwehlukana eGazini, kuvele nokuthi kwazona izinsizwa zikaNdaba zaseGazini zehlukana phakathi ezinye zalandela uXhoko ezinye zahamba noNtshwankeni. Uma umlando ngendabuko yesibongo wehluleka ukuveza umnyombo wendabuko pho kungashiwo kanjani ukuthi kukhulunywa ngokudabuka kwesibongo?
Kumele kuvele ukuthi uZivalele, owaziwa ngelikaSithayi, wakhishwa eMqekwini ekhishwa iNdlovukazi uSithuli ukuba ayovusa umuzi waseGazini, ngakho-ke ngokokuzalwa ungowendlu yaseMqekwini kanye nalo lonke uzalo lwakhe. Leli phuzu yilona elicacisa isimo sanamuhla phakathi kwabantu baseMgazini abasungula umuzi waseGazini kanye nozalo lukaZivalele, okungabantwana baseMqekwini abavusa umuzi waseGazini futhi abangabomliba kaMbopha kaSithayi owaba nesandla esikhulu kukhothama iLembe. Lolu yilona zalo agxila kulo uSolwazi kepha yena ebe ethi ubhala ngokudabuka kwabakwaNtshangase. USolwazi wehluleke ukucacisa into thina esiyibona incane nje yokuthi umuzi waseGazini kukhona labo abawusungula (osekungoMgazi), bese kuba khona labo abawuvusa okungabantwana baseGazini (Zulu).
Awukho umlando wokudabuka kwabakwaNtshangase eGazini ongasho lutho ngomuzi wakwaNomponjwana owaba mkhulu kakhulu ekusimameni kwesibongo sakwaNtshangase kwaze kwagcina kuyingxenye yesithakazelo esithi ‘Mgaz’omponjwana’.
Kukhona izinyandezulu zesibongo sethu kanye namafelankosi okungasiphathi kahle uma kubhalwa ngomlando wethu kepha kungashiwo lutho ngabo. Lapha singabala uNtshwankeni, uNtopho (Sdinane), uSobethu, uSomlambo, uNcidi kanye namafelankosi esingabala uMdlaka owaba umdidiyeli wamabutho eLembe, uMasiphula uNdunankulu weSilo uMpande kanye namaqhawe amakhulu oMamba, oMangxanga, oSishaluza, oMantshonga, oMadwaba, oHlathi, oNtethi nabanye. Kanjalo futhi uzongivumela ukuthi ngokwesakhiwo soBukhosi banamuhla iNkosi yakwaNtshangase ayiyodwa. Kuyasimangaza-ke ukuba kubhalwe ngeyodwa kepha kungashiwo lutho ngalana amanye.
UNobetha noMkhanyile ngabantu ababili abehlukene. Lo mlando uveza sengathi lona umuntu oyedwa ozalwa nguZivalele. Lokhu kuliphutha.
Laba ngabaholi abaphila ngezikhathi ezifanayo, uMkhanyile wayehola umuzi waseGazini likaZivalele ngesikhathi uMbopha eyokhonza iSilo uShaka kanti uNobetha kwakuyisilomo sikaSidinane owayebizwa ngoyise wabafowabo futhi kunguyena owayebheka umuzi waseMgazini kwaNtshangase ngesikhathi abanewabo besemabuthweni belwa izimpi zeLembe. Yingakho abakwaNtshangase babekhuluma ngoMgazi wakithi kwaNobetha ukuze angadidaniswa noMkhanyile waseGazini.
Umlando wakwaNtshangase awuphelele kungashiwongo lutho ngebutho likaHlomendlini elabhubhisa onke amadoda nezinsizwa zaseMgazini ezazinezikhundla embusweni weLembe ngoba zaphumela obala zenqaba ukubuswa iSilo uDingane. UMdlaka noMamba ngabanye balawo madoda aqothulwa ibutho likaHlomendlini. Imizamo yokubhuqabhuqwa kwabantu bakwaNtshangase ibuye yesekwe umlando wempi yaseNcome eyaphakwa ngendlela yokuthi onke amakhanda emizi yakwaNtshangase ayephunyule ebuthweni likaHlomendlini afele kuleyo mpi. Yingakho sithi umlando ngendabuko yethu awuphelele zingathintwanga lezo zigameko esizibalulayo njengesibongo sakwaNtshangase.
Uma sedlulela kulesi siqephu sesibili somhla zingama-20 kuya zingama-26 kuMbasa 2020, esibhalwe uMntwana uZeblon Zulu, simane sibambe ongezansi. Siyazibuza ukuthi uMntwana uwuthathaphi umlando othi iNkosi uNdaba, engukhokho wethu ngqo, yake yaganwa kwaNtshangase? Simangazwa nawukuthi uNtshangase owayevelephi yena lowo ngoba isibongo sakwaNtshangase sidabuke sekuneminyaka iNkosi uNdaba yakhothama. Uma uMntwana ewazi kahle umlando uzokuqonda ukuthi isibongo sakwaNtshangase sivele ngomtwana kaNdaba uNtshwankeni sekubusa umzukulu kaNdaba iSilo uSenzangakhona. Kafushane nje, sithi uMtwana akasho khona uma ethi omunye woNdlunkulu beNkosi uNdaba kwakunguMaNtshangase. Yiphutha elibi kabi leli futhi lisishiya sikhungathekile singabakwaNtshangase. Iyini inhloso yoMntwana ukuba azi kahle ukuthi iSilo uNdaba sizala abantu baseMgazini kepha kube uye ophambanisa umlando abhale indaba engekho mpelampela? Kwakhona ukuthi uMntwana uMnomo wayeyinkosana yaseGazini kuyasidida.
Thina asikungabazi ukuthi uXhoko uyena owayeyinkosana yekhohlo likaNdaba eGazini, bese kuthi inkosana kaNdaba eNdlunkulu eMqekwini kube uMntwana uJama. uMnomo wayengomunye wabantwana baseGazini futhi ngokwazi kwethu kwathi uma kufika inhlaba zahlukane yena waphuma nomfowabo uNtshwankeni. Kuningi nokho okwenzeka emva kokuhlukana komuzi waseGazini esingafisa ukumchathazela simfundise khona uMntwana uma enaso isifiso sokwazi ngomlando wakwaNtshangase.
Esikuphikayo kulesi siqephu sakhe izinto ezimbili. Okokuqala ukuthi uMntwana uMnomo akazange abe inkosana yasekhohlo eGazini, okwesibili ukuthi iSilo uNdaba asikaze siganwe uMaNtshangase ngoba sakhothama singakabi bikho lesi sibongo. La maphuzu angenhla ayiqiniso. Ngiyethemba ukuthi ayisizathu esanele ukubonisa ukuba kungani sithi umlando obhalwe yilaba osomlando abahloniphekile uyasilimaza kakhulu. Siyaqonda ukuthi kube isikhathi eside umlando wethu ungavezwa kahle, kepha siyafisa ukuba iphephandaba lakho lisisize sibuyelwe isithunzi sethu, ume umkhuba wokuba kube khona osomlando abaphambanisa umlando wethu kungabi ndaba zalutho. Kusiphatha kabi lokhu singabakwaNtshangase ngoba sigcina singakwazi ukwehlukanisa phakathi kwalabo abenza iphutha kanye nalabo abanenhloso yokusicekela phansi.
Isicelo sethu sinyem, ngesokuba ngokuzayo singashiywa ngaphandle uma kubhalwa ngomlando wethu ikakhulukazi ngoba sinenkolelo enkulu yokuthi iminyaka ngeminyaka emva kokukhothama kweLembe kube nokukhulu ukwenzelela nokudicilelwa phansi komlando wesibongo sakwaNtshangase ngenxa yokuthi abaholi balesi sibongo baphumela obala beseka iLembe abanye besho obala ukuthi bakhetha ukufa kunokubuswa ngenye iNkosi. Siyethemba ukuthi lesi sicelo asizukudala ukuba iphephandaba lakho lexwaye abantu bakwaNtshangase lingabe lisaphinda libhale ngomlando wabo. Sikuthokozela kakhulu ukufunda ngomlando wethu kepha lokho kungesenze sithule nakuba sizwa ukuthi lo mlando esiwufundayo uyiphutha elibi futhi uyasilulaza. Sinalo uhlaka olucwaninga ngomlando wakwaNtshangase ngaphansi kwesakhiwo soBumbano LoMgazi ngakho kuyosiza ukuba labo abafisa ukubhala ngomlando walesi sibongo baxhumane nalesi sakhiwo. Ozithobayo.
UDkt uMbukeni Ntshangase uSihlalo woBumbano LoMgazi