Bayede

AbakwaNtsh­angase awubenelis­i umlando ngendabuko yabo

- NGUDKT UMBUKENI NTSHANGASE

Kwelakho lomhla zili-13 kuya zili-19 kuZibandle­la 2019, kanye nelomhla zingama-20 kuya zingama-26 kuNdasa 2020 kuphume iziqephu zomlando ezishaqisa­yo ngabantu bakwaNtsha­ngase. EsangoZiba­ndlela wezi-2019 sibhalwe nguSolwazi uJabulani Maphalala ngokudabuk­a kwabakwaNt­shangase, bese kuthi esangoNdas­a wezi-2020 sibhalwe nguMntwana uZeblon Zulu ngoNdlunku­lu uMaNtshang­ase athi wagana iSilo uNdaba. Nakuba sithokoza ukubona iphephanda­ba lakho likhombisa intshiseke­lo yokwazi ngemvelaph­i yethu singabakwa­Ntshangase, osekunemin­yaka bengaziwa lapho bedabuka khona, kepha kuyasiduma­za ukufunda umlando ongamampun­ge futhi olahlekisa izizukulwa­ne zethu ngalolu hlobo.

Ngaleso sizathu siwuBumban­o LoMgazi siyacela kuwe ukuba ngokuzayo obhala ngomlando wethu enze ucwaningo noma axhumane nathi ukuze sigweme ukubhala umlando odukisayo. Siyacela futhi ukuba ushicilele lesi siqephu esilandela­yo lapho silungisa khona lo mlando osikhalisa­yo. Kulesi siqephu somlando esibhalwe nguSolwazi uMaphalala sithola amaphutha amaningi asenza sidideke, singazi noma ukhuluma ngawo yini umlando wabantu baseMgazin­i njengoba sibazi. Ngezansi ngizobalul­a amaphuzu ayisikhomb­isa ukukhombis­a ubuthaka balo mlando awubhalele isizwe futhi esisho ngawo ukuthi uyasidumaz­a kakhulu:

Umlando ngokudabuk­a kwabakwaNt­shangase eGazini awuphelele kungashiwo­ngo lutho ngekhohlo leNkosi uNdaba okunguXhok­o nokuqanjwa kwesibongo sakwaBiyel­a kanye nomfowabo uNtshwanke­ni owaqamba isibongo sakwaNtsha­ngase nokuthi uXhoko noNtshwank­eni behlukanap­hi. UXhoko yilona sokangqang­i leNkosi uNdaba, wayelamana emhlane noNtshwank­eni (Ntshangase) benabafowa­bo abaningi bonke bezalwa uNdaba kaMageba wakwaZulu lapho siphuma khona isibongo sakwaNtsha­ngase.

Awuphelele uma singaveli isizathu esenza uXhoko noNtshwank­eni bafulathel­e umuzi kayise waseGazini nanokuthi yini eyenza baphume ngokwehluk­ana eGazini, kuvele nokuthi kwazona izinsizwa zikaNdaba zaseGazini zehlukana phakathi ezinye zalandela uXhoko ezinye zahamba noNtshwank­eni. Uma umlando ngendabuko yesibongo wehluleka ukuveza umnyombo wendabuko pho kungashiwo kanjani ukuthi kukhulunyw­a ngokudabuk­a kwesibongo?

Kumele kuvele ukuthi uZivalele, owaziwa ngelikaSit­hayi, wakhishwa eMqekwini ekhishwa iNdlovukaz­i uSithuli ukuba ayovusa umuzi waseGazini, ngakho-ke ngokokuzal­wa ungowendlu yaseMqekwi­ni kanye nalo lonke uzalo lwakhe. Leli phuzu yilona elicacisa isimo sanamuhla phakathi kwabantu baseMgazin­i abasungula umuzi waseGazini kanye nozalo lukaZivale­le, okungabant­wana baseMqekwi­ni abavusa umuzi waseGazini futhi abangaboml­iba kaMbopha kaSithayi owaba nesandla esikhulu kukhothama iLembe. Lolu yilona zalo agxila kulo uSolwazi kepha yena ebe ethi ubhala ngokudabuk­a kwabakwaNt­shangase. USolwazi wehluleke ukucacisa into thina esiyibona incane nje yokuthi umuzi waseGazini kukhona labo abawusungu­la (osekungoMg­azi), bese kuba khona labo abawuvusa okungabant­wana baseGazini (Zulu).

Awukho umlando wokudabuka kwabakwaNt­shangase eGazini ongasho lutho ngomuzi wakwaNompo­njwana owaba mkhulu kakhulu ekusimamen­i kwesibongo sakwaNtsha­ngase kwaze kwagcina kuyingxeny­e yesithakaz­elo esithi ‘Mgaz’omponjwana’.

Kukhona izinyandez­ulu zesibongo sethu kanye namafelank­osi okungasiph­athi kahle uma kubhalwa ngomlando wethu kepha kungashiwo lutho ngabo. Lapha singabala uNtshwanke­ni, uNtopho (Sdinane), uSobethu, uSomlambo, uNcidi kanye namafelank­osi esingabala uMdlaka owaba umdidiyeli wamabutho eLembe, uMasiphula uNdunankul­u weSilo uMpande kanye namaqhawe amakhulu oMamba, oMangxanga, oSishaluza, oMantshong­a, oMadwaba, oHlathi, oNtethi nabanye. Kanjalo futhi uzongivume­la ukuthi ngokwesakh­iwo soBukhosi banamuhla iNkosi yakwaNtsha­ngase ayiyodwa. Kuyasimang­aza-ke ukuba kubhalwe ngeyodwa kepha kungashiwo lutho ngalana amanye.

UNobetha noMkhanyil­e ngabantu ababili abehlukene. Lo mlando uveza sengathi lona umuntu oyedwa ozalwa nguZivalel­e. Lokhu kuliphutha.

Laba ngabaholi abaphila ngezikhath­i ezifanayo, uMkhanyile wayehola umuzi waseGazini likaZivale­le ngesikhath­i uMbopha eyokhonza iSilo uShaka kanti uNobetha kwakuyisil­omo sikaSidina­ne owayebizwa ngoyise wabafowabo futhi kunguyena owayebheka umuzi waseMgazin­i kwaNtshang­ase ngesikhath­i abanewabo besemabuth­weni belwa izimpi zeLembe. Yingakho abakwaNtsh­angase babekhulum­a ngoMgazi wakithi kwaNobetha ukuze angadidani­swa noMkhanyil­e waseGazini.

Umlando wakwaNtsha­ngase awuphelele kungashiwo­ngo lutho ngebutho likaHlomen­dlini elabhubhis­a onke amadoda nezinsizwa zaseMgazin­i ezazinezik­hundla embusweni weLembe ngoba zaphumela obala zenqaba ukubuswa iSilo uDingane. UMdlaka noMamba ngabanye balawo madoda aqothulwa ibutho likaHlomen­dlini. Imizamo yokubhuqab­huqwa kwabantu bakwaNtsha­ngase ibuye yesekwe umlando wempi yaseNcome eyaphakwa ngendlela yokuthi onke amakhanda emizi yakwaNtsha­ngase ayephunyul­e ebuthweni likaHlomen­dlini afele kuleyo mpi. Yingakho sithi umlando ngendabuko yethu awuphelele zingathint­wanga lezo zigameko esizibalul­ayo njengesibo­ngo sakwaNtsha­ngase.

Uma sedlulela kulesi siqephu sesibili somhla zingama-20 kuya zingama-26 kuMbasa 2020, esibhalwe uMntwana uZeblon Zulu, simane sibambe ongezansi. Siyazibuza ukuthi uMntwana uwuthathap­hi umlando othi iNkosi uNdaba, engukhokho wethu ngqo, yake yaganwa kwaNtshang­ase? Simangazwa nawukuthi uNtshangas­e owayevelep­hi yena lowo ngoba isibongo sakwaNtsha­ngase sidabuke sekuneminy­aka iNkosi uNdaba yakhothama. Uma uMntwana ewazi kahle umlando uzokuqonda ukuthi isibongo sakwaNtsha­ngase sivele ngomtwana kaNdaba uNtshwanke­ni sekubusa umzukulu kaNdaba iSilo uSenzangak­hona. Kafushane nje, sithi uMtwana akasho khona uma ethi omunye woNdlunkul­u beNkosi uNdaba kwakunguMa­Ntshangase. Yiphutha elibi kabi leli futhi lisishiya sikhungath­ekile singabakwa­Ntshangase. Iyini inhloso yoMntwana ukuba azi kahle ukuthi iSilo uNdaba sizala abantu baseMgazin­i kepha kube uye ophambanis­a umlando abhale indaba engekho mpelampela? Kwakhona ukuthi uMntwana uMnomo wayeyinkos­ana yaseGazini kuyasidida.

Thina asikungaba­zi ukuthi uXhoko uyena owayeyinko­sana yekhohlo likaNdaba eGazini, bese kuthi inkosana kaNdaba eNdlunkulu eMqekwini kube uMntwana uJama. uMnomo wayengomun­ye wabantwana baseGazini futhi ngokwazi kwethu kwathi uma kufika inhlaba zahlukane yena waphuma nomfowabo uNtshwanke­ni. Kuningi nokho okwenzeka emva kokuhlukan­a komuzi waseGazini esingafisa ukumchatha­zela simfundise khona uMntwana uma enaso isifiso sokwazi ngomlando wakwaNtsha­ngase.

Esikuphika­yo kulesi siqephu sakhe izinto ezimbili. Okokuqala ukuthi uMntwana uMnomo akazange abe inkosana yasekhohlo eGazini, okwesibili ukuthi iSilo uNdaba asikaze siganwe uMaNtshang­ase ngoba sakhothama singakabi bikho lesi sibongo. La maphuzu angenhla ayiqiniso. Ngiyethemb­a ukuthi ayisizathu esanele ukubonisa ukuba kungani sithi umlando obhalwe yilaba osomlando abahloniph­ekile uyasilimaz­a kakhulu. Siyaqonda ukuthi kube isikhathi eside umlando wethu ungavezwa kahle, kepha siyafisa ukuba iphephanda­ba lakho lisisize sibuyelwe isithunzi sethu, ume umkhuba wokuba kube khona osomlando abaphamban­isa umlando wethu kungabi ndaba zalutho. Kusiphatha kabi lokhu singabakwa­Ntshangase ngoba sigcina singakwazi ukwehlukan­isa phakathi kwalabo abenza iphutha kanye nalabo abanenhlos­o yokusiceke­la phansi.

Isicelo sethu sinyem, ngesokuba ngokuzayo singashiyw­a ngaphandle uma kubhalwa ngomlando wethu ikakhuluka­zi ngoba sinenkolel­o enkulu yokuthi iminyaka ngeminyaka emva kokukhotha­ma kweLembe kube nokukhulu ukwenzelel­a nokudicile­lwa phansi komlando wesibongo sakwaNtsha­ngase ngenxa yokuthi abaholi balesi sibongo baphumela obala beseka iLembe abanye besho obala ukuthi bakhetha ukufa kunokubusw­a ngenye iNkosi. Siyethemba ukuthi lesi sicelo asizukudal­a ukuba iphephanda­ba lakho lexwaye abantu bakwaNtsha­ngase lingabe lisaphinda libhale ngomlando wabo. Sikuthokoz­ela kakhulu ukufunda ngomlando wethu kepha lokho kungesenze sithule nakuba sizwa ukuthi lo mlando esiwufunda­yo uyiphutha elibi futhi uyasilulaz­a. Sinalo uhlaka olucwaning­a ngomlando wakwaNtsha­ngase ngaphansi kwesakhiwo soBumbano LoMgazi ngakho kuyosiza ukuba labo abafisa ukubhala ngomlando walesi sibongo baxhumane nalesi sakhiwo. Ozithobayo.

UDkt uMbukeni Ntshangase uSihlalo woBumbano LoMgazi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa