Isifo ukhuvethe sikhahlele imicimbi yomkhalambazo
Ukubhebhetheka koKhuvethe (Covid-19) kubhuntshise izinhlelo zomcimbi wokulungiselela i-50th Ma’s Oyama Memorial Cup ebihlelelwe uMandulo nonyaka.
UShihan Sihle Nojiyeza, umqeqeshi wekarati, ubemenywe ukuba yingxenye yokulungiselela lo mqhudelwano njengoba emele i-Afrika ngaphansi kwenhlangano i-International Karate Organisation (IKO) Kyokushinkaikan eholwa uKuristina Oyama oyindodakazi yomsunguli walesi sitayela, uMa’s Oyama.
UNojiyeza ubezochitha izinsuku ezili-14 eJapan kungqunyuzwa ngezinto ezithinta amalungiselelo alo mqhudelwano.
“Bekumele engabe ngalifulathela elakuleli ngenyanga edlule njengoba amalungiselelo abezoqala mhla zingama-20 kodwa ngenxa yalolu bhubhabe kwamiswa okunye, okunye kwahlakazwa. Imvamisa uma kulungiselelwa umqhudelwano wamazwe ngamazwe kuke kwenziwe ngoNdasa njengoba kusuke kukhishwa izimemo,” kusho lo Shihan oneminyaka engaphezulu kwengama-30 eyibambile kukarati.
Uthe namanje uhlalele ovalweni lokuthi olunye uhambo lwaseRomania ngezikhathi zamaholidi ezikole ngoNhlangulana nalo lungabhuntshi.
“Ngimenywe ukuhambela ikhempu ye-IKO nalapho kwenziwa khona amagrade. Esinye isimemo engihleli naso esokubuyela eJapan ngoMandulo emqhudelwaneni i-International
Karate. Nakhona belu konke kuzoncika ekutheni lesi sifo sisekhona yini. Kule micimbi nemiqhudelwano ngisuke ngimenyelwe imisebenzi eminingi okukhona kuyo eyokuba ijaji nokuthi ngiphasise amakarateka okumele anyukele kwamanye amabhande,” kuchaza uShihan.
Lesi sifo kungenzeka sibhuntshise ne-6th I.K.O MATSUSHIMA Kyokushin Karate World Cup Bali ezokuba seIndonesia e-International Convention Centre ngoMandulo.
Ukuya eJapan sekufana nokuya esitolo uyothenga isinkwa kulo mlisa waseSikebheni eMzinyathi, eNanda, osebenza eMnyangeni Wezemfundo KwaZulu-Natal.
Inhlokodolobha yaseJapan nekomkhulu le-IKO Kyokushinkaikan eHonbu sekufana nekhaya lesibili kuNojiyeza njengoba evamise ukubonakala khona.
Esafundisa eVukuzakhe High eMlazi uNojiyeza, ubewa evuka nomdlalo wekarati kanti unezitshudeni ezigcwele iKwaZulu-Natal eziphuma esandleni sakhe.
Njengamanje usenguMengameli nomsunguli weShomen Karate Academy engaphansi kwe-IKOK Mas Oyama yaseJapan.
Unamadojo ali-18 athe chithi saka ezweni, mabili aseLesotho, amabili atholakala eSwatini naseMalawi kanti eMozambique, eZimbabwe naseZambia likhona idojo ngalinye.
Amagalelo akhe amwelise ngelibanzi njengoba esenguSihlalo wamazwe aseAfrika kanti ugabe ngebhande elibizwa ngokuthi yi-6th Dan Black Belt. Usanda kuphothula izifundo zeTheology. Ngokusho kwakhe, ukuhlanganisa izifundo zeBhayibheli kucishe kuhambisane nekarati edume ngokuba nenhlonipho.
“Abantu abaningi abaqondi ukuthi ukarati ugxile emfundisweni yoxolo nokuziphatha kahle. Alikho ikarateka ozwa kuthiwa liwumdlwembe lihambe lishaya abantu. Ngezikhathi zethu sikhula singena kulo mdlalo wasisiza ekulandeleni imiyalelo yabazali nothisha yokuhlonipha. Isifiso sami ukuthi sengathi zingabuya emasisweni ukuze kuzanywe kuhlengwe intsha yethu esivamise ukuphuma endleleni,” kusho uNojiyeza.