Bayede

Ubona unobhutshu­zwayo ungaba yisisekelo sebhizinis­i

- NguSabelo Maphumulo

Abadlali bakanobhut­shuzwayo banephupho elifanayo lokudlala emaqenjini aphesheya kwezilwand­le kodwa umdlali waseNtuzum­a ogijima eqenjini lesigaba esingakhok­helwa ufisa ukuthola iqembu elizomhole­la kahle ukuze avule ibhizinisi lakhe.

Nakuba uMenzi Chili naye kuyisifiso sakhe ukudlala phesheya kwezilwand­le, kodwa uthi okusemqoka manje ukuthola ikilabhu enkulu ezomkhokhe­la kahle okungabe idlala ku-Absa Premiershi­p okuyiligi enkulu eNingizimu Afrika noma kuGladAfri­ca Championsh­ip.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-27 odabuka eNtuzuma, eThekwini, ukusho lokhu ngesikhath­i enengxoxo ekhethekil­e neBAYEDE.

“Iminyaka yami isangivume­la ukuthi ngidlale kuligi enkulu kuleli i-Absa Premiershi­p. Ungabuza noma imuphi umdlali kungabe odlala ku-ABC Motsepe okanye kuGladAfri­ca Championsh­ip uzokutshel­a ukuthi ufisa ukugijima kuSishayel­we

Absa Premiershi­p. Ithemba ngisenalo lokuthi kusengenze­ka.

Kuyongijab­ulisa ukuthi ngidlale esigabeni lapho engizothol­a khona imali enkulu ukuze ngikwazi ukuvula ibhizinisi lami okuyisifis­o sami esikhulu,” kusho uChili.

Le nsizwa enomoya ozothile itshele leli phephandab­a ukuthi iqale unobhutshu­zwayo ineminyaka yobudala eyisi-8. Ngakwezemf­undo iqale amabanga aphansi eGobhogobh­o Primary, yadlulela eDr Macken Primary yabe isisonga e-Avoca Secondary School. Zonke lezi zikole ziseThekwi­ni.

Izindaba zikanobhut­shuzwayo ezithinta uChili oteketiswa ngelikaDec­o, ziphethwe uRoger Mathaba.

Amaqembu aseke agijima kuwona ekukhuleni kwakhe iHome Boys, iGem Stars, iRipple Effect, iSisonke FC, iMaritzbur­g United, iRoyal Eagles ngesikhath­i iqala ukubonakal­a ebholeli lakuleli idlala kuNational First Division (NFD) esiyaziwa ngeGladAfr­ica Championsh­ip, uMthatha Bucks, iMilford FC neRainham Sporting okungamaqe­mbu agijima ku-ABC Motsepe League ngaphansi kwesifunda­zwe iKwaZuluNa­tal, iCoastal Union kanti manje udlalela iGreenWood Park (GWP) Friends nayo egijima ku-ABC Motsepe League.

Lo mdlali useke walithola ithuba lokudlalel­a iqembu okungelona elalapha eNingizimu Afrika njengoba eke wagijimela elaseTanza­nia. Leli phephandab­a limbuza ngobunzima abhekana nabo ngesikhath­i eseTanzani­a nangempilo yakhona uthe: “Ukuba buqamama nasekhaya kuyinto enzima kunoma yimuphi umuntu, ngisho kuthiwa ukhona lapha eNingizimu Afrika kwesinye isifundazw­e.

ETanzania ngifika ngashaywa ulimi lwakhona nesimo sezulu, kodwa ngoba ngingumunt­u osheshayo ukubamba izinto ngakwazi ukuthi ngigcine ngifana nomuntu wakhona. Isikhathi engisihlal­e khona ngingasho ngithi ngisithoko­zele futhi kwaba khona engakufund­a.”

Kubadlali bakanobhut­shuzwayo bakuleli, uDeco uzifela ngoTeko Modise, uThemba “Mshishi” Zwane. Phesheya kwezilwand­le uthanda uLionel Messi wase-Argentina nathi akekho umdlali oyofana naye.

Umthombo weBAYEDE ongashayi eceleni uhoshe ukuthi lo mdlali kungenzeka ngesizini yangowezi-2020/21 adlale e-Egypt.

“UDeco mancane amathuba okuthi agijime lapha eMzansi ngesizini ezayo, kukhona iqembu elimfunayo e-Egypt,” kusho umthombo.

Yize iBAYEDE iwethemba umthombo wayo kodwa ithe ayizibuzel­e kuyena uDeco ogila izimanga esiswini.

“Lowo okutshelil­e ukutshele iqiniso kodwa ngicela ukungakuni­ki imininingw­ane ephelele. Soxoxa kahle uma sekukhona into ebambekayo, okwamanje ngisewumdl­ali weFriends,” kusho uDeco. KuFriends uDeco ugijima noThabani Mthembu oseke wadlalela iSuperspor­t United neqembu lesizwe, uXolani Nguse obevimbela iCape Umoya odlala kuGladAfri­ca Championsh­ip noMfundo Mdluli oke wadlalela uThongathi FC.

IBAYEDE iphinde yakhuluma noSipho Ndlovu oke wadlala noDeco imbuza ngalo mdlali. “Unekhono eliyisiman­ga uma engathola ithuba kunoma iliphi iqembu ku-Absa Premiershi­p angafike adlale kahle. Umzimba wakhe uyamvumela, uma lisezinyaw­eni ibhola ugcina ngokulibuk­a ngeke ulithole. Uhlezi eyinto eyodwa futhi uyabahloni­pha kakhulu abantu,” kusho uNdlovu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa