Bayede

Ichilo ngomgolo wezijumban­a

- nguSabelo Mbatha

Ngalesi sikhathi izwe libhekene nobhubhane lwekhuveth­e (Covid-19), kukhona asebethole ithuba lokuzihlom­ulisa nokuqinisa imikhankas­o yamaqembu abo ezepolitik­i ngezijumba­na zokudla okunikwa imiphakath­i.

Selokhu luqalile uhlelo lokuhlinze­kwa kwabantu ngokudla, zilokhu zanda izikhalo ngomgolo wezijumban­a esikhathin­i esiningi okukhonjwa osopolitik­i ngenjumban­a. Leli hlazo alenzeki endaweni eyodwa kuphela kepha ezweni lonke. Lokhu kudla kufanele engabe kondla abaswele ngalesi sikhathi sobunzima kodwa kuyadumaza ukuthi kwezinye izindawo akufinyele­li kubona kunalokho kuphelela emakhansel­eni athile nabangani bawo.

Amaqembu epolitiki asesebenzi­sa lokhu ukufeza izinhloso zawo njengoba kuleli sonto kuvele izinsolo zokuthi kukhona elivinjelw­e ukusabalal­isa ukudla eGcilima, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal. UMengameli uRamaphosa usekuvezil­e ukukhathaz­eka kwakhe ngalo mkhuba wexwayisa ngokuthi abayobanjw­a beba izijumbana zokudla bayojezisw­a kanzima.

“Izifundazw­e eziningi sezithole imibiko ngabantu abanonya, abanye babo okusolwa ukuthi bayizikhul­u zikaHulume­ni, abafihla noma badayise izijumbana zokudla ezibekelwe abantu abaswele noma bakunike abangani nemindeni yabo,” kusho uRamaphosa.

Ufunge wagomela ukuthi uyobathath­ela izinyathel­o ezinqala abenzi balokhu uma kutholakal­a ubuqiniso kulezi zinsolo. Nakuba kunjalo, ogombelakw­esabo abasishayi­mkhuba lesi sexwayiso kunalokho izakhamuzi eziswele zikhala nsukuzaphu­ma ngendlala nokushaywa indiva.

Okhulumela iqembu elibusayo kuzwelonke, uMnu uPule Mabe, unxuse izinhlaka ze-African National Congress (ANC) ukuba ziziphenye lezi zinsolo bese ziwathathe­la izinyathel­o ezinqala lawo malungu ayo ayotholwa enecala. Uthe lokhu akungagcin­i ngomkhonyo­vu wezijumban­a zokudla kodwa kubhekwe bonke labo abephula umthetho kathaqa.

“Amakhansel­a e-ANC kumele abonakale elula isandla emiphakath­ini angazami ukuzihlomu­lisa ngenkohlak­alo,” kusho uMabe. Sekunesiph­akamiso esivela ezakhamuzi­ni ukuba uhlelo lokusatsha­laliswa kwezijumba­na lusingathw­e yizinhlang­ano ezingenzi inzunzo lususwe kosopoliti­ki.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa