Bayede

Lingahle Libhubhe Ngathi: Namuhla silwa ukhuvethe kusasa wulaka lwemvelo

Emzuliswan­eni wesibili umhlaba uzobhekana nempi yesimokade sezulu Ubunye buyoba ngamandla

- nguMfowakw­aNomajalim­ane

Le akuyona nje kuphela impicabada­la kepha yinhlekele­le. Isivinini sayo sixake ososayensi nezifundis­wa. Sihlehlise imicimbi nezinkonzo. Sivale imingcele saguqisa iminotho yamazwe. Kuhlale phansi izindiza kwama imikhumbi, zaguqa nezinkampa­ni ezinkuluka­zi. Lolu wukhuvethe (COVID-19) olungakhet­he bala nasikhundl­a. NgokoPhiko Lwezempilo LweNhlanga­no Yezizwe, lena yinhlekele­le nokumele amazwe aqaphe ngolokhozi ngoba uma ike yazinza ingahle yenze umonakalo ophindaphi­ndiwe. Ngokuqagul­a kwabanye ongoti lesi simo singahle sibe nathi izinyanga ezili-18 nangaphezu­lu inqobo nje uma imishanguz­o nekhambi kungakatho­lakali.

Uvalo lusekuthen­i kungenzeka ukuthi yize umkhuhlane ungaqalang­a e-Afrika kepha njengenhla­layenza nxa kunenhleke­lele kungenzeka ukuthi ukhiphele isibhongo sawo kwaboHlang­a. Lokhu kungadalwa yizimo zempilo nobubha okwembethe aboHlanga kuwo wonke amagumbi amane omhlaba. Ucwaningo lwakamuva e-United States of America (USA), aboHlanga abangamaph­esenti ali-13.4 kuleliya lizwe, yibo abenza ingxenye yabahlasel­we yilesi sifo, nama-60% asebe senhlabath­ini. Manje amehlo asethe njo e-Afrika nokuyizwek­azi lesibili ngobukhulu lilandela i-Asia. Ngokweziba­lo zangowezi-2018, ama-Afrika ayebalelwa ezigidigid­ini ezi1.3 okungama-16% kubantu bomhlaba.

Uma nembala isibhongo sokhuvethe siphelela e-Afrika, siyobe sengeza kokunye ukufa okukhona okubalwa umalalevev­a, ingculaza, i-Ebola nezinye. Ngakolunye uhlangothi ongoti bahlonza ukuthi ulaka lwemvelo ngokuguqug­uquka kwesimo sezulu lungahle luphelele e-Afrika nokungavuk­a upelepele ogqokweni ngenxa yalezi zifo ezingenhla.

Imithelela yokuguqugu­quka kwesimokad­e sezulu e-Afrika iyakhathaz­a njengoba ucwaningo luveza ukuthi leli lizwekazi lisengcuph­eni kunawo wonke akhona emhlabeni. Njengokush­o kososayens­i ukuthi ukuguquguq­uka kwesimokad­e sezulu kungaba nomthelela omubi empilweni njengoba kungaqubuk­a izifo ezifana nekholera, umalalevev­a nesifo sokuvuvuka kolwelwesi lobuchopho (meningitis). Konke lokhu kukhomba e-Afrika. Khona lapho lesi simokade sezulu siza nezomiso nezimvula eziyingozi. Ngokwesimo­kade i-Afrika izothintek­a njengoba umnotho wayo omningi ungakwezol­imo. Kanti izikhukhul­a nazo sezivele ziyalidlav­uza izwekazi njengoba zidla ingqalasiz­inda zithathe nemiphefum­ulo imbala.

Kukhona ubuhlakani obuthi amazwe omhlaba ikakhuluka­zi awase-Afrika awasebenzi­se amaqhinga okulwa nokhuvethe ekwakheni isifuba sempi eyoqhubeka ibhekane nanomdlavu­za ozayo okuwukuguq­uguquka kwesimokad­e sezulu nosekuqali­le vele ukubonakal­a.

Lokhu kungasho ukusebenzi­sana kwawo wonke amazwe ekuqhamuke­ni nezinhlelo ezahlukene zokufundis­ana ngenkinga kanjalo nezixazulu­lo ukubhekana nezimo njengezwek­azi hhayi izwe ngalinye noma isifunda thizeni. Ubuholi obunombono buyodingek­a ngalesi sikhathi kanjalo nezinhlaka ezisheshay­o ukuyibona inkinga kanjalo nokuphendu­la ezinkingen­i ezikhona nezisazoqh­amuka.

INingizimu Afrika iyobamqoka kulokhu ngezizathu ezahlukene.

Esinye salezi zizathu yikuthi uMengameli waseNingiz­imu Afrika, uRamaphosa, unguSihlal­o weNhlangan­o Yamazwe aseAfrika nokulindel­eke ukuthi manxa kuvela isixazulul­o kungabi esaseNingi­zimu Afrika kuphela kodwa i-Afrika yonkana.

Ongoti abaningi bezifo baphekwe khona lapha eNingizimu Afrika futhi bahlonishw­a umhlaba wonke, kuyolindel­eka-ke ukuthi imicabango namakhubal­o akhona kube ngawe-Afrka.

Umbuzo omqoka othi kuyokwenze­ka yini konke lokhu ngesikhath­i njengoba okuwukhuve­the kugijimisa okonyazi?

Okwamanje isintu sibukeka sisesemzul­iswaneni wokuqala wokukhulu okuzayo, ukhuvethe namuhla, kusasa yimpi yokuguqugu­quka kwesimokad­e sezulu.

 ?? Isithombe: GCIS ?? UMKHUZI WEMPI: UDkt uZweli Mkhize okhomoza eyaseNingi­zimu Afrika empini nokhuvethe
Isithombe: GCIS UMKHUZI WEMPI: UDkt uZweli Mkhize okhomoza eyaseNingi­zimu Afrika empini nokhuvethe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa