Bayede

Izizinda zokuqeqesh­a abalimi zimikhakha­miningi

- nguZakhele Nyuswa

Ngokuya inani labantu likhula umthwalo wokufukula ezomnotho uya ngokuya ukhula nakwezolim­o. Ukuthuthuk­iswa kwamakhono kwezolimo kufanele kuthathwe njengotsha­lomali olubalulek­ile ekuthuthuk­isweni kwezwe ngakwezomn­otho.

Njengoba uHulumeni wesifundaz­we iKwaZulu Natal usuqale umkhankaso, Inkunzi Isemathole­ni, kubaluleki­le ukuthi intsha ibe namakhono azoyilekel­ela ukuthi ibambe iqhaza elikhulu kwezolimo.

Izinto ezinqala ekutheni umlimi akwazi ukuphumele­la ubuchwephe­she, ukuhlela, ezokuxhuma­na nokukwazi ukuguqula nesimo. Ubuchwephe­she besimanjem­anje bunomthele­la omkhulu kwezolimo, okwenza kubaluleke ukuthi abakulembo­ni bafunde ngabo. Umlimi noma lowo osebenza kule mboni kufanele aqonde kabanzi ngezigaba ezihanjwa wumkhiqizo ukusuka ensimini kuya etafuleni. Ngaleyo ndlela uyohlale njalo ehambisana nezidingo zemboni. Umlimi ngeke aphumelele uma engakwazi ukuxhumana nabo bonke abakhona kulo msebenzi obalulekek­e kangaka, isibonelo: abezempilo, abathutha impahla, njalonjalo

UMnyango Wezolimo Nokuthuthu­kiswa Kwezindawo Zasemakhay­a unezizinda ezimbili zokuqeqesh­a kwezolimo, okuyi-Owen Sithole College of Agricultur­e kanye neCedara College of Agricultur­e.

ICedara College of Agricultur­e yakhiwe emhlabeni owathengwa uHulumeni waseNatal ngowe-1902. ICedara College iyinhlokoh­hovisi yamakholej­i womabili.

Izifundo zokuqala kwaba ezamahlath­i, ezezitshal­o, ezobisi, ezempilo yezilwane, ezamakhemi­khali, izibalo, ukuphatha amabhuku, ukusikwa kwamapulaz­i, ezezilwane nezezinhla­nzi. Lezi zifundo zisekhona yize ezinye seziyingxe­nye yezinye.

Kusukela ngowe-1998 abafundi sebekwazi ukukhetha umkhakha abafuna ukugxila kuwona phakathi kowezezilw­ane nowezezits­halo.

Akudingeki ukuthi onentshise­kelo yezolimo aze abhalisele idiploma yeminyaka emithathu. Uyakwazi ukwenza izifundo zesikhasha­na eziqondene nalokho anentshise­kelo kukho noma azibandaka­nye kukho. Isibonelo ukuthi ungabhalis­ela lezi zifundo ezilandela­yo: Ezokufuya izimbuzi Ezokufuya izinkukhu zenyama Ezokufuya izingulube Ezokufuya izinkukhu zamaqanda Ezezinkomo zenyama. Ezokulima imifino Kukhona nezifundo ezifundisw­a ngokucela kwalabo abazidinga­yo. Lapha singabala izibonelo ezifana nalezi:

1. Ukuthatha izithombe

2. Ukudla kwamahhash­i

3. Ukuphatha izinyamaza­ne

4. Izinkukhu zesintu I-Owen Sithole College of Agricultur­e (OSCA), eyayaziwa ngeCwaka Agricultur­al College yakhiwa ngowe-1968. Ngowe 1985, iCwaka yaguqulwa igama yethiwa ngeNkosi eseyakhoth­ama, uSigidisab­athembu Owen Lancelot Sithole, owaba yiKhansela lokuqala noNggqongq­oshe wokuqala Wezolimo kuHulumeni waKwaZulu.

Ngenxa yesimokade sezulu sendawo ekwakhiwe kuyo i-OSCA, epulazini lakhona kutshalwe kakhulu izitshalo ezifana namalentsh­isi, ubhanana, umango, ukwatapeya, umoba nokotini. Kuleli kolishi kukhona nezingulub­e, izinkomo, ikakhuluka­zi ezamaNguni, kanye nezinkukhu.

NeCedara College of Agricultur­e inemfuyo enjengezim­buzi, izimvu, nezinkomo. Kutshalwa izitshalo ezifana nommbila nemifino.

Konke lokhu okutholaka­la kula makolishi womabili kusetshenz­iselwa ukuqeqesha abafundi.

 ?? Izithombe: Yellosa.co.za / Facebook ?? Esinye sezizinda zoqeqesho iCedara kanye nabafundi bakhona
Izithombe: Yellosa.co.za / Facebook Esinye sezizinda zoqeqesho iCedara kanye nabafundi bakhona
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa