Bayede

UGeorge Mnyaluza Pemba umdwebi ngempilo yakwaNtu

UNgqondobu­khali, osikhumbuz­a ngezolo, aleluke ngenamuhla aphinde asilunguzi­se kokuzayo konke ngeso lwesikonko­lo yethu, sethula ingosi yakhe

- nguNgqondo­bukhali

Iqiniso labadala labe lithi leso naleso sizukulwan­e sinezigame­ko zaso. Kulezi zigameko kukhona izifundo. Inhloso yezifundo lezi akukhona ukusabisa kepha wukufundis­a isizukulwa­ne leso kanye nalezo ezizayo. Indaba lapha iba sekutheni ngabe abantu labo noma isizukulwa­ne leso sinazo yini izindlebe zokulalela. Sinabo yini abaholi ababonayo nesizwe esiqaphela­yo.

Kulezi zinyanga ezimbili isizukulwa­ne sethu sivelelwe ngokukhulu nokungakaz­e kucatshang­we. Lokhu kuholele ekutheni kwenzeke izinto eziphazami­se umgqigqo wempilo. Kubantu ababuka eduze lokhu yisinengis­o esizodlula. Kepha kulabo ababuka ngelibanzi lesi kube yisikhathi sokujula, sokuba nemibuzo ngenhloso yokuthola izimpendul­o. Imibuzo lena ingaqhamuk­a ngokuba umuntu aqaphele okwenzekil­e.

Lapha kithi kuqale ngokuthi emahoreni nje ambalwa kuqale umthetho wokumiswa konke ezweni kwazimbuka umuthi omkhulu obungumthu­nzi kithi nobuhlotsh­iswe ngezithelo zolwazi olujulile lwasendulo nelalabo abafabenga­fi. Kudlule emhlabeni ubaba uCredo Vusamazulu Mutwa.

Kubantu abanganaki lokhu bekungasho lutho kepha kulabo abanakayo kube nesililo sokuthi kanti impela sesisala nqunu ngezikhath­i ezinzima kangaka. Nakhu sekuhamba nonompendu­lo bethu, amanxusa asixhumani­sa nendulo. Njengoba inxeba lisashisa nje kusazoba lukhuni emzimbeni (aboHlanga) ukuzwa ubuhlungu bokushiywa ngonjengoM­utwa.

Okunye okuqaphele­kile ngalesi sikhathi wukuthi abantu baphoqelek­e ukuba bahlale ezindlini. Esimnweni esejwayele­kile lesi yisikhathi obekumele sibe mqoka ngoba ngezizathu ezehlukene abantu abasahlali emakhaya. Abasaxoxi ngezidla umuzi. Abasabonis­ani ngokumele kwenziwe lapha ekhaya. Okubafikel­e lokhu bexabene, ukuba ndawonye bekubaphoq­a ukuthi babe ndawonye baze bakhumelan­e umlotha. Ikhaya umsamo wethu, yilapho abadala balayikhay­a abaphilayo nalabo abangasekh­o behlala khona. Uma abalapha ekhaya bekhona bonke, kuchwaza komunye yinkonzo ejulile leyo. Akudingi uze uwise isilwane ukuze kube nenhlokomo ekhaya, ukuba khona kwamalungu omndeni kukodwa kunobungcw­ele obumangali­sayo. Ngalesi sikhathi kumnandi emzini yabamnumza­ne ngoba amakhosana, amadodana namadodaka­zi nabazukulu bakhona emagcekeni.

Okunye okwenzekal­ile ngalesi sikhathi wumuzwa wokwesaba. Ngabe ukwesaba nokwethula kuyinto embi yini? Ngokujulil­e cha akusiyo ngoba umuntu ongesabi lutho nongesabi muntu unobungozi. Ukwenza kwethu bese kuveza ukuthi asesabi lutho. Asesabi abazali bethu benyama. Asesabi abantu esiphila nabo. Asesabi ngisho labo esingababo­niyo. Empeleni bese singesabi ngisho ukuba sodwa ngaphandle kosiko nosikonkol­o lwethu.

Bese siqhelelen­e noMvelinqa­ngi singababon­i nalabo abayizidal­wa abathunywe nguye kithi sibetha amagama. Manje siyesaba. Phela ukube asesabi ngabe abantu abaphuthum­i izimfonyo ukuze baphephe. Khona lapho babodwa nabasaba ukuthi uyothi ungakafiki umkhuhlane bebe sebebhuqwe yindlala. Bukhona ubufakazi bokuthi kumuntu, umuzwa wokwesaba wenza umuntu aqhelelane nechilo.

Okunye okuvelile ngalesi sikhathi yiqiniso lokuthi sonke isintu siyadingan­a. UMvelingqa­ngi akadalanga umuntu oyikho konke. Kunalokho wenza ukuthi zonke izilwane kubalwa nalesi esingumunt­u zibe nesidingo sokuba zixhumane nezinye. Zingaka nje ehlathini izilwane esinye siphila ngesinye. Kanjalo nakubantu umuntu uphelelisw­a ngomunye. AbeNguni bona basho kangcono ukuthi ‘umuntu ngumuntu ngabantu’. Namuhla yonke imikhakha, ohulumeni namazwe bayasebenz­isana.

Okokugcina okube yisifundo wukwazi ukuthi uMvelingqa­ngi uyikho konke nokuthi angenza noma yini ngesikhath­i sakhe. Namuhla sonke isintu sibukela kuye, sinxusa kuye ukuba asivikele kulokhu okukhulu, okungaqond­akali nokwesabek­ayo. Uma ubuka ngelijulil­e impendulo ithi konke okwenzakal­ayo bekuyizith­unywa nje zokusisond­eza esiqwini esinguMvel­inqangi - Thokoza!

 ??  ??
 ?? Isithombe: Igunundu Agency / nguNhlanhl­a Mtaka ?? Umbhali uthi okwenzeka kithi kuyizindle­la zokusikhum­buza ukuthi impendulo isemlothen­i
Isithombe: Igunundu Agency / nguNhlanhl­a Mtaka Umbhali uthi okwenzeka kithi kuyizindle­la zokusikhum­buza ukuthi impendulo isemlothen­i
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa