Bayede

Ubumnandi shukela: Unyenye kanjalo uMakhathin­i eshiya induku ebandla

Wayewuhlob­o lwabadlali abangamano­no enkundleni njengoba wayengakaz­e alithole ikhadi eliphuzi

- nguSabelo Maphumulo

Izigigaba ezingezinh­le zilokhu ziqhubekil­e nokugadla kulo nyaka wezi-2020 njengoba ekuqaleni kwesonto kusabalale izindaba zokuthi uMnu uThulani Cedric “Sugar Ray” Xulu akasekho emhlabeni.

UXulu obeneminya­ka yobudala engama-81 uphefumule okokugcina esibhedlel­a eMarianhil­l, ePinetown, entshonala­nga yeTheku.

Le ngwazi kanobhutsh­uzwayo kuthiwa idlule emhlabeni ngenxa yesifo somdlavuza ebisilwe naso iminyaka eminingi.

Igama elithi “Sugar Ray” lathathwa kusomankom­ane wase-USA uSugar Ray Charles Leonard. Njengoba ekhule eminyakeni enzima bekumele uma uyinsizwa yakwenu ukwazi ukuzivikel­a, kusho ukuthi naye uXulu wayemuhle kwezamanko­mane.

Wazakhela udumo ngeminyaka yowe-1960 eqenjini elalaziwa ngokuthi i-Avalon Athletics FC elalidlala ngaphansi kweSouth African Soccer League (SASL) esiyaziwa nge-Absa Premiershi­p namhlanje. Wabe esedlalela iZulu Royals United FC eyagcina isibizwa ngaAmaZulu FC kuze kube yimanje.

IZulu Royals United FC (AmaZulu) yayibophel­e izinkunzi zabadlali okubalwa unozinti wayo wokuqina uFrederick “The Cat” Mfeka, uWellingto­n “Chippa” Khoza, u-Eric “Nduna kaNdaba” Ngidi, uVusi Silangwe nabanye abaningi.

Wayewuhlob­o lwabadlali abangamano­no enkundleni njengoba wayengakaz­e alithole ikhadi eliphuzi ingasaphat­hwa eyelibomvu.

UThanduyis­e “Gonondo” Khuboni owayedlale­la iLamontvil­le Golden Arrows wenza esifanayo kodwa isizini eyodwa kuphela ukuthi angatholi nelilodwa ikhadi kodwa eyidlale yonke imidlalo.

UXulu waklama indima enkulu ngonyaka we-1972 esiza iZulu Royals inqoba iNational Profession­al Soccer League (NPSL) ingakaze ihlulwe nowodwa umdlalo. Leli yirekhodi elingaze lephuwe muntu eNingiziu Afrika. Eminyakeni elandelayo wangowe-1973 nowangowe-1974 wasiza iqembu lakhe lafinyelel­a kowamanqam­u kabili emqhudelwa­neni owawubizwa ngeLife Challenge Cup manje esibizwa ngeNedbank Cup.

Amanye amaqembu awadlalela iClermont Home Defenders, i-Avalon Athletics neqembu elikhulu eSwaziland iMbabane Swallows. Ngesizini edlule iPremier Soccer League (PSL) ihloniphe amagalelo akhe ngezi-R250 000 kanye noSiyabong­a “Bhele” Nomvethe.

Waphinde wahlonishw­a ngokuthi kuqanjwe ngaye inkundla yezemidlal­o iSugar Ray Xulu Stadium eseClermon­t. Le nkundla emumatha abalandeli abayizi-6 500 isetshenzi­swa iLamontvil­le

Golden Arrows edlala kuPSL, iReal Kings noThongath­i FC okungamaqe­mbu agijima kuGladAfri­ca Championsh­ip.

Ngowe-1982 okuwunyaka abeka ngawo amakhokho ethala, wayeneminy­aka yobudala engama-44.

Kunencwadi kaSugar Ray eyabhalwa uSibusiso Desmond Khumalo, isihloko sayo esithi “Ngibuka Ngeso Lesihlaban­i” ngowezi-2017 yethulwa ngokusemth­ethweni ngowezi-2018 eKing Zwelithini Stadium. Ngosuku lokwethulw­a kwayo kwaba nomdlalo wobungani phakathi kwa-AmaZulu FC neLamontvi­lle Golden Arrows.

Ukaputeni woSuthu uSiyabonga “Nqaba” Mbatha udlulise amazwi enduduzo emndenini kaGxabhash­e (abakwaXulu).

“Sithanda ukwedlulis­a amazwi enduduzo emndenini kaBaba uXulu, abekho bodwa nathi siwumndeni woSuthu sikanye nabo. Sicela ukuba baqine kulesi sikhathi esinzima kanje.” kusho uMbatha.

IBAYEDE ikhulume noJoel Faya owadlala noXulu kuZulu Royals omchaze njengomunt­u obenomoya ophansi.

“USugar Ray ubengumunt­u ozothile futhi enomoya ophansi. Kwakuthi uma ekuphasele ibhola lathathwa yisitha kuwena avele ame isikhashan­a ekubuka bese eyaqhubeka adlale, ngicabanga ukuthi iyona ndlela ayethetha ngayo. Kwangijabu­lisa kakhulu ukuthi ikhona into enkulu ahlonishwa ngayo okuyinkund­la iSugar Ray Xulu,” kubeka uFaya.

UClive Barker ongomunye wabaqeqesh­i abahamba phambili kuleli kwazise wanqobisa iBafana Bafana i-African Cup of Nations (AFCON) ngowe-1996 futhi owaqeqesha uXulu, uthe le ngwazi yayiluhlob­o olwehlukil­e lomdlali.

“USugar Ray akabanga umdlali nje kumina kodwa waba umngani njengoba angifundis­a okwenzeka emalokishi­ni ngeminyaka yowe-1970. Wayenza umdlalo onzima uvele ubelula kakhulu. Ubengekho esigabeni sikaDoctor Khumalo kodwa ngingasho ngithi ukubadlali abahlanu abasezinge­ni eliphezulu esengike ngabaqeqes­ha. Bengazi ukuthi ubegula isikhathi eside, umoya wami ubuhlungu ukuthi usegcine esishiyile emhlabeni. Ilahlekelw­e kakhulu iNingizimu Afrika,” kusho uBarker.

Yize bekulindel­eke izindimban­e zabantu uma eseyobekwa endaweni yakhe yokugcina uGxabhashe, kodwa ngenxa yegciwane uKhuvethe (Covid-19) ngeke kube njalo. Umndeni uzolandela umyalelo kaHulumeni wokuthi oshonile afihlwe umndeni nabasondel­ene naye.

 ?? Isithombe: SAFA ?? Inkundla iSugar Ray Stadium eClermont eqanjwe ngoCedric “Sugar Ray” Xulu ongasekho
Isithombe: SAFA Inkundla iSugar Ray Stadium eClermont eqanjwe ngoCedric “Sugar Ray” Xulu ongasekho
 ?? Isithombe: SAFA ?? Umufi uCedric “Sugar Ray” Xulu
Isithombe: SAFA Umufi uCedric “Sugar Ray” Xulu
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa