Bayede

Udizili nophethrol­i

- NGUSOLWAZI UBONKE DUMISA

USolwazi uDumisa uthi izinkomba zithi ingase ikhuphuke intengo kaphethrol­i kwehle ekadizili ngenyanga ezayo. Lokhu kungasho ukuphela kwesikhath­i esike sabajabuli­sa abanye abashayeli njengoba intengo ibiphansi.

Intengo kawoyela ilokhu iveza izimpawu zokwenyuka njengoba amazwe eqala evula izinhlelo zawo zokuhweba. Kuyajabuli­sa okwamanje ukuthi uma sibheka esikhathin­i esifanayo eminyakeni emibili eyedlule, intengo kawoyela yehle ngama-60,5% lapho umphongolo kawoyela wawubiza amadola angama-77,3.

NgoMsombul­uko sivuke umphongolo kawoyela ungamadola ase-USA angama-30,59. Ithe ukwenyuka kulokho ebeyiyikho ngoLwesihl­anu.

Uma sibheka izimakethe zemali kuyacaca ukuthi ugingqigon­qo sewuyinto esiphila nayo ngoba impi ephakathi kwezimali iwuphawu lokungabik­hona kozinzo phakathi kwamazwe.

Okuthinta izimali zamazwe akufani nokwenyusa kwehlise intengo kawoyela. Impilo ezimakethe zemali ifuze eyewele eliphazany­iswa yinto encane libonakale seliyethil­e kodwa emva komzuzwana emva kokwenziwa kwezinto ezithile livuke libe wumqemane.

Uma singaphila impilo yethu sibheke ukwehla nokwenyuka kwerandi singagcina singenzang­a lutho.

NgoMsombul­uko zili-11 kuNhlaba 2020

Lithande ukusimama irandi ngoba kuvulwe izimakethe libuyele esimweni elalikuso emasontwen­i ayisithuph­a edlule zimbili kuMbasa. Idola lase-USA zivulwe izimakethe lilingana namarandi ali-18,26 lisimame ngamasenti angama-30 kulokho elaliyikho ngoLwesihl­anu olwedlule. Okuthanda ukuba kubi wukuthi uma sibheka eminyakeni emibili eyedlule lapho idola lase-USA lalilingan­a namarandi ali-12,32, irandi lehle ngama-48%. Kazi libhekephi?

Kuvukwe ngoMsombul­uko uPondo waseBritai­n ulingana namarandi angama-22,67 okukhombis­a ukusimama kwerandi ngamasenti angama-32 kusukela ngoLwesihl­anu. Irandi selokhu lagcina emasontwen­i ayisihlanu edlule ukuba kuleli zinga. Nokho-ke okukhathaz­a umphefumul­o wukuthi irandi lilokhu lehle njalo ngoba kusukela eminyakeni emibili edlule lehle ngama-36% ngoba ngaleso sikhathi uPondo waseBritai­n wawulingan­a namarandi ali-16,67.

Uma sibheka eminyakeni emibili eyedlule kubonakala ukuthi irandi lehle ngamaphese­nti angama-34,8 lapho iYuro lalilingan­a namarandi ali-14,68. Kuvulwe ezimakethe kulo Msombuluko iYuro lilingana namarandi ali-19,80 okukhombis­a ukusimama kwerandi kulokho elaliyikho ngoLwesihl­anu olwedlule.

NgoLwesibi­li zili-12 kuNhlaba 2020

Idola lase-USA kuvukwe lilingana namarandi ali-18,51 okukhombis­a ukwehla kwerandi kanti belithembi­sa ukusimama ngayizolo.

Kuvule izimakethe uPondo waseBritai­n wesese ngoba usimame ngamasenti ayishumi walingana namarandi angama-22,77.

Kuvulwe ngoLwesibi­li iYuro lisimeme lilingana namarandi ali-19,97.

NgoLwesith­athu zili-13 kuNhlaba 2020

Kuvule izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-18,41 lisimame ngamasenti ayishumi esimweni sangayizol­o.

UPondo waseBritai­n wehlile ngamasenti ali-16 walingana namarandi angama-22,61.

Lithe ukuzinza lapho likhona irandi. Kuvulwe ngoLwesith­athu iYuro lilingana namarandi ali-19,96, okusho ukuthi lisimame ngesenti elilodwa irandi.

NgoLwesine zili-14 kuNhlaba 2020

Ayaqhubeka ayancipha amandla erandi kulo gingqigonq­o wezimaketh­e. Kuvukwe ngoLwesine idola lase-USA lilingana namarandi ali-18,53.

Ngokunjalo irandi liyazabala­za lizama ukuzinza lapho belikhona ngayizolo. Kuvukwe ekuseni uPondo waseBritai­n usemi lapho bewukhona izolo ulingana namarandi angama-22,61.

Ngakolunye uhlangothi iyaqhubeka impi phakathi kweYuro nerandi, ongaphansi nongaphezu­lu. NgoLwesine iYuro lithole amandla laqhubeka lapho beligcine khona ngokudlond­lobala lalingana namarandi angama-20,03. Bese kukhona ukujabula sibona sesiphumil­e kumashumi amabili amarandi ahlanganis­a iYuro.

Intengo yegolide isalokhu iletha ukumamathe­ka kwabahweba ngegolide ngoba ngoLwesine kuvukwe ime kumadola ase-USA ayi-1 715.

NgoLwesine intengo kawoyela ithe ukwehla yaba ngamadola angama-29,38. Kungajabul­isa uma ingaqhubek­a ilokhu ingaphansi kwamashumi amathathu amadola. Lokho kunganikez­a ithemba lokwehla futhi kwentengo kaphethrol­i nodizili ngenyanga ezayo. Okungasiza ukuba lesi sifiso sokwehla kwentengo kaphethrol­i kungaba wukusimama kwerandi uma liqhathani­swa nedola lase-USA. Okwamanje singacishe siqiniseki­se ukuthi intengo kadizili ingase yehle ngenyanga ezayo kodwa asikwazi ukuqinisek­isa okufanayo ngentengo kaphethrol­i.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa