Udizili nophethroli
USolwazi uDumisa uthi izinkomba zithi ingase ikhuphuke intengo kaphethroli kwehle ekadizili ngenyanga ezayo. Lokhu kungasho ukuphela kwesikhathi esike sabajabulisa abanye abashayeli njengoba intengo ibiphansi.
Intengo kawoyela ilokhu iveza izimpawu zokwenyuka njengoba amazwe eqala evula izinhlelo zawo zokuhweba. Kuyajabulisa okwamanje ukuthi uma sibheka esikhathini esifanayo eminyakeni emibili eyedlule, intengo kawoyela yehle ngama-60,5% lapho umphongolo kawoyela wawubiza amadola angama-77,3.
NgoMsombuluko sivuke umphongolo kawoyela ungamadola ase-USA angama-30,59. Ithe ukwenyuka kulokho ebeyiyikho ngoLwesihlanu.
Uma sibheka izimakethe zemali kuyacaca ukuthi ugingqigonqo sewuyinto esiphila nayo ngoba impi ephakathi kwezimali iwuphawu lokungabikhona kozinzo phakathi kwamazwe.
Okuthinta izimali zamazwe akufani nokwenyusa kwehlise intengo kawoyela. Impilo ezimakethe zemali ifuze eyewele eliphazanyiswa yinto encane libonakale seliyethile kodwa emva komzuzwana emva kokwenziwa kwezinto ezithile livuke libe wumqemane.
Uma singaphila impilo yethu sibheke ukwehla nokwenyuka kwerandi singagcina singenzanga lutho.
NgoMsombuluko zili-11 kuNhlaba 2020
Lithande ukusimama irandi ngoba kuvulwe izimakethe libuyele esimweni elalikuso emasontweni ayisithupha edlule zimbili kuMbasa. Idola lase-USA zivulwe izimakethe lilingana namarandi ali-18,26 lisimame ngamasenti angama-30 kulokho elaliyikho ngoLwesihlanu olwedlule. Okuthanda ukuba kubi wukuthi uma sibheka eminyakeni emibili eyedlule lapho idola lase-USA lalilingana namarandi ali-12,32, irandi lehle ngama-48%. Kazi libhekephi?
Kuvukwe ngoMsombuluko uPondo waseBritain ulingana namarandi angama-22,67 okukhombisa ukusimama kwerandi ngamasenti angama-32 kusukela ngoLwesihlanu. Irandi selokhu lagcina emasontweni ayisihlanu edlule ukuba kuleli zinga. Nokho-ke okukhathaza umphefumulo wukuthi irandi lilokhu lehle njalo ngoba kusukela eminyakeni emibili edlule lehle ngama-36% ngoba ngaleso sikhathi uPondo waseBritain wawulingana namarandi ali-16,67.
Uma sibheka eminyakeni emibili eyedlule kubonakala ukuthi irandi lehle ngamaphesenti angama-34,8 lapho iYuro lalilingana namarandi ali-14,68. Kuvulwe ezimakethe kulo Msombuluko iYuro lilingana namarandi ali-19,80 okukhombisa ukusimama kwerandi kulokho elaliyikho ngoLwesihlanu olwedlule.
NgoLwesibili zili-12 kuNhlaba 2020
Idola lase-USA kuvukwe lilingana namarandi ali-18,51 okukhombisa ukwehla kwerandi kanti belithembisa ukusimama ngayizolo.
Kuvule izimakethe uPondo waseBritain wesese ngoba usimame ngamasenti ayishumi walingana namarandi angama-22,77.
Kuvulwe ngoLwesibili iYuro lisimeme lilingana namarandi ali-19,97.
NgoLwesithathu zili-13 kuNhlaba 2020
Kuvule izimakethe idola lase-USA lilingana namarandi ali-18,41 lisimame ngamasenti ayishumi esimweni sangayizolo.
UPondo waseBritain wehlile ngamasenti ali-16 walingana namarandi angama-22,61.
Lithe ukuzinza lapho likhona irandi. Kuvulwe ngoLwesithathu iYuro lilingana namarandi ali-19,96, okusho ukuthi lisimame ngesenti elilodwa irandi.
NgoLwesine zili-14 kuNhlaba 2020
Ayaqhubeka ayancipha amandla erandi kulo gingqigonqo wezimakethe. Kuvukwe ngoLwesine idola lase-USA lilingana namarandi ali-18,53.
Ngokunjalo irandi liyazabalaza lizama ukuzinza lapho belikhona ngayizolo. Kuvukwe ekuseni uPondo waseBritain usemi lapho bewukhona izolo ulingana namarandi angama-22,61.
Ngakolunye uhlangothi iyaqhubeka impi phakathi kweYuro nerandi, ongaphansi nongaphezulu. NgoLwesine iYuro lithole amandla laqhubeka lapho beligcine khona ngokudlondlobala lalingana namarandi angama-20,03. Bese kukhona ukujabula sibona sesiphumile kumashumi amabili amarandi ahlanganisa iYuro.
Intengo yegolide isalokhu iletha ukumamatheka kwabahweba ngegolide ngoba ngoLwesine kuvukwe ime kumadola ase-USA ayi-1 715.
NgoLwesine intengo kawoyela ithe ukwehla yaba ngamadola angama-29,38. Kungajabulisa uma ingaqhubeka ilokhu ingaphansi kwamashumi amathathu amadola. Lokho kunganikeza ithemba lokwehla futhi kwentengo kaphethroli nodizili ngenyanga ezayo. Okungasiza ukuba lesi sifiso sokwehla kwentengo kaphethroli kungaba wukusimama kwerandi uma liqhathaniswa nedola lase-USA. Okwamanje singacishe siqinisekise ukuthi intengo kadizili ingase yehle ngenyanga ezayo kodwa asikwazi ukuqinisekisa okufanayo ngentengo kaphethroli.