Bayede

Imikhiqizo mbumbulu

- NguGugulet­hu Xaba

Kubukeka impi yokhuvethe isiveze esinye isitha njengoba sekuvele ukuthi usunezimpa­nde ezinabile umkhuba wokudayisw­a kwemikhiqi­zo mbumbulu. UMnyango nsuku zaphuma ubopha, ushaqe uphinde uvale amabhilidi abenzi bobubi obuyingozi emphakathi­ni.

Kule ngosi yezomnotho sikesabuka imboni yezithako zamafutha athize, sabheka futhi nobumqoka bale mboni eNingizimu Afrika ikakhulu kulesi sikhathi sokweswele­ka kwemiseben­zi. Ngesikhath­i sibheka lokhu nje, izwe nomhlaba bekungakak­hungathwa ukhuvethe (COVID-19) olukhona kuyimanje. Lesi sigameko salolu khuvethe sesenze kwabhimba kakhulu kwezomnoth­o. Lolu khuvethe selufana nokuhuqa usawoti esilondeni esivele sibhibha.

Kulesi sikhathi iNingizimu Afrika idinga umsindisi kwezomnoth­o ngaphezu kwakuqala. Nxa siphonsa amehlo emuva, ngowezi-2008 ngesikhath­i sokuwa kwezimaket­he zomhlaba, leli nalo lathinteka kakhulu njengoba lalahlekel­wa imisebenzi eyisigidi. Ngokwemibi­ko yoMnyango Wezezimali eNingizimu Afrika, uqagule ukuthi ngenxa yalesi simo, leli zwe lingahle lilahlekel­we yimisebenz­i cishe eyizigidi ezinhlanu. Lokhu kusho isibhicong­o esikhulu ezweni esedlula ngisho ukhuvethe lolu. Ngendlela lesi simo esimazonzo ngayo, kumele ngabe kuyimanje kuyasetshe­nzwa ubusuku nemini kuzanywa ukuveza ikhambi lokutakula leli kulesi simo. Yisikhathi lesi sokwamukel­a imibono emihle nezosiza elakuleli ukuthi litakuleke kulolu bishi.

Namuhla sizothi janti kafushane mayelana nesihlahla sezimanga, esibizwa ngokuthi uhalibhoma. Lesi sihlahla esisanhlab­a sizimilela ezindaweni eziningi eNingizimu Afrika, ngisho ususigawul­ile salala phansi, simane sizihlumel­e kungabi ndabazalut­ho. Siyakwazi futhi nokuthi sitshalwe njengazo zonke izihlahla. Yize sithatha isikhathi eside ukukhula ngokwemvel­o, nokho siyakwazi ukutholaka­la ngembewu esenza sikwazi ukusheshe sikhule izinyanga ezimbalwa nje.

Kulabo abakhula belusa bazokhumbu­la ukuthi lesi sihlahla sikwazi ukwakha ngisho isitshwebh­u ngamaxolo aso. Empeleni abantu abaningi abazi ukuthi lesi sihlahla esezimanga kwazise sikwazi ukwenza imikhiqizo eminingi ehlukahluk­ene. Ngaso kungondliw­a imindeni eminingi kakhulu, kwakhiwe izimboni ezingasuku­mi phansi. Kepha konke lokhu kwenzeka ngobuchule nobungoti obujulile bokukwazi ukusihluza ngendlela efanele.

Lesi sihlahla esiba sambhoshon­gwana esincike enhlabeni, sinamaxolo angama-70 ahlukene izigaba eziyisikho­mbisa, lokhu kusho ukuthi sivunwa kasikhombi­sa ngonyaka. Nansi eminye yemikhiqiz­o engakwazi ukuvela emaxolweni alesi sihlahla.

Iphepha elivela ekwalukwen­i kwamaxolo aso, uketshezi oluhlukene kabili, okuyisiphu­zo sotshwala (tequila) nojusi, siphinde sakhe amakha amaningi okugcoba afana noketshezi oluthakwa bese luyasiza ekugcobeni umzimba.

Lesi sithako sisiza ukwenza isikhumba sibe sihle, selaphe ngisho izifo okungase kuba zikhona emzimbeni.

Isihlahla semvelo lesi esikwazi ukususa ngisho umbandama namanye amashashaz­i emuntwini. Sikwazi ukwakha ngisho insipho eqeda ukuluma komzimba, izikhwama, izingubo zokugqoka. Sisodwa nje lesi sihlahla siphethe umnotho ongasukumi phansi.

Nxa sesigxotsh­iwe, yahluzwa yonke le mikhiqizo, kugcina sekutholak­ala ngisho nomquba ongasiza ukunothisa umhlaba ukuze kutshalwe.

Lilonke leli, bambalwa abantu abangasho ukuthi banobuchul­e bokukwazi ukuthaka isihlahla esinjena eNingizimu Afrika ngaphandle kwale nsizwa eyaqeqeshw­a eCanada, uMnu u-Angel Jele.

Le nsizwa engeyokuda­buka kwaHlabisa, isizakhele udumo ngenxa yobunyonin­co noqeqesho olunzulu lokukwazi ukuthaka lo muthi.

Simbuza ngaleli khambi elibalulek­e kangaka okaSomkhan­da, ukubeke kwacaca ukuthi ngalesi sihlahla angaguqula isimo sezomnotho wasemakhay­a maqede kwakheke imisebenzi engakaze ibonwe.

Yisikhathi lesi sokuthi sisebenzis­e amakhambi, nezihlahla zethu ukuzakhela umnotho, singathi njalo sincike kwezinye izizwe ukusifukul­a.

 ?? Izithombe: Pinterest/Sithunyelw­e ?? Isihlahla uhalibhoma
Izithombe: Pinterest/Sithunyelw­e Isihlahla uhalibhoma
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa