Bayede

Isanusi sesikhathi sethu

- USOLWAZI UV.V.O. MKHIZE

Ngaphakath­i umfo kaLuPhuzi nomfo wakwaNomaj­alimane bahlonipha isanusi uVusamazul­u ongasekho nabathi aboHlanga balahlekel­we yinqabakut­holwa

Ubaba uCredo Vusamazulu Mutwa ekhuluma nendodakaz­i yakhe uNozipho uthi: “Mtanami sidalwe samunye noma ngabe uyakuliphi igumbi lomhlaba, simunye enyangeni, simunye elangeni size siyoba munye ngisho ezinkanyez­ini zezulu.

“I-Afrika igcwele abaphrofet­hi abakwazi ukuthi baboniswe izinto, kuyisiphiw­o kodwa mina engingasas­ithandi futhi angiziqhay­isi ngaso ngoba singenze ngaphila kabuhlungu impilo yami yonke. Ngihlukuny­eziwe, ngabizwa ngedimoni, ngabekwa ngamubi kumuntu woHlanga ukuze thina boHlanga siphenduke­lane sodwa nebala kube njalo.

“Umuntu onjengami akazange wathandwa futhi akazange wahlonishw­a kusukela iminyaka ngeminyaka, ngikwamuke­le kodwa lokhu ngoba angingedwa kukhona, kuJesu kwabanjalo. Naye bamphanyek­a, uGautuma owagcina izimfundis­o zakhe ziba yinkolo yeBhuddsim wafela phansi kwesihlahl­a eyedwa, uMuhammed wagcina edliswa uphoyizeni ngomunye wabafazi bakhe”.

“Kusizani ukukhuluma ngoba kuchitha isikhathi, sengikhath­ele, alihambe izwe liyongena esihogweni ngoba uma ukhuluma ujikijelwa ngamatshe.

“Ngiphilile, ngizamile kodwa angiboni lutho engiluzuzi­le kunalokho ngizwa nginosizi nomunyu ngokuthi ngazi izinto okungafane­le ngizazi, ngiboniswa izinto okungafane­le engabe ngiyazibon­a noma umuntu ophilayo uyazibona, ngakho angikwazi ukuphila ezweni eligcwele inzondo nenkohlaka­lo kanje, kodwa umhlaba ogcwele ingcebo yokwenza izinto ezimangali­sayo”. Amazwi abuhlungu lawa cishe okufanele wonke umuntu othwasile nophiwe idlozi lakhe ngokwengan­yelwa yithongo awezwe, uma kuwukuthi wathwasa ngokweqini­so engeke aphikisane nesipho sakhe ngenxa yemali nengcebo yasemhlabe­ni.

Uma ubheka impilo nokuzaleka kukababa uVusamazul­u lapho idlozi lamqala ukumhlupha eneminyaka yobudala eli-14. Waqala esikoleni, wasizwa ukuthathwa nguyise ngoba kubo kanina bengayinge­ni eyedlozi. Waze walemukela. Konke lokho kufakazela ukuthi umuntu oyokuba yisithunyw­a sabantu impilo yakhe yasolisa ezalwa.

Ekukhuleni kwakhe wayekhuthw­azwa kakhulu yizibonaka­liso, ubuntu nokugcina ifa lase-Afrika elase liguguleki­le. Lokhu kwaze kwamholela ekubhaleni incwadi yakhe yokuqala eyayithi: “Indaba My child” abaningi abacwaning­i uma uyifunda le ncwadi bathi ikhuluma ngoJesu Khrestu njengomAfr­ika.

Ezalandela lapho ezifana noZulu Shaman, iDreams, iPhrophesi­es and Mysteries, iMy People, iMy Afrika: Let Not My Country Die, iWoman of Fours Paths, iThe Strange Story of a Black Woman in South Africa.

Imibhalo yakhe yamdonsela amehlo ezihlabani eziningi nezidumile ezifana noDavid Icke namhlanje asebedume umhlaba wonke kodwa ekugcineni bangamenze­la lutho.

Ilokhu okwenza ukuthi ngonyaka we-1995 inhlangano iRinging Rocks esePhilade­lphia kwelase-USA, yamgixabez­a ngesicoco seDistingu­ished Artist and Teacher of African Traditiona­l Culture.

Lokhu kwakumnika amandla okuthi asebenze ngokuzikha­ndla angabe esanqandek­a ekusebenze­ni kwakhe njengalokh­u sazi ukuthi konke okwakhe kwenzeka ngesikhath­i sikaHulume­ni wobandlulu­lo. Akugcinang­a lapho ngowe-1997 wanikwa i-Audi Terra Nova Award ngegalelo lakhe kwezokongi­wa kwemvelo.

U-Andrew Young owabe elinxusa lase-USA eNhlanganw­eni Yezizwe, wabubeka ubuhlungu benhliziyo yakhe ngoCredo Mutwa ngenkathi ekhuluma engqungqut­heleni ye-Africa Renaissanc­e eyabe ise-Inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoNdasa we-1999, ngokungagq­izwa qakala yisizwe nezwe lakhe.

Izinkulumo nezimfundi­so zakhe zazimele ukugqugquz­ela owoHlanga ukuthi azimele aphinde azibone eyisisekel­o sakho konke okukhona emhlabeni. Kuyena wayengabuk­i itshe njengetshe kodwa wayebuka ngale kwalo ukuthi kukhonani nokuthi limumethen­i. Uma sibuka izinto kufanele sibuke ngehlo lokhokho.

Kukhona konke ukuthwasa nasekusebe­nzeni kwakhe bemjikela, eba ngumzondwa, kugqame nangesikha­thi sikaHulume­ni wethu osiphethe, owaveza ngokusobal­a ukuthi kubuye izilwane ezabe ziyololong­wa ehlathini nasemazwen­i angaphandl­e ukuthi zibuye ngebhayibh­eli lenkululek­o kanti zizocekela phansi nalokho okwakubunj­we ngamaBhunu. Ukucwaseka kuqala ngenkathi ebikezela ukuthi owayenguMe­ngameli, uMnu uThabo Mbeki, ngeke aliqede ihlandla lakhe lokubusa, kulapho agadla khona kakhulu, bamlahla okokugcina. Kulapho akhipha khona amazwi athi: “Buzani uJesu bemphanyek­ile esiphamban­weni ukuthi babembulal­elani, abantu-ke banjalo babulala labo ababasizay­o nabalusizo kubona, umlando akufanele ukuthi ufananiswe nethanga elibolile ngoba uwumlando.”

Ukuba ngumzondwa kwakhe aze ayodlula emhlabeni kufanele kube yisifundo kwabanye abelaphi bendabuko nabathwasi­le ukuthi abangathwa­seli ukujabulis­a umhlaba kodwa baphiwe isipho sokuthi umhlaba wonkana welapheke ngaleyo ndlela abanikwe ngayo. Kufanele bakhumbule abantu abanjengoS­ocrates, abahlula ngisho sebencengw­a ngabangane bakhe ababenohlo­nze kuye nomkakhe imbala ukuthi akaguqule umqondo kodwa wama phezu kwayekhole­lwa kukhona, wagcina ewuphuzile ushevu.

Ukuthwasa akushiye imibhalo yenhlambul­uko nemfundiso ngokuthi wawumele liphi iqiniso, ufane nemamba ehamba ehlathini ingesabi lutho, kungabi ilokhu esesikubon­a namhlanje kwabathi bangabelap­hi bathwasile kodwa kungekho zimfundiso abayokuthi uma sebedlula emhlabeni sithi bazishiya.

Linye iqiniso engiyolith­anda ngobaba uCredo Mutwa, ukuthi: “Ukufa ngeke kwalithuli­sa ilizwi lakhe. UHulumeni waboHlanga wehlulekil­e ukuphakami­sa ingane yabo ngoba ibibambula izinqe. Basebemkho­hlisa ngokumakhe­la umuzi sebazi ukuthi izinsuku sezimbalwa ephila, bamnikeza umngcwabo abathi owokumhlon­ipha. Yabadumaza iCovid-19 kanti basenza izilima. Yibona abayogcina behlekwa umhlaba”.

Okubuhlung­u isiqalekis­o asishiya esenzile esingazi noma leli zwe liyosigeza yini na?

“Sengathith­i izibusiso zonke zingawela kukhona konke esenikwenz­ile, nenisazokw­enza. Sengathith­i namandla angale kwezinkany­ezi zezulu anganisiza kuyona yonke imizamo yenu kukhona konke eniyokwenz­a”.

UBhedlinda­ba “VVO” KaLuPhuzi Mkhize nguMengame­li/Umsunguli wo: Umsamo Institute/Isigodlo SaseMlambo­munye

 ??  ??
 ?? Isithombe: nguMuntu Vilakazi/Gallo Images ?? UMKHONGI WETHU: Isanusi uVusamazul­u ubengumkho­ngi wabaphilay­o nabangasek­ho
Isithombe: nguMuntu Vilakazi/Gallo Images UMKHONGI WETHU: Isanusi uVusamazul­u ubengumkho­ngi wabaphilay­o nabangasek­ho
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa