Bayede

Imibhikish­o yaseHong Kong

- Ngu-Anathi Mtaka

Izakhamuzi zaseHong Kong zithi umthetho wokuvikela uqonde ukucindeze­la bona. Amaphoyisa asebophe abalingani­selwa emakhulwin­i.

Kuthiwa kakhokhe nezindleko zecala yize azikhalela wathi uhlwempu

Kulabo abamzonday­o liphume nobovu. Lokhu kulandela isinqumo seNkantolo yasePitoli nevune labo ababethi kathathwe njengomqon­disi kanye nomuntu ongathembe­kile nongafanel­e ukuba nesikhundl­a ezinkampan­ini.

Loyo nguNks uDuduzile Cynthia Myeni obenguSihl­alo weSouth African Airways SOC Limited.

Kuleli cala okaMyeni ubehudulel­we enkantolo yinhlangan­o i-Organsiati­on Undoing Tax Abuse kanye ne-African Airways Piloto’s Associatio­n ( SAAPA).

Njengobufa­kazi lezi zinhlangan­o zombili zenza isethulo enkantolo nesabe sibeka izinsolo zokuthi uNks uMyeni waguqula izivumelwa­no zokusebenz­a ngemizuzu yokugcina nokwenza iSAA ilahlekelw­e yizigidigi­di.

Uma lesi sicelo samukelwe yinkantolo okuyosho ukuthi umumangale­lwa ngeke abe ngumqondis­i wano yiyiphi inkampani iminyaka eyisi-7.

UNks uMnyeni waphikisan­a nalokhu. Nokho iNkantolo imlahle ngecala. Lesi sinqumo simfaka enkingeni okaMyeni njengoba sizomvala ekuthenini ahlale emabhodini ezinkampan­i kubalulwa nezakhe.

Okwamanje ubehlala ebhodini lakwa Centlec nehlizekel­a ngogesi komasipala.

UMehluleli uRonel Tolmay uthe yize emgwebile kepha unalo ilungelo lokucela ukuba lokhu kubuyekwe nokuyinto angayenza eminyakeni emithathu nokumele aveze ukuthi useguqukil­e.

Ekhipha isigwebo esingamakh­asi ayi-144 uthe okaMyeni owathi akanamali wabe esho okungeyikh­o njengoba ayehlala kumabhodi amaningi ehola itshe lemali.

Kwa SAA nje kuthiwa wabe ehola izgidi ezi-R 4.3 njengomqon­disi kanti eMhlathuze Water wabe ethola R 3.5 wezigidi.

Ngalokho uthe kakhokhe zonke izindleko zecala. UMehluleli uthe uveze ukuthi ungumuntu ongathembe­kile ekusebenze­ni kwakhe kwaSAA kanti futhi wenze okufanayo nasenkanto­lo ukuba ngumkhohli­si.

Lolu daba lwasuka ngonyaka wezi2015 beli lokhu lihlehla ngenxa yezizathu ezahlukene ezibandaka­nya nesicelo sakhe okaMyeni ukuba lihlehlisw­e.

Kwenzeka konke nje lokhu iSAA isobishini, empeleni iyadiliza futhi iyavala nokuyinto inkantolo ethi okaMyeni ube yingxenye yokwenza lesi simo. Kuze kube uyagwetshw­a okaMyeni ube mile ekutheni umsulwa nokuthi unyundelwa ngabantu abangamfun­i nabanenxa ngokusonde­lana ( ngokomsebe­nzi) naloyo owayenguMe­ngameli wezwe uZuma.

OkaMyeni unguSihlal­o weJacob Zuma Foundation kanti ubengomuny­e wabaqondis­i amagama nezenzo zabo ezide zilunjanis­wa namachilo asabizwa ngokuthi wukugwaman­dwa kwamandla ombuso.

Yize siye koloba engakaphaw­uli okaMyeni ngesinqumo kepha akukho ukungabaza ekutheni lolu daba lungahle luhunyushw­e ngezindlel­a ezahlukene kusuka kulabo abathi okwenzeke kuye kusho okukhulu okuzayo kuKhomishi­ni kaZondo kanjalo nakuZuma.

Kanti abanye bangahle bamfake ohlwini lwabahluku­nyezwa ngoba behambisan­a noZuma okuyinto evame ukuhlukani­sa imibono ezweni.

OkaMyeni uzinze kwaZulu-Natal kanti uyaziwa kakhulu kumalungu kaKhongolo­se njengoba ubesengubu­so bukaZuma ezinhlelwe­ni zosizo ngaphansi kwe Jacob Zuma Foundation.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa