Bayede

OMalume bayaviva

- NguSiyetha­ba Mhlongo

Izimoto ezithutha izingane zesikole sezifuthwe ngezibalal­i magciwane ukulungise­lela ukuvulwa kwezikole. Inhlanzeko bayibeka phambili oMalume.

Nakuba uMengameli uRamaphosa ethe akekho umzali ophoqeleki­le ukuyisa ingane yakhe esikoleni uma engakhulul­ekile kodwa isahlukene imizwa yezakhamuz­i yehlukene ngokubuyel­a kwezingane esikoleni.

Ugogo uKhethekil­e Thwala (71) uthe: “Ngiyakhala ngesinqumo sikaHulume­ni sokubuyise­la izingane esikoleni. Kungani kuzwiwa ngezingane zethu kungazwiwa ngathi ukuthi kuzokwenze­kani uma kuhlangana abantu njengoba namanje kunezindaw­o ezingenazo izindawo zokuzivike­la, izingane nabazukulu bethu bazoba yini? Ngisho kwalezi zimfonyo esizifakil­e sizithole emgwaqeni asazi noma zinalo yini leli gciwane. Lapha kuzobulawa abazukulu bethu ngoba ezabaholi zifundela emakhaya nasezikole­ni ezimba eqolo, zinazo zonke izinto.”

UMnu uMzo Sithole (61) uthe: “Ngijabule ngalokhu ngoba uma zingafundi zizofana nathi, thina saba nenhlanhla sangaba osikhothen­i ezinye zingazitho­la sezingosik­hotheni. Inkinga izingane uma zihleli ekhaya umqondo uyama ziphinde zithole nengcindez­i kwezasenda­weni ngokuthi zifuna ukwenza lokhu okwenziwa yizo. Ngizibona ziphephile uma zisesikole­ningoba uma zisemakhay­a zinguvanzi.”

UMnu u-Aron Cheza (49) uthe: “Ukuvulwa kwezikole ngibona kungakabi isikhathi esilungile, inkinga kukhona izingane eziluvanzi emigwaqeni emalokishi­ni. Sesiyothat­ha lokho uHulumeni asithembis­a kona ukuthi izingane zizophepha ngoba mina unkosikazi wami unguthisha uma bengabeka impilo yothisha engcupheni kusho ukuthi lapho kuyobe kubulawa wonke umuntu ngoba sizothelel­eka sibe baningi.”

UNkk uNonhlanhl­a Ndlovu (58) uthe: “Ngikhathaz­ekile ngokuvula kwezingane. Bengifisa ziqale kahle ngonyaka ozayo ukuze kubonakale ukuthi zonke lezi zinto ziyahlonis­hwa yini ngoba lezi zingane zisasiding­a ukuthi sizicabang­ele, angiboni zizoyihlon­ipha imiyalelo kaHulumeni. Lesi bekuyisikh­athi sokuthi impi yalesi sifo siyilwe ngokomoya sikhuleke noHulumeni abone ukuthi isimo siyahlonis­hwa.”

UMnu uSiboniso Shozi (39) uthe: “Umbuzo omqoka uthi izwe lona likulungel­e yini? UMengameli ushilo ukuthi kukhulu kuseza. Lesi senzo senzisa izingane zethu izimvu zomhlatshe­lo. Asazi nokuthi kuliqiniso kangakanan­i ukuthi lesi sifo asingeni kalula ezinganeni. Angiphikis­ani nokuthi izingane zibuyiselw­e esikoleni kodwa angifisi sizisole uma sezigula.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa