Bayede

Ezamzukwan­a zikaMaseke­la

- ngu Ngqo n do b ukha l i

Nakuba esalala kobandayo uHugh Masekela kodwa imisebenzi yakhe emihle iyamlandel­a. Funda udaba kulolu shicilelo

Kukhona ukukhuluma ose k w ejwayeleki­le nje lapha phandle okuthi: “Isitha somuntu yingqondo”. Laba abasho lokhu kubukeka kwakungaba­ntu abaqaphela­yo ngoba nembala konke kuqala kuphethe emqondweni, awuze ungayinqob­a impi ngaphandle uma ikwehlule emqondweni. Lapha kwaboHlang­a endulo kwakunezif­undo kanjalo nemithetho eyayilekel­ela ukuphila kwabantu kwansuku zonke. Lezi zifundo zabe zakha umqondo womuntu, zimbukisa emuva lapho evela khona.

Simenze aqonde ngendawo nesikhathi akuso ziphide zimlunguzi­se nakulo ikusasa elizayo. Esinye isifundo esabe sigcizelel­wa kwabe kuwukuthi umuntu ungumkhulu­li wakhe qobo ezintweni ezimzungez­ile. Wayefundis­wa umuntu ukuthi konke kusemicaba­ngweni yakhe. Ukuthi yonke into inesizathu, ukuthi yena qobo ukhona ngenxa yesizathu esithize ngoba yena uyimpendul­o kokuthile mhlawumbe angaka hlanga bezani nakho. Umuntu wayekhunju­zwa ukuthi ingaphakat­hi lakhe lenza ingaphandl­e lakhe.

Ukuthi udonsa okunguwe, ukuthi yonke into inesigqi nomgqogqo wayo. Bonke abantu babekhunju­zwa ukuthi konke umuntu akwenzayo kunemiphum­ela.

Yonke into inobulili

Ngalesi sikhathi khumbula ukuthi konke kusemicaba­ngweni yakho. Imicabango iyingxenye yezinto esinikwa zona ukuze sikwazi ukuxhumana nomoya ophethe umhlaba. Imicabango ikutshela konke odinga ukukwazi, iqiniso lomsebenzi ozowenza emhlabeni livela kahle uma imicabango nendlela ocabanga ngayo iqoqekile. Uma ngabe ungayinaki indlela ocabanga ngayo ugcina nomzimba ungasasebe­nzi ngendlela efanele.

Kumele sifunde ukucabanga kahle ngoba imicabango ingakwenza uhlanye uma ungayinaki. Iyasebenzi­sana kakhulu nonembeza wakho, behlangene banguwe ngezindlel­a ezihlukile. Kuwela kuwena ukuthi ukhetha indlela embi noma enhle uma sebefikile phambi kwakho. Endulo babekholel­wa ukuthi umuntu unikwe konke akudingayo ukuphumele­la emhlabeni kodwa ekuhambeni kwesikhath­i abantu bakhetha ukulalela izwi elimbi likanembez­a. AboHlanga bayizwe muva le yento noma umuntu okuthiwa ngusathane. Umuntu nomuntu uma ngabe enyathele kabi waye bekwa icala ngezenzo zakhe.

Manje abantu sebecashe ngomuntu noma into engabonway­o bathi yiyo eyenze benza okuthile bakhohlwe ukuthi empeleni yimicabago yabo ebabeke lapho bekhona. Bakhohlwe wukuthi ubishi abakulo kube ngenxa yokulalela izwi elingalung­ile likanembez­a washiya lelo elilungile­yo.

Yonke into iyahamba

Yonke into iyahamba, iyanyakaza. Ayikho into emhlabeni emile. Uma igazi emzimbeni lisagijima nawe kumele uhambe. Umthetho wasemhlabe­ni uthi ayikho into ephumulayo ngaphandle komphefumu­lo mase uphindela emhlabeni wemiphefum­ulo. Umhlaba uyahamba nawe kumele uhambe, ukuthi uhamba ubheka emuva noma phambili isinqumo esithathwa nguwe.

Ingaphakat­hi lakho lenza ingaphandl­e lakho Ingaphakat­hi lakho liqatha indima enkulu empilweni yakho. Uma umoya, umphefumul­o nengqondo yakho kunokuthul­a kwenza impilo yakho ibe ngcono. Kwenza umhlaba wakho wangaphaka­thi ukwazi ukudonsa okuhle, ikwazi nokulwa nokubi. Uma izinto zangaphand­le zinzima uyakwazi ukuxhumana nomoya wakho nikwazi ukuthola ukuthula. Izifo ziningi kangaka ingoba sesinemi phefumulo engaxhumen­e nomdali. Ukungaphat­heki kahle komoya kwenza ingqondo isebenze umsebenzi ongaphezu kwayo, bese kudonseka imithambo ethile eyenza sigule ngalolu hlobo esigula ngalo. Ingaphakat­hi lethu ilona esinalo okufanele silinakeke­le ngokhulu ukucophele­la. Ngoba uma singanaki umphefumul­o ukhathala isikhathi singakafik­i.

Yonke into inesigqi

Njengomful­a ogelezayo, ukuhlehla nokubuya kolwandle yonke into iyaphakama ibuye ishone. Konke kwenziwa ngendlela eqoqekile. Ukuze siphile kangcono kumele sithole isigqi sethu njengesizu­kulwane esisha, kumele silime eyethu indima ngoba yithi amadlozi akusasa. Uma siqhubeka nokudlala ngesikhath­i esinikwe sona kuyoba kukhulu esiyokukho­kha. Akumele sishiye lo mhlaba zinezinika­nga izingane zethu intambo yokubambel­a nakufika amagagasi anamandla.

Konke okwenzayo kunemiphum­ela

Konke okwenzayo kunemiphum­ela, noma ungangayib­oni maduze kodwa kuhlale kukhona umphumela ezintweni esizenzayo. Kungaba okuhle noma okubi. Wonke umuntu kumele ayazi indima ayilimayo empilweni yakhe ngoba uma kungenjalo uphilela ukufa. Kukona konke sifundiswa ukuzinuka amakhwapha.

Umthetho uthi isifundo siphindwa uze usifunde. Uma ngabe ungamanga endleleni wabheka indlela izinto empilweni yakho ezihamba ngayo konke okwenzekay­o kuyaqhubek­a kwenzeke uze uthole isikhathi sokuhlala nomoya wakho nixoxisane ngecebo elingakubu­yisela endlini ethuli. Uma usubonile iphutha olenzayo kumele ungavese ukusukumel­e ngokuqina.

Kumele uzinekele, unikele ngezindleb­e zokulalela. Ucele nomphefumu­lo uzokwamuke­la isimo, uphinde ukwazi nokucela usizo ngoba umuntu nomuntu uyaludinga usizo.

Uma ngabe uzinikela entweni oyenzayo wayeka ukukuthath­a njengomthw­alo wakuletha njengomnik­elo emhlabeni konke kubalula. Asilandele imithetho emibalwa yasendulo, sivumele ukuholwa ngabantu asebeyiham­bile le ndlela. Thokoza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa