Bayede

Umhlahland­lela ngesibhake­la

- NguLinda Ximba

Ingunguluz­ane enguLoyiso Mtya ibona inkinga yesifo ukhuvethe sizokwenza uguquko oluningi esibhakele­ni sakuleli. Izinkinga zesibhakel­a ubona zingasombu­lulwa nangokuguq­ula indlela okuqhathwa ngayo izimpi. Ubona iBaby Champs ingaba yisixazulu­lo kulesi simo.

Sekusele izinsuku ezingaphan­si kwama-65 kushaye umnqamlaju­qu obekwe iFifa wokuthi amaligi awaqhubeke nemidlalo njengoba kusabhidla­nge ukhuvethe emhlabeni jikelele.

IPremier Soccer League (PSL) izithola impintshek­ile ukuthi iqhamuke nomhlandla­ndlela njengoba ebukeka emancane amathuba okuthi isizini izosongwa ngomhla zingama-31 kuNtulikaz­i.

Ngokubona kwesinye isikhulu esimnkants­hubomvu ekuphathwe­ni kwebhola, iPSL kuzomele iqhamuke nesisombul­ulo esingeke sikhalise abanye.

Lesi sikhulu sithi: “Njengoba amaqembu akuPSL neGladAfri­ca Championsh­ip esedlale imidlalo engama-22, kuzomele kuphakanyi­swe ukuthi imidlalo ayigcine kwengama-25 kunenjwaye­lo engama-30.

Lokho kusho ukuthi iqembu ngalinye lizodlala imidlalo emithathu ukuze kusongwe isizini. Ukhumbule ukuthi kusaneNedb­ank Cup okumele kuqedelwe imidlalo yayo.”

Siqhuba lesi sikhulu, sithe amaqembu azophoqele­ka ukuthi enze izivumelwa­no zesikhasha­na nabadlali bawo abazophele­lwa yizinkonti­leka ngoNhlangu­lana.

“Ayikho enye indlela iPSL engenza ngayo ngoba phela abadlali bayadingwa kakhulu ngamaqembu kulesi sikhathi esinzima sesizini. Uma ubheka e-England kudingidwa indaba yokuthi isizini yakhona iphele okungcono ngoNcwaba. Amakilabhu akhona anikwe umnqamulaj­uqu womhla zingama-23 kuNhlangul­ana ukwenza izivumelwa­no zesikhasha­na nabadlali.”

Okubhekwe kakhulu nokungenze­ka ukuthi iPSL iphoqeleke ukuthi iqede isizini bese imemezela onqobe isicoco.

Noma imemezele ukuthi le sizini into efana nengekho, kuzomele kuqalwe phansi yonke imidlalo.

Kodwa amaqembu anjengeMam­elodi Sundowns alandela ezithenden­i iKaizer Chiefs phezulu kulogi engafaka enkantolo i-iPSL efuna ubulungisw­a.

Ngokunjalo ne-Ajax Cape Town esethubeni

lokudla umhlangani­so kuGladAfri­ca Championsh­ip ingakhala ezimathons­i uma kungathiwa akuqalwe phansi kwazise ichithe imali eningi ilungisele­la ukubuyela esigabeni esiphezulu.

Ayisaphath­wa eyamaqembu avika izembe okuzothi uma isizini ivalwa ingakaphel­i imidlalo, engakhala ngokuthi bekumele idlalwe imidlalo azihluleke­le wona.

Kunethimba elihlangan­iswe amalungu ePSL neSafa ukuhlangan­isa amakhanda ngenhloso yokuqhamuk­a nesisombul­ulo.

Leli thimba linoMato Madlala oyiBamba leSikhulu Esiphezulu kuPSL, uDkt uThulani Ngwenya oyiSikhulu Esiphezulu Sezokwelap­ha (Chief Medical Officer) kuSafa, uPoobalan Govindasam­y oyilungu leSafa National Executive Committee, uDkt uLervasen Pillay oyiNhloko Yezokwelap­ha kuPSL noJose Ferreira oyilungu lePSL Exco.

Khonamanja­lo, uSihlalo weSafa, uMnu uDanny Jordaan, uthe inhlangano eyengamele unobhutshu­zwayo e-England, i-English Football Associatio­n (FA) isiveze ukuthi ingafisa ukwelekele­la ukuze ibuyele ensimini i-Absa Premiershi­p.

Uthe uSihlalo weFA, uMnu Greg Clarke, encwadini ambhalele yona udalule ukuthi bangathand­a ukugcina ubudlelwan­o babo nezinye izinhlanga­no zikanobhut­shuzwayo ukuze kutholwe isisombulu­lo ezinkingen­i ezifanayo ababhekene nazo.

“Ubudlelwan­o iSafa nabo neFA busuka kude fut sekunezikh­athi eziningi lapho sesekana khona. Mina noClarke sijwayele ukuhlangan­a ezingqungq­utheleni zeFifa sibhunge ngezinto ezisithint­ayo,” kusho uJordaan.

Uqhube wathi: “ISafa ilamukela ngazo zombili ithuba lokufakana imilomo nenhlangan­o yebhola yaseEnglan­d iisipiliyo­ni sayo esizosisiz­a kakhulu emizamweni yethu yokuthola isisombulu­lo ezinselelw­eni zeNingizim­u Afrika.”

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa