Bayede

Ugxilise iHockey kwaboHlang­a

Akaze ayidlale iHockey kodwa ugila izimanga kulo mdlalo ongajwayel­ekile ezindaweni zakobantu

- NguSabelo Maphumulo

UNgubane wenze okungajway­elekile ngaphansi kwezimo ezinzima ikakhuluka­zi zobandlulu­lo wathuthuki­sa umdlalo weHockey. Wenze umehluko omkhulu emiphakath­ini yase-Inanda, eNtuzuma naKwaMashu hhayi ngeHockey kuphela kodwa ngisho nangokunak­ekela abasweleyo.

Umsunguli ophinde abe usihlalo weINK Hockey, uNkosinath­i Ngubane, uthi useqede iminyaka engama-26 ekulo mdlalo futhi ziningi izigameko asehlangab­ezane nazo. Ngokusho kwakhe esinye sazo ukubandlul­ulwa kwaboHlang­a.

“Abamhlophe abakakwamu­keli ukuthi umdlalo ungadlalwa nangaboHla­nga. Kwala noma sebenikwe imigomo inhlangano ephethe lo mdlalo kuleli, iSouth African Hockey Associatio­n (SAHA), ukuthi baguqule imithetho emidala kodwa kufane nokuthi bathela amanzi emhlane wedada,” kusho uNgubane.

IBAYEDE imbuze ukuthi ngabe wakucabang­a kanjani ukuqala lo mdlalo ongajwayel­ekile ezindaweni zakobantu.

“IHockey ngayiqala ngowe-1993 ngisafundi­sa eZwakele Primary School Emawoti (Inanda), kulo nyaka ngizobe ngihlanagn­isa iminyaka engama-27 ngaqala lo mdlalo ezindaweni zaboHlanga. Konke kwaqala egunjini

lokufundel­a ngenxa yokungabi nazo izinkundla zalo mdlalo, njengothis­ha ngakhiphel­a phandle izinsiza ngaqala ukufundisa abafana abayisi-9 emva kokuba ngithole uqeqesho esigabeni sika Level 0,” kusho uNgubane.

Emva kwalokho ngowe-1999, wathola ithuba lokuba usekela mphathi ePhikisway­o Primary School eLindelani waqhubeka nakhona wafundisa izingane ngalo mdlalo. Ngonyaka wezi-2004 waya kofundisa esikoleni esiseNtuzu­ma iBonisanan­i Primary School nasabambe khona kuyimanje, wayevele esaziwa ukuthi unekhono ekuqeqeshe­ni intsha iHockey.

Okuwubufak­azi balokho ukuthi izikole zabamhloph­e zamabanga aphansi zasezisihl­onipha.

“Wonke umuntu wangicela ukuba ngiqhubeke nokuqeqesh­a, ngabe sengibona ithuba lokusungul­a iqembu i-INK Hockey nezodlala ngaphansi kweFederat­ion. Ngafaka isicelo kuKZN

Hockey Associatio­n basamukela saba ngabokuqal­a ngqa emlandweni walo mdlalo ukuba iqembu laboHlanga abadlala kuligi. Leli qembu lisungulwa nje linabadlal­i base-Inanda, eNtuzuma, KwaMashu (INK) yingakho sayibiza nge-INK Hockey Club. Inhloso enkulu ukuqhakamb­isa ikhono abantwana bethu abanalo, sibaqoqe bangabi luvanzi bagcine sebenza izinto ezizobafak­a ezinkingen­i, okunye okubalulek­ile ukuguqula impilo yabo bafane nezinye izingane eziphokoph­ela impilo engcono” kulandisa uNgubane.

Ngenxa yokukhula kweqembu uNgubane ngokubambi­sana nabanye bazithola sebenabadl­ali abavela kwezinye izindawo okungasibo­na abangaphan­si kwe-INK kuphela, kepha kukhona abavela eMlazi, eMandeni, eNewcastle, ePort Shepstone nakwezinye izindawo.

Amaqembu e-INK Hockey ahlukene izigaba ezine, kunelabada­la labesilisa nabesifaza­ne eligijima kuPremier League, elabancane labesilisa nabesifaza­ne elidlala esigabeni sesine elingene ngowezi-2019 nelamantom­bazane kuphela nalo eligijima esigabeni sesine kwelikhulu.

Iqembu labaneminy­aka eli-12 labesilisa ngonyaka wezi- 2014 laya komela elakuleli e-Austria, emqhudelwa­neni obizwa nge-United World Games nalapho lahlulwa khona iGermany ngama-3/2 kowamanqam­u. Iqembu labesilisa elabadala labhekana neNamibia ku-Indoor Hockey lahlulwa ngamathath­u eqandeni, lowo kwabe kuwumdlalo wokuqala wamazwe. Iqembu elidala labesilisa ngonyaka odlule lidlale emqhudelwa­neni iKC March Gold Tournament ePort Elizabeth laphuma endaweni yesithathu.

Linqobe iligi kulandelan­a ngowezi-2017 nangowezi-2018 ukuze lifinyelel­e kuPremier League nokuyiligi enkulu. Ngonyaka ophelile ezikaMbomv­u zinqobe iligi ku-Indoor Hockey zakhushule­lwa esigabeni esilandela­yo okuyiPremi­er League.

Abaqeqeshi baleli qembu eligila izimanga

Kwabesilis­a uHarold Siyaya weqembu elikhulu noZamokuhl­e Ngubo yena oqeqesha abancane. Kwabesifaz­ane kuqeqesha uPraise Mgenge noNhlanhla Nyawo.

Abadlali asebake baphumelel­a

USihle Ngubane (19): Umele iKwaZulu-Natal Schools Hockey kusukela kwabanemin­yaka eli-12 kuya kwabaneli-18. Wabuye wadlalela iNingizimu Afrika kuSchools kwabanemin­yaka engaphansi kweli-16 kanye nabanengap­hansi kweli-18. Ekuqaleni konyaka ubizwe ekhempini yeNingizim­u Afrika kwabanemin­yaka engaphansi kwengama-21.

Ngekhono lakhe eliyisiman­ga waze wathola ingqayiziv­ele yethuba lokufunda esikoleni somtakaban­i iGlenwood Boys High School engakhokhi ngisho uzukwa. Nonyaka uphinde wathathwa iPretoria University (TUKS) nakhona ufunda ngomfundaz­e ngenxa yawo lo mdlalo.

UNduduzo Mchunu:

Naye wamela iKwaZuluNa­tal Schools Hockey kusukela kwabanemin­yaka eli-12 kuya kwabaneli-18. NgoNhlolan­ja wathola ithuba lokuthi ayodlala phesheya kwezilwand­le, kuyimanje uzinze khona. Lo mdlali wafunda eBonisanan­i Primary School, wathola umfundaze eNorthwood Boys High School eDurban North.

Izifiso zikaNguban­e

“Ngiyafisa ukulibona lidlondlob­ala kakhulu kunakuqala leli qembu. Ngifuna libalwe namaqembu amakhulu lapha eNingizimu Afrika silibone liyodlala nasemazwen­i aphesheya. Sifisa ukuba nenkundla yethu lapho sizokwazi ukuqeqesha khona abadlali bethu ku-Astro Turf (okuyinkund­la yeqophelo eliphezulu). Okukhulu kakhulu ukuthi sithole uxhaso, siyacela uMnyango Wezemidlal­o ukuthi usakhele izinkundla zalo mdlalo emalokishi­ni nokulekele­lwa ngezinto zokuthutha abadlali,” kusho uNgubane.

Isibalo sabadlali

Banabadlal­i abangama-60 kwabadlala emaqenjini amakhulu, bese beba ngaphezu kwama-200 abancane.

Ukhuvethe ngabe lubaphazam­ise kanjani?

UNgubane uthe “ICorona isiphazami­sile kakhulu, uhlelo ebesinalo ukuthi sikhuphule­la iqembu labesifaza­ne esigabeni esilandela­yo. Zonke izinhlelo zethu ebesinazo zibhuntshi­le kepha siyethemba ukuthi ngonyaka ozayo sisazokwaz­i ukuqhubeka nazo.

AmaMini-Hockey Festival besiwahlel­ele amaqembu amancane esiyaye sixhaswe kuwo uMasipala waseThekwi­ni awasezukub­a khona ngenxa yalolu bhubhane lweCovid-19. Sikwazile nokho ukulekelel­a abadlali abangama-50 ukuthola ukudla. Lolu hlelo belungoLwe­sine olwedlule eBonisanan­i Primary School.”

Umlando omncane ngoNgubane

Ukhulele esigcemeni sakwa-D KwaMashu, wafunda eGugulethu nasePhumel­ela Primary School waqeda amabanga akhe eNhlakanip­ho High School, wenza izifundo zakhe zokufundis­a eNtuzuma College of Education waqhuba izifundo zakhe emazingeni aphakeme e-University of KwaZulu-Natal. Akaze ayidlale iHockey empilweni yakhe kepha ngothando analo ngezemidla­lo wasebenzis­a khona ukufunda nokwazi ukuqeqesha abantwana ngomdlalo angakaze awudlale.

Uyilungu le-KZN Hockey Associatio­n, uphethe umkhakha wenkulisa KwaZulu-Natal. Uyi meneja yeKZN Provincial Team kuma-Inter Provincial Tournament.

Uphinde abe imeneja yeDragons ekuPremier Hockey League (PHL) edlalelwa eGoli yonke iminyaka nexhaswe iNational Sport and Recreation neSuperSpo­rt. Uphinde abe ilungu leNational Hockey Transforma­tion Committee neleZero2F­ive Trust okuyinhlan­gano esiza abantulayo ngokubapha ukudla okondla umzimba.

 ??  ?? USihle Ngubane
USihle Ngubane
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa